Eyokuqala KwabaseKorinte 2:1-16
2 Ngakho lapho ngifika kini bazalwane, angifikanga nenkulumo yokubukisa + noma nokuhlakanipha ngimemezela imfihlo engcwele + kaNkulunkulu kini.
2 Ngoba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu ngaphandle kukaJesu Kristu, nokuthi wabulawelwa esigxotsheni. +
3 Ngafika kini ngobuthakathaka nokwesaba nangokuthuthumela okukhulu;
4 inkulumo yami nalokho engakushumayela kwakungewona amazwi okuhlakanipha athonyayo kodwa kwakuwukuboniswa komoya namandla, +
5 ukuze ukholo lwenu lungasekelwa ekuhlakanipheni kwabantu, kodwa emandleni kaNkulunkulu.
6 Manje sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwalabo abavuthiwe, + kodwa hhayi ukuhlakanipha kwaleli zwe* noma okwababusi baleli zwe, abazoba yize. +
7 Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlweni engcwele, + ukuhlakanipha okufihliwe, uNkulunkulu akumisa kusengaphambili ngaphambi kwezinkathi* ukuze kukhazinyuliswe thina.
8 Yilokhu kuhlakanipha okungekho noyedwa kubabusi baleli zwe* owakwazi, + ngoba ukube bakwazi ngabe abazange bayibulale* iNkosi ekhazimulayo.
9 Kodwa njengoba nje kulotshiwe: “Iso alizibonanga nendlebe ayizizwanga, futhi azizange zicatshangwe enhliziyweni yomuntu izinto uNkulunkulu azilungisele labo abamthandayo.” +
10 Ngoba uNkulunkulu uzambulele thina + ngomoya wakhe, + ngoba umoya uhlola zonke izinto, ngisho nezinto ezijulile zikaNkulunkulu. +
11 Ngoba ubani phakathi kwabantu owazi izinto zomuntu ngaphandle komoya womuntu okuye? Kanjalo futhi, akekho owazi izinto zikaNkulunkulu, ngaphandle komoya kaNkulunkulu.
12 Manje asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, + ukuze sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa.
13 Lezi zinto siyazikhuluma futhi, hhayi ngamazwi esiwafundiswe ukuhlakanipha kwabantu, + kodwa ngamazwi esiwafundiswe umoya, + njengoba sichaza* izindaba ezimayelana noNkulunkulu ngamazwi kaNkulunkulu.*
14 Kodwa umuntu wenyama akazamukeli izinto zomoya kaNkulunkulu ngoba ziwubuwula kuye; futhi akanakuzazi ngoba zihlolwa ngokomoya.
15 Nokho, umuntu oqondiswa umoya kaNkulunkulu uhlola zonke izinto + kodwa yena ngokwakhe akahlolwa muntu.
16 Ngoba “ubani osewazi umqondo kaJehova* ukuba angamfundisa?” + Kodwa sinawo umqondo kaKristu. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “kwalesi simiso sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “kwezimiso zezinto.”
^ Noma, “balesi simiso sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “bayibulalele esigxotsheni.”
^ Noma, “sihlanganisa.”
^ Noma, “ngamazwi avumelana namandla kaNkulunkulu.”
^ Bheka iSithasiselo A5.