Eyesibili KwabaseKorinte 4:1-18
4 Ngakho-ke, njengoba sinale nkonzo ngesihe esaboniswa sona, asiyeki.
2 Kodwa sizilahlile izinto eziyihlazo nezomshoshaphansi, asihambi ngobuqili futhi asilonakalisi izwi likaNkulunkulu; + kodwa ngokwenza iqiniso libe sobala, siye saba isibonelo esihle kubo bonke onembeza babantu phambi kukaNkulunkulu. +
3 Uma empeleni izindaba ezinhle esizimemezelayo zigutshuzelwe, zigutshuzelwe phakathi kwalabo ababhubhayo,
4 phakathi kwalabo unkulunkulu waleli zwe *+ aye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa, + ukuze kungakhanyi ukukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo mayelana noKristu, + ongumfanekiso kaNkulunkulu. +
5 Ngoba asishumayeli ngathi ngokwethu, kodwa ngoJesu Kristu ukuthi uyiNkosi, nangathi ukuthi siyizigqila zenu ngenxa kaJesu.
6 Ngoba uNkulunkulu nguye owathi: “Ukukhanya makukhanye ebumnyameni,” + futhi ukhanyise izinhliziyo zethu ukuze azenze zikhanye + ngolwazi olukhazimulayo lukaNkulunkulu ngobuso bukaKristu.
7 Nokho, sinale ngcebo + ezitsheni zobumba, *+ ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu, angaveli kithi. +
8 Sicindezelwe kakhulu ngazo zonke izindlela, kodwa asivalelekile ekhoneni kangangokuthi asisakwazi nokunyakaza; sididekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma; *+
9 siyashushiswa, kodwa asilahliwe; + siphonswa phansi, kodwa asishabalali. *+
10 Ngaso sonke isikhathi emzimbeni wethu sikhuthazelela impatho ebulalayo eyatholwa uJesu, + ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe futhi emzimbeni wethu.
11 Ngoba ngaso sonke isikhathi ukuphila kwethu thina esiphilayo kubekwa engcupheni + ngenxa kaJesu, ukuze ukuphila kukaJesu kubonakaliswe futhi enyameni yethu efayo.
12 Ngakho kithi kusebenza ukufa, kodwa kini ukuphila.
13 Ngenxa yokuthi sinomoya wokholo ofana nalowo okulotshwe ngawo ukuthi: “Ngabonisa ukholo, ngakho ngakhuluma”; + nathi sibonisa ukholo, ngakho siyakhuluma,
14 sazi ukuthi Lowo owavusa uJesu uyosivusa nathi kanye noJesu asethule kanye nani. +
15 Ngoba zonke lezi zinto zingenxa yenu, ukuze umusa omkhulu wande nakakhulu ngenxa yokuthi abaningi ngokwengeziwe bayabonga kube inkazimulo kuNkulunkulu. +
16 Ngakho asiyeki, kodwa ngisho noma umuntu esinguye ngaphandle ewohloka, ngokuqinisekile umuntu esinguye ngaphakathi wenziwa musha usuku nosuku.
17 Ngoba nakuba usizi* lungolomzuzwana futhi lulula, lusivezela inkazimulo enkulu* ngokwedlulele nehlala phakade; +
18 kuyilapho sigcina amehlo ethu esezintweni ezingabonwa, hhayi ezintweni ezibonwayo. + Ngoba izinto ezibonwayo zingezesikhashana, kodwa izinto ezingabonwa zihlala phakade.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “walesi simiso sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “kojeke bobumba.”
^ Noma kungaba, “asishiyiwe singenathemba.”
^ Noma, “asifi.”
^ Noma, “isilingo.”
^ NgesiGreki, “enesisindo esikhulu ngokwedlulele.”