Umbukiso 1 Wezithombe ZasePhilippines (Ka-February 2014 Kuya Ku-May 2015)
OFakazi BakaJehova bakha izakhiwo ezintsha futhi balungisa nebezikhona ehhovisi legatsha lasePhilippines, eQuezon City. Njengoba izincwadi zasePhilippines sezinyatheliswa egatsheni laseJapane, isakhiwo obekunyatheliswa kuso siye senziwa isakhiwo soMnyango Wezama-computer, owe-Local Design/Construction (LDC), uMnyango Wokunakekela Izakhiwo, uMnyango Wokuthumela Izincwadi noMnyango Wokuhumusha. Lo mbukiso wezithombe ubonisa eminye yemisebenzi eyayenziwa esakhiweni okwakungesokunyathelisa nakwezinye izakhiwo phakathi kuka-February 2014 no-May 2015. Kulindeleke ukuba lo msebenzi uphothulwe ngo-October 2016.
February 28, 2014—ISakhiwo 7
Izisebenzi zesikhashana zifaka i-fiberglass entsha ezikhwameni ukuze ziyivikele emswakameni. Zigqoke izinto ezivikelayo ukuze zivikele isikhumba.
April 2, 2014—ISakhiwo 7
Izisebenzi ziqedela uphahla lwendlu yokuqopha uLimi Lwezandla LwasePhilippines. Izikhala eziyizikwele ophahleni zizofakwa ama-HVAC diffuser, asiza ekutheni umoya opholile ugcwale kuso sonke i-studio.
October 21, 2014—Isakhiwo SaseQuezon City
Kuyambiwa ukuze kufakwe amapayipi amanzi abandayo. La manzi azofinyelela kuzo zonke izakhiwo zegatsha.
December 19, 2014—Ibhuloho labahamba ngezinyawo elixhumanisa iSakhiwo 1, 5, neSakhiwo 7
Leli bhuloho elisha elivalekile lizoxhumanisa zonke izakhiwo ezinkulu, kuhlanganise neSakhiwo 1, lapho kunegumbi lokudlela khona. Leli bhuloho liyoba usizo ngokukhethekile kubantu abangaphezu kuka-300 abasebenza eSakhiweni 7.
January 15, 2015—ISakhiwo 5
I-crane engamathani angu-50 iphakamisa othayela bokufulela. Ama-crane ashiyanayo ngobukhulu ashayelwa abantu bendawo abaqashiwe.
January 15, 2015—ISakhiwo 5A (Circulation pod)
Isakhiwo esinezitezi ezimbili, esingamamitha-skwele angu-125, sinezindlu zangasese ezimbili, izitebhisi nekheshi. Ukuba nezindlu zangasese kulesi sakhiwo kwenza kube nendawo eyengeziwe eSakhiweni 5 esiseceleni. Ukufaka ikheshi kulesi sakhiwo, kunokulifaka eSakhiweni 5, kuqinisekisa ukuthi umsindo wekheshi awuphazamisi ukuqoshwa kwama-video nezinto ezilalelwayo.
January 15, 2015—ISakhiwo 5A (Circulation pod)
Izisebenzi zifaka izinsimbi zingaphansi komthunzi. Emini amazinga okushisa avame ukufinyelela ku-29° ngo-January bese kuthi ngo-April afinyelele ku-34°.
March 5, 2015—ISakhiwo 5
Iqembu lezisebenzi lihlanganisa amapulangwe okwenza uphahla. ESakhiweni 5, kwasetshenziswa izingodo ezingaba ngu-800.
March 17, 2015—ISakhiwo 5
Kuxovwa usimende ngezandla ukuze kwenziwe umsebenzi ongatheni. Phakathi kwalabo abasizayo kulo msebenzi, kukhona izisebenzi ezingaphezu kwekhulu ezivela e-Australia, eCanada, eFrance, eJapane, eNew Zealand, eNingizimu Korea, eSpain, e-United States nakwamanye amazwe.
March 25, 2015—ISakhiwo 5
Kufakwa izinsimbi ophahleni lweSakhiwo 5, esasisetshenziswa uMnyango Wokuhumusha. Lesi sakhiwo siyalungiswa ukuze sisetshenziswe uMnyango We-audio/video noMnyango Wenkonzo.
May 13, 2015—ISakhiwo 5
Osebenza ngensimbi usaha izinsimbi ezizosetshenziselwa ukwakha izindonga zamahhovisi.