AmaHubo 43:1-5
43 Ngahlulele Nkulunkulu, +Ngimele ecaleni lami + lomthetho umelane nesizwe esingathembekile.
Ngikhulule kumuntu okhohlisayo nongalungile.
2 Ngoba wena unguNkulunkulu wami, inqaba yami. +
Ungilahleleni?
Kungani kumelwe ngihambahambe ngidabukile ngenxa yokucindezelwa yisitha sami? +
3 Thumela ukukhanya kwakho neqiniso lakho. +
Kwangathi kungangihola; +Kwangathi kungangiholela entabeni yakho engcwele nasetabernakele lakho elikhulu. +
4 Khona-ke ngizoza e-altare likaNkulunkulu, +Ngizojabula kakhulu ngoNkulunkulu wami.
O Nkulunkulu, Nkulunkulu wami, ngizokudumisa ngehabhu. +
5 Kungani ngiphelelwa yithemba,Kungani ngikhathazekile?
Ngizomlinda uNkulunkulu, +Ngoba ngisazomdumisa njengoMsindisi wami Omkhulu noNkulunkulu wami. +