IzAga 10:1-32
10 Izaga zikaSolomoni. +
Indodana ehlakaniphile yenza uyise ajabule, +Kodwa eyisiphukuphuku iwusizi lukanina.
2 Ingcebo etholakale ngobubi ngeke izuzise,Kodwa ukwenza okulungile yikho okukhulula ekufeni. +
3 UJehova ngeke abangele ukuba olungile alambe, +Kodwa omubi uyomncisha lokho akuhalelayo.
4 Izandla ezivilaphayo ziyobanga inhlupheko, +Kodwa izandla ezikhuthele zenza umuntu acebe. +
5 Indodana eyenza ngokuqondisisa ibutha isivuno ngesikhathi sasehlobo,Kodwa indodana eyenza ngokuhlazisayo ilele zwi ngesikhathi sokuvuna. +
6 Izibusiso zisekhanda lolungile, +Kodwa umlomo womubi ufihla ubudlova.
7 Olungile* uyokhunjulwa, kukhulunywe kahle ngaye, +Kodwa igama lomubi liyobola. +
8 Ohlakaniphile enhliziyweni uyozamukela iziqondiso, *+Kodwa okhuluma ubuwula uyonyathelwa phansi. +
9 Ohamba ngobuqotho uyohamba ngokulondeka, +Kodwa ogwegwisa izindlela zakhe uyobanjwa. +
10 Ocifa iso ngobuqili ubangela usizi, +Nokhuluma ubuwula uyonyathelwa phansi. +
11 Umlomo wolungile ungumthombo wokuphila, +Kodwa umlomo womubi ufihla ubudlova. +
12 Yinzondo ephehla imibango,Kodwa uthando lumboza zonke izeqo. +
13 Ezindebeni zomuntu oqondayo kutholakala ukuhlakanipha, +Kodwa induku ingeyomhlane womuntu ontula ukuhlakanipha. *+
14 Abahlakaniphile baqongelela ulwazi, +Kodwa umlomo wesiwula uzibizela incithakalo. +
15 Ingcebo* yesigwili iyidolobha laso elinezivikelo eziqinile.
Incithakalo yabantu abahluphekayo ingubumpofu babo. +
16 Umphumela womsebenzi wolungile ungukuphila;Kodwa umkhiqizo womubi uyisono. +
17 Olalela isiyalo uyindlela* eya ekuphileni,Kodwa ongakunaki ukusolwa uphambukisa abanye.
18 Ofihla inzondo yakhe ukhuluma amanga, +Nosakaza imibiko* elimazayo uyisiphukuphuku.
19 Lapho amazwi emaningi, akwenzeki kungabi nasiphambeko, +Kodwa noma ubani olawula izindebe zakhe wenza ngokuqonda. +
20 Ulimi lolungile lunjengesiliva lekhethelo, +Kodwa inhliziyo yomubi ayibaluleke ngalutho.
21 Izindebe zolungile zondla* abantu abaningi, +Kodwa abayiziwula bayafa ngenxa yokuntula ukuhlakanipha. +
22 Yisibusiso sikaJehova esenza umuntu acebe, +Akenezeli ubuhlungu* kanye naso.
23 Ukuziphatha okuhlazisayo kufana nomdlalo koyisiphukuphuku,Kodwa ukuhlakanipha kungokomuntu onokuqonda. +
24 Lokho omubi akwesabayo kuyomfikela;Kodwa olungile uyonikwa akufisayo. +
25 Lapho isivunguvungu sidlula, omubi uyobe engasekho, +Kodwa olungile unjengesisekelo esimi kuze kube phakade. +
26 Njengoviniga emazinyweni nanjengentuthu emehlweni,Unjalo umuntu oyivila kulowo omthumayo.*
27 Ukwesaba uJehova kwelula izinsuku, +Kodwa iminyaka yomubi iyofinyezwa. +
28 Okulindelwe* olungile kuletha injabulo, +Kodwa ithemba lomubi liyoshabalala. +
29 Indlela kaJehova iyisiphephelo sabangasoleki, +Kodwa iyincithakalo kwabenza okubi. +
30 Olungile akasoze enziwa ukuba awe, +Kodwa omubi ngeke esahlala emhlabeni. +
31 Umlomo wolungile uveza ukuhlakanipha,Kodwa ulimi olukhohlakele luyonqunywa.
32 Izindebe zolungile ziyakwazi okujabulisayo,Kodwa umlomo womubi wonakele.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “Igama lolungile.”
^ NgesiHebheru, “imiyalo.”
^ NgesiHebheru, “oswele inhliziyo.”
^ Noma, “Izinto eziyigugu.”
^ Noma kungaba, “usendleleni.”
^ Noma, “inzwabethi.”
^ Noma, “ziqondisa.”
^ Noma, “usizi; ubunzima.”
^ Noma, “kumqashi wakhe.”
^ Noma, “Ithemba.”