Dlulela kokuphakathi

Laba bafowethu nodadewethu abayishumi, kanye nabanye abangu-8, baboshwa ngokungemthetho base bevalelwa ejele eRussia ngokusho kwethimba longoti bamalungelo abantu le-UN: u-Andrey Magliv, u-Igor Egozaryan, uRuslan Korolev, uVladimir Kulyasov noValeriy Rogozin (ngenhla, ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla); uValeriy Shalev, uTatyana Shamsheva, u-Olga Silayeva, u-Aleksandr Solovyev noDenis Timoshin (ngezansi, ukusuka kwesobunxele kuyakwesokudla)

MEYI 18, 2020
ERUSSIA

IRussia Yephule UMthetho Wamazwe Omhlaba Ngokubopha OFakazi BakaJehova Abangu-18, Kusho Ithimba Longoti Be-UN

IRussia Yephule UMthetho Wamazwe Omhlaba Ngokubopha OFakazi BakaJehova Abangu-18, Kusho Ithimba Longoti Be-UN

Ithimba longoti bamalungelo abantu elisebenzela i-United Nations (UN) likhiphe usomqulu onamakhasi angu-15 lapho bephethe khona ngokuthi iRussia yephula umthetho wamazwe omhlaba ngokubopha nangokuvalela ejele oFakazi BakaJehova abangu-18 emadolobheni ahlukahlukene kusukela ngoMeyi 2018 kuya kuJulayi 2019. Leli thimba liphethe ngokuyala ukuba labo Fakazi ababoshiwe badedelwe ngokushesha nangaphandle kwemibandela.

Ikhophi yokuqala yalo somqulu oveza uvo lwaleli thimba yakhishwa ngoMeyi 15, 2020. Uhlelo lwawo lokugcina luzokhululwa kuyiwebusayithi ye-UN maduzane.

Sekungokwesithathu kulo nyaka odlule ukuba leli thimba, i-Working Group on Arbitrary Detention, likhiphe isinqumo esinjengalesi esivuna amakholwa esikanye nawo. Embonweni wayo wamuva, i-Working Group izigxekile izenzo zeRussia eziningana nezenziwa obala zokuphatha kabi abafowethu nodadewethu.

Lapho ikhuluma “ngokusebenzisa amandla okweqisayo” kweziphathimandla lapho zibopha oFakazi, i-Working Group iphethe ngokuthi “akunasizathu esizwakalayo esithethelela lezo zenzo zamaphoyisa” futhi yagcizelela nokuthi “akekho noyedwa [koFakazi] okwakufanele aboshwe, avalelwe esitokisini futhi akekho noyedwa okufanele avele enkantolo noma okufanele ngabe waquliswa icala.”

Leli thimba liwachitha ngokuphelele amacala okuthiwa awezenzo ezeqisayo ezenziwa oFakazi. Lithi abafowethu nodadewethu abenzanga lutho ngaphandle “kokusebenzisa ilungelo labo lenkululeko yokuba nenkolo.”

Kulo mbono oshicilelwe, labo ngoti bamalungelo bayazigxeka kakhulu nezindlela ezisetshenziswa enkantolo zokuqulisa abafowethu amacala. Ngokwesibonelo, ngesikhathi kulalelwa udaba lokuba kunwetshwe isikhathi abazosichitha esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala, abanye odadewethu ababili babevalelwe emakhejini enkantolo. Njengoba i-Working Group ichaza, umthetho womhlaba uthi bonke abantu banelungelo “lokubhekwa njengabangenacala kuze kube yilapho kuvela ubufakazi bokuthi banecala ngokuvumelana nomthetho.” Ngenxa yaleso sizathu, odadewethu kwakungafanele “baboshwe ngamaketanga emilenzeni noma bavalelwe emakhejini phakathi nokuqulwa kwecala noma kunikezwe isithombe enkantolo sokuthi bayizigebengu eziyingozi.”

I-Working Group ifuna ukuba iRussia iwesule amacala abo bonke oFakazi abangu-18 bese ibanxephezela ngokuvumelana nalokho okushiwo umthetho womhlaba. Ngaphezu kwalokho, izwe laseRussia licelwe ukuba “liqiniseke ukuthi kwenziwa uphenyo oluphelele nolungachemi endabeni yokuncishwa inkululeko kwabantu” bese “ibathathela izinyathelo ezifanele labo abangawahloniphi amalungelo [oFakazi].”

Lo mbiko uphawule nokuthi oFakazi abangu-18 “bayingxenye yenani elikhulayo loFakazi BakaJehova ababoshiwe eRussia, abavalelwe ejele nabamangalelwe ngamacala obugebengu ngenxa nje yokusebenzisa inkululeko yabo engokwenkolo,” okuyilungelo labo elivikelwe yisivumelwano samazwe omhlaba, iRussia nayo eyingxenye yamazwe asayine lesi sivumelwano. Ngakho, nakuba lo mbiko wamanje ugxile kubafowethu nodadewethu abangu-18 ababizwe ngamagama, i-Working Group ayizange igunce lapho iveza ukuthi ekutholile “kusebenza kubo bonke abanye abasesimweni esifanayo.”

Umyalo we-Working Group wokuba iRussia yenze okuthile awuqinisekisi ukuthi amacala abekwe abafowethu nodadewethu eRussia azosulwa bese bededelwa, kodwa kunethemba lokuthi kungase kwenze isimo sithi ukudamba. Silindele ukuzwa ukuthi iRussia izophendula ithini. Okwamanje, njengoba abafowethu nodadewethu eRussia bekhuthazelela ushushiso ngesibindi, siyazi ukuthi uBaba wethu onothando, uJehova, uzoqhubeka ebagcwalisa ngenjabulo nangokuthula ngenxa yokuthi bathembele kuye.—Roma 15:13.