AmaHubo 135:1-21
135 Dumisani uJah!*
Dumisani igama likaJehova;Mdumiseni, zinceku zikaJehova, +
2 Nina enimi endlini kaJehova,Emagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu. +
3 Dumisani uJah, ngoba uJehova muhle. +
Hubelani* igama lakhe, ngoba kumnandi.
4 Ngoba uJah uzikhethele uJakobe,U-Israyeli ukuba abe impahla yakhe ekhethekile. *+
5 Ngoba ngazi kahle ukuthi uJehova mkhulu;INkosi yethu ingaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu. +
6 UJehova wenza konke athanda ukukwenza +Ezulwini nasemhlabeni, ezilwandle nasekujuleni kwazo.
7 Ubangela ukuba amafu* enyuke esuka emikhawulweni yomhlaba;Wenzela imvula imibani;*Ukhipha umoya ezinqolobaneni zakhe. +
8 Wabulala amazibulo aseGibhithe,Abantu nezilwane. +
9 Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, +KuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe. +
10 Washaya izizwe eziningi +Wabulala amakhosi anamandla +
11 —USihoni inkosi yama-Amori, +U-Ogi inkosi yaseBhashani, +Nayo yonke imibuso yaseKhanani.
12 Wanikela ngezwe labo laba yifa,Ifa ku-Israyeli isizwe sakhe. +
13 O Jehova, igama lakho lihlala kuze kube phakade.
O Jehova, udumo lwakho* luhlala isizukulwane ngesizukulwane. +
14 Ngoba uJehova uyobalwela abantu* bakhe, +Uyozizwela* izinceku zakhe. +
15 Izithixo zezizwe ziyisiliva negolide,Umsebenzi wezandla zomuntu. +
16 Zinomlomo kodwa azikhulumi; +Zinamehlo kodwa aziboni;
17 Zinezindlebe kodwa azizwa.
Akukho moya emlonyeni wazo. +
18 Abantu abazenzayo bayofana nse nazo, +Nabo bonke abathembela kuzo. +
19 O wena ndlu ka-Israyeli, dumisani uJehova.
O wena ndlu ka-Aroni, dumisani uJehova.
20 O wena ndlu kaLevi, dumisani uJehova. +
Nina enesaba uJehova, dumisani uJehova.
21 UJehova makadunyiswe eZiyoni, +Lowo ohlala eJerusalema. +
Dumisani uJah! +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Haleluya!” Elithi “Jah” liyisifushaniso segama elithi Jehova.
^ Noma, “Culelani.”
^ Noma, “eyigugu.”
^ Noma kungaba, “Wenze namasango emvula.”
^ Noma, “imihwamuko.”
^ Noma, “igama lakho.” NgesiHebheru, “isikhumbuzo sakho.”
^ Noma, “uyomela udaba lwabantu.”
^ Noma, “Uyozidabukela.”