Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Ukufundisa Ingane Yakho Ukuphikelela

Ukufundisa Ingane Yakho Ukuphikelela

 “Angikwazi ukuyenza lento!” kusho indodana yakho ikhala. “Inzima! Iyangihlula!” Isifuna ukuphonsa ithawula ngoba yenza into eyithola inzima. Uyakuzonda ukubona ingane yakho ihluleka, kodwa ufuna ifunde ukubhekana nezinkinga. Ingabe kufanela ujahe ukuyisiza? Ingabe kufanele uyiyeke iphonse ithawula? Noma ungakwazi yini ukufundisa ingane yakho ukuphikelela?

Okufanele ukwazi

 Ukuphikelela kubalulekile. Lapho abazali befundisa ingane yabo ukuba ithuthukise amakhono ayo ngokusebenza kanzima, maningi amathuba okuba yenze kahle esikoleni, ijabule, ibe nempilo engcono futhi ibe nabangani abakahle. Ngokuphambene nalokho lapho abazali bevikela ingane ekubhekaneni nezinkinga noma nokwehluleka, maningi amathuba okuba izizwe icindezelekile, iyisehluleki futhi ingakujabuleli ukuphila uma isikhulile.

 Ukuphikelela kungaqiniswa. Ngisho nezingane ezincane kakhulu zingakwazi ukwenza imisebenzi enzima. Kolunye ucwaningo, abacwaningi bathola ukuthi izingane ezinezinyanga ezingu-15 zazizama kanzima ukwenza umsebenzi onzima uma okokuqala zibone umuntu omdala edonsa kanzima kulowo msebenzi kunokuba awenze kalula.

 “Ngikhumbula ngifundisa amantombazane ami ukubopha izicathulo. Ukubopha izicathulo akuyona into oyifunda ngosuku. Njalo lapho kufanele babophe izicathulo zabo babechitha isikhathi esingangemizuzu engu-10 kuya kwengu-15 bebodwa bezama ukukhumbula ukuthi ziboshwa kanjani. Bese ngiyabasiza. Kwathatha izinyangana futhi ngezinye izikhathi babekhala, kodwa bagcina bekwazi ukuzibopha. Ngangingenza ukuphila kwami kube lula ngokubathengela izicathulo ezingenazo izintambo. Kodwa ngezinye izikhathi, njengabazali kudingeka siphikelele uma sifuna ukufundisa izingane zethu ukuphikelela.”—UColleen.

 Ukuphikelela kungaba buthaka. Abanye abazali benganakile bangenza ukuphikelela kwezingane zabo kube buthaka. Kanjani? Lapho bezama ukusiza ingane yabo ukuba izethembe abanye abazali, bagijimela ekuyisizeni ukuba ingazizwa iyisehluleki. Kodwa le ndlela yokwenza izinto ayiyinhle ngaso sonke isikhathi. Umbhali wezincwadi uJessica Lahey uthi, “njalo lapho sivikela izingane zethu ekubhekaneni nezinkinga ezithile kunjengokungathi sithi ziyizehluleki futhi asizethembi ukuthi zingakwazi ukubhekana nalezo zinkinga.” a Uba yini umphumela? Esikhathini esizayo lapho zibhekene nezinkinga zingasheshe zidikile ngoba zazi ukuthi zidinga umuntu omdala ongazisiza.

Kunokuba ujahe ukuyisiza ingane yakho lapho yenza umsebenzi onzima, ungayifundisa ukuphikelela

Ongakwenza

 Khuthaza ukusebenza kanzima. Abazali bangafundisa izingane zabo ukuphikelela ngokuzinikeza imisebenzi efanelana neminyaka yazo. Ngokwesibonelo ojahidada bangasiza ngokubeka izimpahla zabo ezingcolile endaweni yazo nangokuqoqa amathoyizi. Esezihamba isikole zingasiza ngokubeka ukudla okuthengiwe endaweni yako, zisize lapho kuphakwa, zikhiphe umgqomo kadoti noma zisule lapho kuchitheke okuthile phansi. Ezineminyaka engaphezu kwengu-12 zinganikezwa imisebenzi enzinyana ehlanganisa ukuhlanza nokulungisa ekhaya. Izingane zingase zingakuthandi ukwenza imisebenzi yasekhaya ngaso sonke isikhathi, kodwa kuyazisiza uma abazali beqinisekisa ukuthi kunemisebenzi eziyenzayo ekhaya kusukela zisezincane. Zizuza kanjani? Zizofunda ukusebenza kanzima futhi lokho kuzozisiza zingaliphonsi ithawula lapho sekudingeka zenze imisebenzi enzima uma sezikhulile.

 Okushiwo iBhayibheli: “Kukhona inzuzo kuzo zonke izinhlobo zomsebenzi onzima.”—IzAga 14:23.

 “Ungazinikezi izingane umsebenzi ozomane nje uzigcine zimatasa. Akekho umuntu okuthandayo lokhu ngisho nengane ayikuthandi. Zinikeze umsebenzi wangempela ezingasiza ngawo. Uma ingane isencane, yinike umsebenzi wokudasida izindawo engakwazi ukufinyelela kuzo. Uma ugeza imoto yinike umsebenzi wokugeza izindawo engakwazi ukufinyelela kuzo. Bese uyayincoma ngokusebenza kwayo kanzima.”—UChris.

 Sebenzisana nengane yakho lapho yenza umsebenzi onzima. Ngezinye izikhathi izingane ziyashesha ukudikila ngoba zisuke zingazi ukuthi kufanele ziwenze kanjani umsebenzi othile. Lapho ufundisa ingane yakho ikhono elisha, zama lokhu okulandelayo. Qale wenze lowo msebenzi ingane ibe ibukele. Bese niwenza ndawonye. Ngemva kwalokho, vumela ingane iwenze yodwa lowo msebenzi, bese uyitshela izinto okufanele ithuthukise kuzo. Ekugcineni, vumela ingane yakho iwenze yodwa lowo msebenzi ngaphandle kokungenela.

 Okushiwo iBhayibheli: “Nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo.”—Johane 13:15.

 “Engikubonile ekuphileni kwami ukuthi thina njengabazali kufanele sibeke isibonelo esihle uma sifuna izingane zethu zikwazi ukuphikelela. Uma kukhona okuthile esifuna izingane zethu zikufunde, yithina okufanele sikwenze kuqala.”—UDoug.

 Siza ingane yakho yazi ukuthi noma ubani uyawenza amaphutha. Yixoxele ngezikhathi lapho nawe wehluleka ukwenza okuthile kodwa wangayeka. Ichazele ukuthi kuyinto ejwayelekile ukukuthola kunzima ukwenza izinto ezintsha nokuthi ingafunda emaphutheni ayo. Qinisekisa ingane yakho ukuthi ukwenza amaphutha akuyinciphisi indlela oyithanda ngayo. Njengoba imisipha iqiniswa ukusebenza, ukuphikelela kwengane yakho kuzoqina lapho uyivumela ukuba ibhekane nezinkinga. Lapho ingane yakho ibhekene nenkinga ethile, kunokuba ungenelele ngokushesha, yinikeze isikhathi sokuba izixazululele yona leyo nkinga. Incwadi ethi How Children Succeed ithi: “Indlela engcono kakhulu esiza ingane ibe umuntu ozinzile ukuzama ukwenza into okunamathuba amaningi okuba yehluleke kuyo.”

 Okushiwo iBhayibheli: “Kuhle lapho umuntu ebhekana nobunzima ebusheni bakhe.”—IsiLilo 3:27.

 “Izingane ziyazuza lapho abazali bezivumela zibhekane nobunzima obuthile zibe zazi ukuthi baseduze ukuze bazisize. Ngemva kwesikhathi esithile, lobo bunzima buzodlula futhi zizofunda ukuphikelela nokuthi kuyasiza.”—UJordan

 Ncoma umzamo, hhayi ukuhlakanipha. Ngokwesibonelo, kunokuba uthi, “Wenze kahle kulesiya sivivinyo! Ave uhlakaniphile,” ungase uthi, “wenze kahle kulesiya sivivinyo! Ufunde ngokuzikhandla. Ngiyaziqhenya ngawe.” Kungani kubalulekile ukuncoma umzamo kunokuncoma ukuhlakanipha? Ekhuluma ngokuncoma ukuhlakanipha kwezingane, u-Dr Carol uthi: “Lokho kwenza izingane zizingabaze ngokushesha nje lapho zibhekana nobunzima noma lapho kungahambi ngendlela ebezicabanga ngayo.” Ube esethi, “okungcono kakhulu abazali abangakunikeza izingane zabo ukuzifundisa ukungazibalekeli izinkinga, zifunde emaphutheni, zikuthande ukusebenza kanzima, zizame izindlela ezintsha zokwenza izinto futhi ziqhubeke zifunda izinto ezintsha. Uma benza kanjalo, izingane zabo ngeke zibuswe ukufuna ukunconywa.” b

 Okushiwo iBhayibheli: ‘Umuntu uvivinywa ukudunyiswa akutholayo.’—IzAga 27:21.

a Kuthathwe encwadini ethi, The Gift of Failure.

b Kuthathwe encwadini ethi, Mindset.