Angisafuni Ukuphila—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?
Impendulo yeBhayibheli
Yebo! IBhayibheli lingakusiza ngoba livela ‘kuNkulunkulu oduduza labo abadangele!’ (2 Korinte 7:6) Nakuba lingeyona incwadi yezifo zengqondo, liye lasiza abaningi ukuba banqobe imizwa yokuzibulala. Iseluleko salo singakusiza nawe.
IBhayibheli linganginikeza yini iseluleko esingangisiza?
● Tshela abanye ukuthi uzizwa kanjani.
Okushiwo iBhayibheli: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.
Incazelo: Siyaludinga usizo lwabanye abantu lapho sizizwa sicindezelekile.
Uma ungabatsheli abanye ukuthi uzizwa kanjani, uyothwala kanzima, kodwa uma ubatshela ungase uzizwe usungcono, uqale nokubona izinto ngelinye iso.
Zama lokhu: Khuluma nothile namuhla. Ungaxoxa nelunga lomndeni noma umngane omethembayo. a Ungayibhala naphansi indlela ozizwa ngayo.
● Thola usizo lodokotela.
Okushiwo iBhayibheli: “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.”—Mathewu 9:12.
Incazelo: Kufanele sifune usizo lapho sigula.
Uma ucabanga ngokuzibulala, lokho kungaba izinkomba zokuthi unesifo esithile sengqondo noma esokuphazamiseka kwemizwelo, futhi akumelwe ube namahloni njengoba nje ungabi nawo lapho ugula. Ziyelapheka izifo zengqondo nezokuphazamiseka kwemizwelo.
Zama lokhu: Zama ukuthola usizo lukadokotela ngokushesha ngangokunokwenzeka.
● Khumbula ukuthi uNkulunkulu uyakukhathalela.
Okushiwo iBhayibheli: “Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo? Nokho akukho nowodwa kubo olibalekayo phambi kukaNkulunkulu. . . . Ningesabi, nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.”—Luka 12:6, 7.
Incazelo: Ubaluleke kakhulu kuNkulunkulu.
Ungase ucabange ukuthi akekho onendaba nawe, kodwa uNkulunkulu uyayibona inhlupheko yakho. Uyakukhathalela—ngisho noma wena usufuna ukufa. IHubo 51:17 lithi: “O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyidelele.”
Zama lokhu: Hlola ubufakazi obuseBhayibhelini bokuthi uNkulunkulu uyakuthanda. Ngokwesibonelo, bheka isahluko 24 sencwadi esiza ekutadisheni iBhayibheli ethi Sondela KuJehova.
● Thandaza kuNkulunkulu.
Okushiwo iBhayibheli: ‘Phonsa zonke izinkathazo zakho kuNkulunkulu, ngoba uyakukhathalela.’—1 Petro 5:7.
Incazelo: UNkulunkulu ukucela ukuba ungamfihleli lutho, umtshele konke okukusindayo.
UNkulunkulu angakunika ukuthula kwangaphakathi namandla okuqhubeka nempilo. (Filipi 4:6, 7, 13) Ubasekela ngale ndlela abathandaza kuye ngobuqotho becela usizo.—IHubo 55:22.
Zama lokhu: Thandaza kuNkulunkulu namuhla. Mbize ngegama lakhe elithi, Jehova, umtshele indlela ozizwa ngayo. (IHubo 83:18) Mcele akusize ube nesifiso sokufuna ukuqhubeka uphila.
● Zindla ngezithembiso zeBhayibheli ngekusasa.
Okushiwo iBhayibheli: “Leli themba sinalo njengehange [lokuphila kwethu], liqinisekile liqinile.”—Hebheru 6:19.
Incazelo: Indlela ozizwa ngayo ingase iguquguquke okomkhumbi oya phansi naphezulu ngenxa yesivunguvungu, kodwa ithemba elitholakala eBhayibhelini lingakwenza uzinze.
Lelo themba akulona iphupho. Kunalokho, lisekelwe esithembisweni sikaNkulunkulu sokususa izimbangela zokuhlupheka kwethu.—IsAmbulo 21:4.
Zama lokhu: Funda okwengeziwe ngaleli themba elitholakala eBhayibhelini esahlukweni 5 sencwadi ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
● Yenza okuthile okujabulelayo.
Okushiwo iBhayibheli: “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle.”—IzAga 17:22.
Incazelo: Lapho senza izinto ezisijabulisayo, singazizwa singcono nokucindezeleka kudambe.
Zama lokhu: Yenza okuthile ovame ukukujabulela. Ngokwesibonelo, lalela umculo ovuselelayo, funda okuthile okukhuthazayo, noma wenze umsebenzi othile owujabulelayo. Uyojabula nakakhulu usiza abanye ngokubenzela okuthile, ngisho noma kukuncane.—IzEnzo 20:35.
● Nakekela impilo yakho.
Okushiwo iBhayibheli: ‘Ukuqeqesha umzimba kuyazuzisa.’ 1 Thimothewu 4:8.
Incazelo: Siyazuza lapho sivivinya umzimba, silala ngokwanele, sidla nokudla okunempilo.
Zama lokhu: Yithi ukuhamba hamba ngamandla, ngisho noma kuyimizuzu engu-15.
● Khumbula ukuthi imizwa nezinye izinto kuyashintsha ekuphileni.
Okushiwo iBhayibheli: ‘Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.’—Jakobe 4:14.
Incazelo: Inkinga ekwenza ucindezeleke—ngisho noma ibonakala ingenakulawuleka—kungenzeka ingeyesikhashana.
Ngisho noma isimo sakho sibonakala singathembisi okwanamuhla, kusasa singashintsha. Ngakho funa izindlela zokubhekana naso. (2 Korinte 4:8) Ngokuhamba kwesikhathi leso simo sakho esicindezelayo singashintsha, kodwa uma uzibulala ngeke uphinde uphile.
Zama lokhu: Funda eBhayibhelini ngabantu ababedumazeke kakhulu beze befisa ukufa, bese ubona indlela okwagcina sekushintshe ngayo ukuphila kwaba ngcono—ngokuvamile ngendlela ababebangakaze bayicabange ngaphambili. Cabanga ngezinye izibonelo.
Liyasitshela yini iBhayibheli ngabantu ababefisa ukufa?
Yebo. Empeleni, lisitshela ngothile owayethi akasafuni ukuphila. UNkulunkulu akazange amthethise, kodwa wamsiza. Angenza okufanayo nakuwe.
U-Eliya
● Wayengubani? U-Eliya wayengumphrofethi onesibindi. Kodwa naye wayeke azizwe edumele. UJakobe 5:17 uthi: “U-Eliya wayengumuntu onemizwa efana neyethu.”
● Kungani ayefuna ukufa? Kunesikhathi lapho u-Eliya wayesaba khona, ecabanga ukuthi uyedwa futhi uyinto engenamsebenzi. Ngakho wanxusa uNkulunkulu, ethi: “Jehova, susa umphefumulo wami.”—1 AmaKhosi 19:4.
● Yini eyamsiza? U-Eliya wakhipha ingonyuluka, watshela uNkulunkulu ngokumkhathazayo. UNkulunkulu wamkhuthaza kanjani? Wambonisa ukuthi uyamkhathalela, waveza nendlela anamandla ngayo. Wabuye wamqinisekisa ngokuthi usadingeka, wamnikeza nomuntu onothando, futhi owusizo.
▸ Funda ngo-Eliya: 1 AmaKhosi 19:2-18.
UJobe
● Wayengubani? UJobe wayeyindoda ecebile, ethanda umndeni wayo, futhi ikhulekela uNkulunkulu weqiniso.
● Kungani ayefuna ukufa? Ukuphila kukaJobe kwashintsha isigubhukane, wayesevelelwa izinto ezibuhlungu kakhulu. Walahlekelwa yiyo yonke ingcebo yakhe. Abantwana bakhe bafa enhlekeleleni. Wahlaselwa isifo esibuhlungu. Ekugcineni, wamangalelwa ngamanga ngendlela enonya, kuthiwa uzibangele ngokwakhe lezo zinkinga. UJobe wathi uyakuzonda ukuphila kwakhe futhi ufuna ukufa.—Jobe 7:16.
● Yini eyamsiza? Wathandaza kuNkulunkulu, futhi waxoxa nabanye abantu. (Jobe 10:1-3) Wakhuthazwa umngane onozwela, u-Elihu, owamsiza ukuba abheke isimo sakhe ngenye indlela. Ngaphezu kwakho konke, uJobe wamukela usizo neseluleko sikaNkulunkulu.
▸ Funda ngoJobe: Jobe 1:1-3, 13-22; 2:7; 3:1-13; 36:1-7; 38:1-3; 42:1, 2, 10-13.
UMose
● Wayengubani? UMose wayengumholi wama-Israyeli asendulo, futhi engumprofethi othembekile.
● Kungani ayefuna ukufa? UMose wayenomthwalo omkhulu kodwa egxekwa njalo, ngakho wazizwa ekhathele kakhulu. Wakhala kuNkulunkulu, ethi: ‘Ngicela ungibulale ngokuphelele.’—Numeri 11:11, 15.
● Yini eyamsiza? Watshela uNkulunkulu ukuthi uzizwa kanjani, ngakho uNkulunkulu wamsiza ngokunciphisa umthwalo wakhe ukuze ehlise lezi zinto ezazimcindezela.
▸ Funda ngoMose: Numeri 11:4-6, 10-17.
a Uma usukufuna ngamandla ukuzibulala kube kungekho muntu omethembayo ongaxoxa naye, shayela isikhungo sendawo sabafuna ukuzibulala usebenzisa inamba ye-hotline noma yosizo oluphuthumayo.