Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakholelwa ETestamenteni Elidala?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakholelwa ETestamenteni Elidala?

 Yebo. OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi iBhayibheli lilonke ‘liphefumulelwe uNkulunkulu futhi [liwusizo].’ (2 Thimothewu 3:16) Lokhu kuhlanganisa iTestamente Elidala neTestamente Elisha, njengoba kuvame ukubizwa. OFakazi BakaJehova babhekisela kulezi zingxenye zeBhayibheli ngokuthi imiBhalo YesiHebheru nemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ngale ndlela, sigwema ukunikeza umbono wokuthi izingxenye ezithile zeBhayibheli ziphelelwe isikhathi noma azibalulekile.

Kungani amaKristu edinga kokubili iTestamente Elidala neTestamente Elisha?

 Umphostoli ongumKristu uPawulu waphefumulelwa uNkulunkulu ukuba alobe: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina.” (Roma 15:4) Ngakho, imiBhalo YesiHebheru iqukethe ukwaziswa okusemqoka. Phakathi kokunye, inomlando obalulekile neseluleko esiwusizo.

  •   Umlando obalulekile. ImiBhalo YesiHebheru inomlando onemininingwane yokudala nokuwela kwabantu esonweni. Ngaphandle kwaleyo mininingwane, sasingeke sibe nazo izimpendulo ezanelisayo zemibuzo enjengokuthi: Sivelaphi? Kungani abantu befa? (Genesise 2:7, 17) Ngaphezu kwalokho, imiBhalo YesiHebheru inomlando wokusebenzelana kukaJehova uNkulunkulu nabantu ababeba nezikhathi ezijabulisayo nababebhekana nezinkinga ezifana nezethu.—Jakobe 5:17.

  •   Iseluleko esiwusizo. Izincwadi zeBhayibheli, izAga nomShumayeli, eziyingxenye yemiBhalo YesiHebheru, zinamazwi okuphila ahlakaniphile angaphelelwa isikhathi. Zinikeza iseluleko ngendlela yokuba nokuphila komkhaya okujabulisayo (IzAga 15:17), indlela yokuba nombono olinganiselayo ngomsebenzi (IzAga 10:4; UmShumayeli 4:6) nendlela intsha engazuza ngayo ngokugcwele ebusheni bayo (UmShumayeli 11:9–12:1).

 Ngaphezu kwalokho, singazuza ngokutadisha uMthetho KaMose olotshwe kuyi-Torah (izincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli). Nakuba lowo Mthetho ungesona isibopho kumaKristu, unezimiso ezibaluleke kakhulu ezingasisiza siphile ukuphila okujabulisayo.—Levitikusi 19:18; Duteronomi 6:5-7.