U-Isaya 63:1-19
63 Ubani lona ovela kwa-Edomi, +Ovela eBhozira + ogqoke izingubo ezinemibala egqamile,*Lona ogqoke izembatho ezikhazimulayo,Omasha ngamandla akhe amakhulu?
“Yimi, engikhuluma ngokulunga,Enginamandla amakhulu okusindisa.”
2 Kungani izingubo zakho zibomvu,Kungani izingubo zakho zinjengezalowo onyathela isikhamo sewayini? +
3 “Ngiwunyathele ngingedwa umkhombe wewayini.
Akukho muntu owayekanye nami ovela ezizweni.
Ngaqhubeka ngizinyathela ngentukuthelo yami,Ngaqhubeka ngizinyathela ngolaka lwami. +
Igazi lazo lachaphazela izingubo zami,Ngizingcolise zonke izembatho zami.
4 Ngoba usuku lwempindiselo lusenhliziyweni yami, +Ufikile unyaka wabahlengiwe bami.
5 Ngabheka kodwa kwakungekho msizi;Ngamangala ukuthi kwakungekho owayefisa ukulekelela.
Ngakho ingalo yami yangilethela insindiso, *+Nolaka lwami lwangisekela.
6 Nganyathela izizwe ngithukuthele,Ngazenza zadakwa ngolaka lwami +Ngathululela igazi lazo emhlabathini.”
7 Ngizokhuluma ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho,Ngezenzo zikaJehova ezifanele ukudunyiswa,Ngenxa yakho konke lokho uJehova asenzele kona, +Izinto eziningi ezinhle azenzele indlu ka-Israyeli,Ngokwesihe sakhe nangothando lwakhe oluqotho olukhulu.
8 Ngoba wathi: “Ngokuqinisekile bangabantu bami, amadodana angeke angathembeki.” *+
Ngakho waba uMsindisi wabo. +
9 Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye. +
Isithunywa sakhe siqu* sabasindisa. +
Ngothando nangobubele bakhe wabahlenga, +Wabaphakamisa wabathwala kuzo zonke izinsuku zakudala. +
10 Kodwa bona badlubulunda + futhi bawudabukisa umoya wakhe ongcwele. +
Wabe esephenduka isitha sabo, +Walwa nabo. +
11 Bakhumbula izinsuku zakudala,Izinsuku zikaMose inceku yakhe:
“Uphi Lowo owabakhuphula wabakhipha olwandle + kanye nabelusi bomhlambi wakhe? +
Uphi Lowo owafaka kuye umoya waKhe ongcwele, +
12 Lowo owenza ukuba ingalo yaKhe ekhazimulayo ihambe nesandla sokudla sikaMose, +Lowo owahlukanisa amanzi phambi kwabo +Ukuze azenzele igama elimi phakade, +
13 Lowo owenza ukuba bahambe emanzini agubhayo,*Kangangokuthi bahamba kodwa abazange bakhubeke,Njengehhashi ehlane?
14 Njengalapho imfuyo yehlela ethafeni eliyisigodi,Umoya kaJehova wabenza baphumula.” +
Wabahola kanjalo abantu bakho,Ukuze uzenzele igama elibabazekayo. *+
15 Bheka usezulwini uboneUsendaweni yakho yokuhlala ephakeme yobungcwele nenkazimulo.*
Iphi intshiseko namandla akho,Uzwela* nesihe sakho? +
Ukugodlile ukuze ngingakutholi.
16 Ngoba wena unguBaba wethu; +Nakuba u-Abrahama engase angasaziNo-Israyeli engase angasiqapheli,Wena Jehova, unguBaba wethu.
Ubizwa ngokuthi uMhlengi wethu wakudala. +
17 Kungani Jehova, usiyeka* sinhlanhlathe ezindleleni zakho?
Kungani uvumela* izinhliziyo zethu zibe lukhuni, ukuze singakwesabi? +
Ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho,Buya uzosisiza. +
18 Isizwe sakho esingcwele sadla ifa isikhashana nje.
Izitha zethu ziyinyathelile indlu yakho engcwele. +
19 Isikhathi eside sibe njengalabo ongabusanga phezu kwabo,Njengalabo abangakaze babizwe ngegama lakho.
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “ezinombala obomvu ngokugqamile.”
^ Noma, “yangenza nganqoba.”
^ Noma, “azibonakalise enamanga.”
^ Noma, “Ingelosi yakhe.”
^ Noma, “ajulile.”
^ Noma, “elihle.”
^ Noma, “nobuhle.”
^ NgesiHebheru, “Isiyaluyalu sezibilini zakho.”
^ Noma, “usibangela ukuba.”
^ NgesiHebheru, “wenza.”