U-Isaya 61:1-11
61 Umoya weNkosi EnguMbusi uJehova uphezu kwami, +Ngoba uJehova ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabamnene. +
Ungithume ukuba ngibophe abaphukile enhliziyweni,Ukuba ngimemezele inkululeko kulabo abathunjiweNokuthi iziboshwa ziyophinde zibone, +
2 Ukuba ngimemezele unyaka womusa kaJehovaNosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu, +Ukuba ngiduduze bonke abalilayo, +
3 Ukuba nginakekele abalilela iZiyoni,Ukuba ngibanike umnqwazo esikhundleni somlotha,Amafutha okwethaba esikhundleni sokulila,Ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangele.
Bayobizwa ngokuthi izihlahla ezinkulu zokulunga,Okutshalwe nguJehova, ukuze akhazinyuliswe. *+
4 Bayowakha kabusha amanxiwa asendulo;Bayovusa izindawo zakudala esezaba yincithakalo, +Bayovuselela amadolobha abhuqiwe, +Izindawo eziyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane. +
5 “Izihambi ziyosukuma zeluse imihlambi yenu,Abezinye izizwe + bayoba abalimi benu nabalimi benu bamagilebhisi. +
6 Kodwa nina, niyobizwa ngokuthi ningabapristi bakaJehova; +Kuyothiwa niyizikhonzi zikaNkulunkulu wethu.
Niyodla umnotho wezizwe, +Niyoziqhayisa ngenkazimulo* yazo.
7 Esikhundleni sehlazo niyothola isabelo esiphindwe kabili,Esikhundleni sokululazeka bayomemeza bejabulela isabelo sabo.
Yebo, bayothatha isabelo esiphindwe kabili + ezweni labo.
Bayojabula phakade. +
8 Ngoba mina Jehova, ngithanda ubulungisa; +Ngizonda ukuphanga nokungalungi. +
Ngiyobanika inkokhelo yabo ngokwethembeka,Ngiyokwenza nabo isivumelwano esiyohlala kuze kube phakade. +
9 Inzalo* yabo iyokwaziwa phakathi kwezizwe, +Nesizukulwane sabo phakathi kwezizwe.
Bonke abababonayo bayobazi,Ukuthi bayinzalo* uJehova ayibusisile.” +
10 Ngiyojabula kakhulu ngoJehova.
Umphefumulo wami uyothokoza ngoNkulunkulu wami. +
Ngoba ungigqokise izingubo zensindiso; +Ungisonge ngengubo* yokulunga,Njengomkhwenyana ofaka umnqwazo onjengowabapristi, +Nanjengomakoti ozihlobisa ngemihlobiso yakhe.
11 Njengoba nje umhlaba uveza okuhluma kuwo,Nanjengoba nje insimu yenza ukuba izinto ezitshalwe kuyo zihlume,Ngendlela efanayo iNkosi EnguMbusi uJehovaIyobangela ukuba kuhlume ukulunga + nokudumisa + phambi kwazo zonke izizwe.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “enziwe muhle.”
^ Noma, “ngengcebo.”
^ NgesiHebheru, “bayimbewu.”
^ NgesiHebheru, “Imbewu.”
^ Noma, “ngejazi elingenamikhono.”