Dlulela kokuphakathi

I-Hofburg Palace eVienna, indawo yoMkhandlu WaseYurophu Wezokuvikela Nokubambisana (OSCE)

AGASTI 11, 2020
ERUSSIA

Iziphathimandla Zase-U.S. NezaseYurophu Ziyayigxeka IRussia Ngokushushisa Kwayo oFakazi BakaJehova

Iziphathimandla Zase-U.S. NezaseYurophu Ziyayigxeka IRussia Ngokushushisa Kwayo oFakazi BakaJehova

I-United States namanye amazwe angu-30 aseYurophu akugxeke kakhulu ukushushiswa nokuhlukunyezwa kwabafowethu eRussia. Lokhu kugxekwa kweRussia amazwe omhlaba kwenzeke engqungqutheleni ebihlelwe uMkhandlu WaseYurophu Wezokuvikela Nokubambisana obizwa ngokuthi yi-Organization for Security and Co-operation in Europe (OSCE) Permanent Council * ngoJulayi 23, 2020.

Ekhuluma nezikhulu ebezihambele lo mhlangano, umeluleki wezepolitiki obambele ku-OSCEwethimba lase-U.S., uNksz. Lane Darnell Bahl, wathi: “I-United States nabanye abaningi abakhona kuleli hholo, sesiyivezile indlela esizizwa ngayo ngokuphathelene nokuseshwa kwemizi yoFakazi BakaJehova ngokungafanele, ukuboshwa kwabo nokuvalelwa kwabo ejele, ukugwetshwa kwabo iminyaka eze efinyelele kweyisithupha nokuhlukunyezwa kwabo yiziphathimandla zaseRussia, futhi sizoqhubeka sizigxeka lezi zenzo.”

Iziphathimandla zazikhathazeke kakhulu ngemibiko yamuva yokuthi iziphathimandla zaseRussia endaweni yaseVoronezhzangena ngendlov’ iyangena emizini engaphezu kweyikhulu yoFakazi BakaJehova zisosesha. “Izinga lokucindezelwa kwala malungu enkolo enabantu abambalwa abanokuthula liyashaqisa,” kusho uNksz. Bahl.

Isekela lomholi Wethimba Lase-United Kingdom (UK), uNksz. Nicola Murray, nalo lazwakalisa ukukhathazeka kwalo kokuthi “ukwanda kwezigameko zokusesha, kanye nokutheleka kwamaphoyisa emizini eminingi ngesikhathi esisodwa, kuveza isithombe sokuthi kunomkhankaso ohleliwe wokushushiswa koFakazi bakaJehova.” UNksz. Murray waqhubeka wathi: “Lokho okubizwa ngokuthi ‘ubufakazi’ okusetshenziselwa ukumangalela labo abaphenywayo nabaquliswa amacala kuhlangisa izinto ezijwayelekile phakathi kwabantu abangamalungu enkolo.”

Ngaphezu kwalokho, uNksz. Bahl wathi iziphathimandla zaseVoronezh zikhuluma imbudane uma zithi oFakazi ababoshiwe banecala lezenzo “zokwakha uzungu oluthile.” Lezi zenzo okukhulunywa ngazo zihlanganisa ukugcina imibiko namanye amafayela anemininingwane emishinini yobuchwepheshe, ukuhlela ukuhlangana ngamaqembu kanye nokusebenzisa ividiyo ukuba babe nemihlangano. UNksz. Bahl wathi le ncazelo enikezwa yiziphathimandla zaseRussia “ayinangqondo futhi iyihlazo.” Wathi: “Ngizisebenzisa nsuku zonke lezi zinto okuthiwa ‘ezokwakha uzungu.’” Waphinde waphawula wathi amalungu eThimba laseRussia ayexhume kulo mhlangano we-OSCE ngezobuchwepheshe kusho ukuthi nawo “anecala lokwenza zona lezi zinto ezibizwa ngokwakha uzungu.”

Esitatimendeni, * amazwe angu-27 angamalungu e-European Union (EU) athi: “Salizwa iThimba LaseRussia izikhathi eziningana likhuluma eMkhandlwini Wasikhathi Sonke (Permanent Council) lithi oFakazi BakaJehova banayo inkululeko yokukhonza ngendlela yabo nokuthi leyo nkululeko engokwenkolo noma yokukholelwa kokuthile iqinisekisiwe ezweni laseRussia. Nokho, siyaqhubeka sibona imibiko eminingi yokuhlaselwa kwemizi yoFakazi BakaJehova, ukuboshwa kwabo nokubekwa kwabo amacala. Lokhu kuphambene ngokuphelele nalokho okushiwo yiThimba LaseRussia.”

IThimba elimelela i-EU laphinde lathi: “Bonke abantu, kuhlanganise namalungu oFakazi BakaJehova, kumelwe bawasebenzise ngaphandle kokuhlushwa amalungelo abantu, ahlanganisa ilungelo lenkolo noma lokukholelwa kulokho umuntu akukhethayo, inkululeko yokuba nemihlangano enokuthula nenkululeko yokukhuluma, ngaphandle kokubandlululwa, njengoba la malungelo eqinisekiswa uMthetho-sisekelo wezwe laseRussia kanye nokuzibophezela kweRussia kuyi-OSCE ngaphansi komthetho womhlaba wonke.”

UNksz. Murray waphetha isitatimende sase-UK ngokuyala iRussia ukuba iyeke ukushushisa oFakazi BakaJehova.

UNksz. Bahl wanxusa iRussia ukuba: (1) iyeke ukuphenya oFakazi BakaJehova nokubabeka amacala, (2) iyeke ukuqhwaga izakhiwo zeNdlunkulu yoFakazi BakaJehova eziseRussia, nokuba (3) idedele ngokushesha bonke oFakazi ababoshiwe eRussia.

Akukhona okokuqula izinhlangano zomhlamba zigxeka iRussia mayelana nendlela ephatha ngayo abafowethu. IRussia inikezwe isixwayiso—izinhlangano zomhlaba zazi konke ngokushushiswa kwabafowethu nodadewethu ngonya kuleliya zwe. Okubaluleke nakakhulu, siyaqiniseka ukuthi uJehova uyakwazi lokho abafowethu nodadewethu abebhekene nakho eRussia. (IHubo 37:18) UBaba wethu wasezulwini onothando nakanjani uzoqhubeka ebabusisa ngokholo lwabo, isibindi nokukhuthazela kwabo.—IHubo 37:5, 28, 34.

^ par. 2 Omunye wemisebenzi ye-OSCE ukuvikela amalungelo abantu. UMkhandlu Wasikhathi Sonke obizwa ngePermanent Council yiwona owenza izinqumo ku-OSCE.

^ par. 7 Isitatimende sokugcina asikafakwa ku-inthanethi. Lesi sihloko sizofakwa ilinki uma lesi sitatimende sesitholakala.