Dlulela kokuphakathi

Ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla: oDadewethu uSilaeva noShamsheva kanye naBafowethu uKhokhlov noZhinzhikov besenkantolo ngo-Okthoba 28, 2020

OKTHOBA 28, 2020
ERUSSIA

INkantolo YaseRussia Isisekelile Isigwebo Esinikezwe Abafowethu Ababili Nodadewethu Ababili

INkantolo YaseRussia Isisekelile Isigwebo Esinikezwe Abafowethu Ababili Nodadewethu Ababili

Ngo-Okthoba 28, 2020, iNkantolo Yesifunda YaseBryansk isisekelile isigwebo esinikezwe uMfoweth’ uVladimir Khokhlov no-Eduard Zhinzhikov kanye noDadeweth’ uTatyana Shamsheva no-Olga Silaeva. Izigwebo zabo bezisukela kwesiwunyaka kuya onyakeni nezinyanga ezintathu bedonsa ejele. Nokho, ngenxa yokuthi baqale badonsa esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala labo, akuzange kudingeke baphinde badonse isigwebo esengeziwe ejele. Ngenxa yesinqumo sanamuhla, laba bafowethu nodadewethu sebenerekhodi lokuba yizephulamthetho ezalahlwa yicala. Noma kunjalo, bajabule ngokukhululwa kwabo. Abashushisi abanayo imvume yokufaka isicelo sesigwebo esiqine kakhulu kunalesi.

Ngaphambi kokuba bagwetshwe, abafowethu base bedonse izinsuku ezingu-316 esitokisini kanti odadewethu bona ezingu-245. Ngemva kokukhululwa, odadewethu kwaxoxwa nabo engxoxweni eyayizovela eMbikweni WeNdikimba Ebusayo Ka-2020 #5. Baveza ukuthi ukuthandaza, ukufunda iBhayibheli nokulondoloza umoya wokubonga kwabasiza bakhuthazela ngenjabulo.