U-Isaya 64:1-12
64 Ukube wawudabule amazulu wehla,Ukuze izintaba zizamazame ngenxa yakho,
2 Njengalapho umlilo wokhela amahlahla,Nanjengalapho umlilo ubilisa amanzi,Khona-ke izitha zakho beziyolazi igama lakho,Nezizwe beziyothuthumela phambi kwakho!
3 Lapho wenza izinto ezimangalisayo esasingathembi ukuthi sizozibona, +Wehla, izintaba zazamazama phambi kwakho. +
4 Kusukela kudala akekho noyedwa ozwile noma onakile,Alikho iso elibone omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho,Wena obasizayo labo abahlala bekulindele. *+
5 Ubamukele labo abenza okulungile ngenjabulo, +Labo abakukhumbulayo, abalandela izindlela zakho.
Bheka! Wathukuthela lapho silokhu sona, +Lokhu sakwenza isikhathi eside.
Ingabe manje kufanele sisindiswe?
6 Sonke sesinjengomuntu ongahlanzekile,Zonke izenzo zethu zokulunga zinjengengubo yomuntu osesikhathini. +
Sonke sizobuna njengeqabunga,Iziphambeko zethu ziyosiphephula njengomoya.
7 Akekho obiza igama lakho,Akekho oshukumiseleka ukuba abambelele kuwe,Ngoba usifihlele ubuso bakho, +Usibangela ukuba sizace* ngenxa yezono zethu.*
8 Kodwa Jehova, wena unguBaba wethu. +
Thina siwubumba, wena unguMbumbi* wethu; +Thina sonke siwumsebenzi wesandla sakho.
9 Ungathukutheli kakhulu Jehova, +Ungasikhumbuli isiphambeko sethu kuze kube phakade.
Sicela usibheke, ngoba sonke singabantu bakho.
10 Amadolobha akho angcwele asephenduke ihlane,
IZiyoni seliyihlane,IJerusalema selingamanxiwa. +
11 Indlu* yethu yobungcwele nenkazimulo,*Lapho okhokho bethu ababekudumisa khona,Ishiswe ngomlilo, +Zonke izinto esasizithanda seziyincithakalo.
12 Ngenxa yalokhu, ingabe uyoqhubeka uzibambile Jehova?
Ingabe uyohlala uthule, usiyeke sihlushwe kabuhlungu kangaka? +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “bekulinde ngesineke.”
^ NgesiHebheru, “ngesandla sezono zethu.”
^ NgesiHebheru, “sincibilike.”
^ Noma, “wena unguMdali.”
^ Noma, “Ithempeli.”
^ Noma, “nobuhle.”