Eyokuqala KwabaseKorinte 1:1-31
1 Mina Pawulu, owabizelwa ukuba umphostoli + kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kanye noSostene umfowethu,
2 ebandleni likaNkulunkulu eliseKorinte, + kini eningcweliswe ebunyeni noKristu Jesu, + nabizelwa ukuba nibe abangcwele, kanye nabo bonke ababiza igama leNkosi yethu, uJesu Kristu, + iNkosi yabo neyethu, yonke indawo:
3 Kwangathi ningaba nomusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
4 Ngimbonga ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu wami ngomusa omkhulu kaNkulunkulu enawuphiwa kuKristu Jesu;
5 ngenxa yokuthi ezintweni zonke nicebile ngenxa yobuhlobo eninabo naye, ekhonweni lokukhuluma nasolwazini olugcwele, +
6 njengoba nje ubufakazi mayelana noKristu + benziwe baqina phakathi kwenu,
7 kangangokuthi anintuli nakancane kunoma yisiphi isipho, kuyilapho nilindele ngokulangazela ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu. +
8 Izoniqinisa kuze kube sekugcineni, ukuze nibe abangasoleki ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu. +
9 UNkulunkulu uthembekile, + lowo owanibiza ukuba nihlanganyele kanye neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu.
10 Manje ngiyanincenga bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba nonke nikhulume ngokuvumelana, nokuba kungabi nakuhlukana phakathi kwenu, + kodwa ukuba nibe munye ngokuphelele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga. +
11 Ngoba abanye endlini kaKlowe bangitshelile ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwenu bafowethu.
12 Engikushoyo yilokhu, yilowo nalowo kini uthi: “Mina ngingokaPawulu,” “Mina ngingoka-Apholo,” + “Mina ngingokaKhefase,”* “Mina ngingokaKristu.”
13 Ingabe uKristu uhlukene phakathi? UPawulu akazange abulawelwe esigxotsheni ngenxa yenu, akunjalo? Noma, ingabe nabhapathizwa egameni likaPawulu?
14 Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi angibhapathizanga noyedwa wenu ngaphandle kukaKrispu + noGayu, +
15 ukuze kungabi namuntu ongase athi nabhapathizwa egameni lami.
16 Yebo, ngabhapathiza nomndeni kaStefana + futhi. Mayelana nabo bonke abanye, angazi noma ukhona yini omunye engambhapathiza.
17 Ngoba uKristu akangithumanga ukuba ngiyobhapathiza, kodwa ukuba ngiyomemezela izindaba ezinhle; + kungabi ngenkulumo yokuhlakanipha, ukuze isigxobo sokuhlushwa* sikaKristu singenziwa into engenamsebenzi.
18 Ngoba inkulumo ephathelene nesigxobo sokuhlushwa* iwubuwula kwababhubhayo, + kodwa kithi esisindiswayo ingamandla kaNkulunkulu. +
19 Ngoba kulotshiwe ukuthi: “Ngizokwenza ukuhlakanipha kwabantu abahlakaniphile kushabalale, nokukhalipha kongqondongqondo ngizokwenqaba.” *+
20 Uphi umuntu ohlakaniphile? Uphi umbhali?* Uphi umphikisi waleli zwe?* UNkulunkulu akazange yini akwenze ubuwula ukuhlakanipha kwezwe?
21 Ngoba, njengoba ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu, izwe lingazange limazi uNkulunkulu + ngokuhlakanipha kwalo, + uNkulunkulu wajatshuliswa ukuthi ngobuwula + balokho okushunyayelwayo asindise abakholwayo.
22 Ngoba amaJuda acela izibonakaliso + namaGreki afuna ukuhlakanipha;
23 kodwa thina sishumayela ngoKristu owabulawelwa esigxotsheni, oyimbangela yokukhubeka kumaJuda kodwa owubuwula ezizweni. +
24 Nokho, kwababiziwe, kokubili amaJuda namaGreki, uKristu ungamandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. +
25 Ngoba izinto zikaNkulunkulu abantu abazibheka njengeziwubuwula zihlakaniphile kunabantu, nezinto zikaNkulunkulu abantu abazibheka njengezibuthakathaka zinamandla kunabantu. +
26 Ukunibiza kwakhe niyakubona, bafowethu, ukuthi ababaningi abahlakaniphile ngendlela yenyama, *+ ababaningi abanamandla, ababaningi abazalwa yizicukuthwane, *+
27 kodwa uNkulunkulu wakhetha izinto eziwubuwula zezwe ukuze ahlazise abantu abahlakaniphile; uNkulunkulu wakhetha izinto ezibuthakathaka zezwe ukuze ahlazise izinto ezinamandla; +
28 uNkulunkulu wakhetha izinto ezingabalulekile zezwe nezinto ezibukelwa phansi, izinto ezingekho, ukuze enze izinto ezikhona zibe yize, +
29 ukuze kungabi bikho muntu oziqhayisayo phambi kukaNkulunkulu.
30 Kodwa kungenxa yakhe ukuthi nimunye noKristu Jesu, osewukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kithi, kanye nokulunga + nokungcweliswa + nokukhululwa ngesihlengo, +
31 ukuze kube njengoba nje kulotshiwe ukuthi: “Oziqhayisayo makaziqhayise ngoJehova.” *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “umusa ongafanelwe.”
^ Obuye abizwe ngokuthi uPetru.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ngizokusunduzela eceleni.”
^ Okuwukuthi, isazi soMthetho.
^ Noma, “walesi simiso sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ngokubheka komuntu.”
^ Noma, “abavela emindenini eqavile.”
^ Bheka iSithasiselo A5.