Eyokuqala KwabaseKorinte 5:1-13
5 Empeleni kubikwa ukuziphatha kabi ngokocansi *+ phakathi kwenu, ukuziphatha kabi okunjalo okungekho ngisho naphakathi kwezizwe—ukuthi umuntu othile uhlala nomkayise. *+
2 Ingabe niyaziqhenya ngakho? Akufanele yini ngabe niyalila, + ukuze lo muntu owenze lesi senzo asuswe phakathi kwenu? +
3 Nakuba ngingekho ngokoqobo,* ngikhona ngomoya, sengimahlulele kakade umuntu owenze lokhu, njengokungathi nginani.
4 Lapho nihlangene ndawonye egameni leNkosi yethu uJesu futhi nazi ukuthi nginani ngomoya kanye namandla eNkosi yethu uJesu,
5 umuntu onjalo kumelwe nimnikele kuSathane + ngenjongo yokuba kubhujiswe inyama, ukuze umoya usindiswe ngosuku lweNkosi. +
6 Ukuziqhayisa kwenu akukuhle. Anazi yini ukuthi imvubelo encane iyibilisa* yonke inhlama? +
7 Susani imvubelo endala ukuze nibe yinhlama entsha, njengoba nje ningenayo imvubelo. Ngoba ngempela, uKristu imvu yePhasika lethu + wenziwe umhlatshelo. +
8 Ngakho masiwugcine lo mkhosi, + hhayi ngemvubelo endala noma ngemvubelo yobubi nokukhohlakala, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho nangeqiniso.
9 Encwadini yami nganibhalela ukuthi niyeke ukuzihlanganisa* nabantu abaziphatha kabi ngokocansi,*
10 ngingasho ukuba niyeke ngokuphelele ukuzihlanganisa nabantu abaziphatha kabi ngokocansi* baleli zwe + noma abahahayo nabaphangi noma abakhonza izithombe. Ukube bekunjalo, bekuyodingeka ukuba empeleni niphume ezweni. +
11 Kodwa manje nginibhalela ukuba niyeke ukuzihlanganisa *+ nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane ebe eziphatha kabi ngokocansi* noma engumuntu ohahayo + noma okhonza izithombe noma othuka inhlamba* noma isidakwa + noma umphangi, + ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.
12 Ngoba ngihlangene ngani nokwahlulela abangaphandle? Nina anahluleli yini abangaphakathi,
13 kuyilapho uNkulunkulu ahlulela abangaphandle? + “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiGreki, “uthatha umkayise.”
^ Noma, “ngomzimba.”
^ Noma, “ikhukhumalisa.”
^ Noma, “ukuba abangane.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
^ Noma, “ukuba abangane.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Ukuziphatha kabi ngokocansi.”
^ Noma, “ohlukumeza ngamazwi.”