UHoseya 4:1-19
4 Bantu bakwa-Israyeli, yizwani izwi likaJehova,Ngoba kunecala uJehova azoliqulisa abahlala ezweni, +Ngoba akukho qiniso naluthando oluqotho nalwazi ngoNkulunkulu ezweni. +
2 Kusakazeke izifungo zamanga nokuqamba amanga + nokubulala +Nokweba nokuphinga, +Izenzo zokuchitha igazi ziyalandelana. +
3 Yingakho izwe lizolila +Bonke abahlala kulo bazowohloka;Izilwane zasendle nezinyoni zamazulu,Ngisho nezinhlanzi zasolwandle zizoshabalala.
4 “Nokho, ungavumeli muntu ukuba alwe noma asole, +Ngoba abantu bakini bafana nalabo abalwa nompristi. +
5 Ngakho uyokhubeka emini bebade,Nomprofethi uyokhubeka kanye nawe njengokungathi kusebusuku.
Ngiyombhubhisa* unyoko.
6 Abantu bami bayobhujiswa* ngoba alukho ulwazi.
Ngenxa yokuthi ulwenqabile ulwazi, +Nami ngizokwenqabela ukuba ukhonze njengompristi wami;Ngenxa yokuthi uwukhohliwe umthetho* kaNkulunkulu wakho, +Nami ngiyowakhohlwa amadodana akho.
7 Lapho beqhubeka banda kwakuba yilapho bengona nakakhulu. +
Inkazimulo yabo ngizoyishintsha ibe ihlazo.*
8 Bazondla ngesono sabantu bami,Umphefumulo* wabo ulokhu ufisa isiphambeko sabo.
9 “Kuyokwenzeka okufanayo kubantu nakumpristi;Ngiyobenza balandise ngezindlela zabo,Ngibalethele imiphumela yezenzo zabo. +
10 Bayodla kodwa ngeke basuthe. +
Bayoya ocansini nabantu abaningi,* kodwa ngeke bazale zingane, +Ngoba abazange bamnake uJehova.
11 Ubufebe* newayini kanye newayini elishaKuqeda isisusa sokwenza okuhle. +
12 Abantu bami babuza isithixo sabo sokhuni,Benza abakutshelwa udondolo* lwabo;Ngoba umoya wobufebe* uyabadukisa,Ngobufebe* babo bayenqaba ukuzithoba kuNkulunkulu wabo.
13 Benza imihlatshelo eziqongweni zezintaba, +Nasemagqumeni bashunqisa imihlatshelo,Ngaphansi kwezihlahla ze-oki nezesitorakisi nazo zonke izihlahla ezinkulu, +Ngoba umthunzi wazo muhle.
Yingakho amadodakazi enu efeba*Nomalokazana benu bephinga.
14 Ngeke ngiwenze alandise amadodakazi enu ngenxa yokuthi ayafeba,*Nomalokazana benu ngenxa yokuthi bayaphinga.
Ngoba amadoda ahamba nezifebeEnze imihlatshelo nezifebe zasethempelini;Isizwe esinjalo esingaqondi + siyobhujiswa.
15 Nakuba ufeba* Israyeli, +UJuda makangabi necala. +
Maningezi eGiligali + noma eBheti-aveni, +Ningafungi nithi, ‘Ngimfunge uJehova!’ +
16 Ngoba, njengenkomo enenkani, u-Israyeli ube nenkani. +
Ingabe manje uJehova uzomelusa njengemvu yeduna edlelweni elivulekile?
17 U-Efrayimi uhlangene nezithixo. +
Myekeni enjalo!
18 Lapho ubhiya* wabo usuphelile,Baziphatha kabi.*
Ababusi* bakhe balithanda kakhulu ihlazo. +
19 Umoya uyomsonga ngamaphiko awo,Bayoba namahloni ngemihlatshelo yabo.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Ngiyomthulisa.”
^ Noma, “imfundiso.”
^ Noma, “bayothuliswa.”
^ Noma kungaba, “Esikhundleni senkazimulo yami bathole ihlazo.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama, “Umphefumulo.”
^ Noma, “Bayoziphatha kabi ngendlela eshaqisayo; Bayofeba.”
^ Noma, “Ukuziphatha kabi.”
^ Noma, “induku yombhuli.”
^ Noma, “wokuziphatha kabi.”
^ Noma, “Ngokuziphatha kabi.”
^ Noma, “eziphatha kabi.”
^ Noma, “aziphethe kabi.”
^ Noma, “uziphethe kabi.”
^ Noma, “ubhiya kakolweni.”
^ Noma, “Baziphatha kabi ngendlela eshaqisayo; Bayafeba.”
^ NgesiHebheru, “Abavikeli.”