Dlulela kokuphakathi

Umfoweth’ u-Anatoliy Tokarev nendodana yakhe, u-Andrey, umkakhe uMargarita nendodakazi uYekaterina

OKTHOBA 8, 2020
ERUSSIA

UMfoweth’ U-Anatoliy Tokarev Angase Agwetshwe Iminyaka Emithathu Nengxenye Ejele LaseRussia

UMfoweth’ U-Anatoliy Tokarev Angase Agwetshwe Iminyaka Emithathu Nengxenye Ejele LaseRussia

Usuku Lwesinqumo

Ngo-Okthoba 23, 2020, * inkantolo yase-Oktyabrsky eKirov kulindeleke ukuba yenze isinqumo ecaleni likaMfoweth’ u-Anatoliy Tokarev. Angase agwetshwe iminyaka emithathu nengxenye ejele.

Umlando

U-Anatoliy Tokarev

  • Wazalwa: Ngo-1958 (EBaranovskaya, esifundeni iKirov)

  • Umlando omfushane: Wakhuliswa ngumama wakhe. Ngaphambi kokuthatha umhlala-phansi wayesebenza njengonjiniyela wezinhlelo zamakhompyutha. Uyakuthanda ukuthwebula izithombe, ukudlala i-chess nenkositini. Washada noMargarita ngo-1979. Banezingane ezimbili

  • Ukuba kwakhe kwezesayenzi kwamenza wangakholelwa kwanhlobo kuNkulunkulu. Lapho eneminyaka engu-27, waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi bakaJehova futhi kwahlaluka kuye ukuthi izinkolelo zobuKristu azingqubuzani nesayensi.

Umlando Wecala

Ngo-Meyi 24, 2019, amaphoyisa aseRussia eSikhungo Esilwa Nobuphekula apequlula umuzi wabakwaTokarev. Amaphoyisa abe esegxila kuMfoweth’ uTokarev. Esabisa ngokuthi azowuvulela icala umndeni kaMfoweth’ uTokarev uma engavumi ukuthi wenza izenzo zeqembu “eliyingozi.” Abe esemthatha uMfoweth’ uTokarev ukuze ayompheka ngemibuzo.

Ngemva kwezinyanga ezicishe zibe nhlanu, uMfoweth’ uTokarev wathwesa icala njengesephula-mthetho ngaphansi kwezigaba ezimbili Zomthetho Wezobugebengu eRussia. Usolwa ngokusiza ngezimali inhlangano “eyeqisayo.” Abashushisi basebenzisa namazwi abawaqopha kungaboni muntu emzini wabakwaTokarev ukuze babhece u-Anatoliy ngokuhlela umhlangano okwafundwa kuwo izincwadi ezenqatshelwe.

Siyaqhubeka sibathandazela uMfoweth’ uTokarev nomndeni wakhe. Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka esebenzelana nabo “ngobuqotho.”—IHubo 18:25.

^ par. 3 Ingase ishintshe