IzAga 16:1-33
16 Umuntu uhlela imicabango enhliziyweni yakhe,Kodwa impendulo ayinikezayo* ivela kuJehova. +
2 Zonke izindlela zomuntu zibonakala zilungile* kuye, +Kodwa uJehova uhlola izisusa. +
3 Noma yini oyenzayo yenzele uJehova, *+Khona-ke amacebo akho ayophumelela.
4 UJehova wenza zonke izinto zifeze injongo yakhe,Ngisho nababi bayabhujiswa ngosuku lwenhlekelele. +
5 Wonke umuntu oziqhenyayo enhliziyweni uyanengeka kuJehova. +
Qiniseka ngokuthi ngeke angajeziswa.
6 Isiphambeko sihlawulelwa ngothando oluqotho nangokwethembeka, +Ngokwesaba uJehova umuntu uyakufulathela okubi. +
7 Lapho uJehova ejabula ngezindlela zomuntu,Wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye. +
8 Kungcono okuncane okuhambisana nokulunga +Kunengcebo eningi bube bungekho ubulungisa. +
9 Umuntu angase ahlele indlela yakhe enhliziyweni,Kodwa nguJehova oqondisa izinyathelo zakhe. +
10 Isinqumo esiphefumulelwe* kufanele sibe sezindebeni zenkosi; +Akumelwe nanini ihlanekezele ubulungisa. +
11 Izilinganiso nezikali ezinembile zivela kuJehova;Zonke izisindo ezisesikhwameni zingumsebenzi wakhe. +
12 Imikhuba emibi iyanengeka emakhosini, +Ngoba isihlalo sobukhosi simiswa siqine ngokulunga. +
13 Inkulumo elungile imnandi emakhosini.
Ayamthanda umuntu okhuluma iqiniso. +
14 Ulaka lwenkosi lufana nesithunywa esiletha umbiko wokufa, +Kodwa umuntu ohlakaniphile uyaludambisa. *+
15 Uma inkosi ibonisa umuntu umusa, lowo muntu uyoba nokuphila okumnandi;Umusa wayo unjengefu lemvula entwasahlobo. +
16 Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuthola ukuhlakanipha kunegolide! +
Kufanele ukhethe ukuzuza ukuqonda kunokuzuza isiliva. +
17 Indlela yabaqotho iyakugwema okubi.
Noma ubani oqapha indlela yakhe ulonda ukuphila kwakhe. +
18 Ukuzidla kwandulela ukuphahlazeka,Nokuzikhukhumeza kwandulela ukuwa. +
19 Kungcono ukuba othobekile* phakathi kwabamnene +Kunokuhlukaniselana impahla ephangiwe yabazidlayo.
20 Obonisa ukuqonda endabeni uyophumelela,*Uyajabula othembela kuJehova.
21 Ohlakaniphile enhliziyweni kuyothiwa uyaqonda, +Nokhuluma amazwi anomusa* uyalalelwa. +
22 Ukuqondisisa kungumthombo wokuphila kulabo abanako,Kodwa iziwula ziyalwa ubuwula bazo.
23 Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile yenza umlomo wakhe ube nokuqondisisa +Yenze nokuba akushoyo kulalelwe.
24 Amazwi amnandi ayikhekheba lezinyosi,Amnandi emphefumulweni* futhi elapha amathambo. +
25 Kukhona indlela ebonakala iyinhle kumuntu,Kodwa isiphetho sayo ukufa. +
26 Iphango* lesisebenzi lisenza sisebenze kanzimaNgoba ukulamba* kwaso kuyasigqugquzela. +
27 Umuntu ongelusizo lwalutho umba okubi; +Akushoyo kunjengomlilo ohangulayo. +
28 Umuntu ophehla udweshu* udala ingxabano, +Nomnyundeli uhlukanisa abangane abakhulu. +
29 Umuntu onobudlova uyenga umakhelwane wakheAmholele endleleni okungeyona.
30 Ucifa iso lakhe njengoba eceba okubi.
Uluma izindebe zakhe njengoba eganga.
31 Izinwele ezimpunga zingumqhele wobuhle *+Lapho zitholwa umuntu ohamba endleleni yokulunga. +
32 Owephuza ukuthukuthela + ungcono kunendoda enamandla,Nolawula intukuthelo* yakhe ungcono kunomuntu onqoba idolobha. +
33 Inkatho yenzelwa ethangeni, +Kodwa zonke izinqumo ezenziwa ngayo zivela kuJehova. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “efanele.” NgesiHebheru, “yolimi.”
^ NgesiHebheru, “zimsulwa.”
^ NgesiHebheru, “Gingqela imisebenzi yakho kuJehova.”
^ Noma, “saphezulu.”
^ Noma, “uyalugwema.”
^ NgesiHebheru, “nomoya omnene.”
^ NgesiHebheru, “uyothola okuhle.”
^ Noma, “Nenkulumo emnandi.” NgesiHebheru, “Nezindebe ezimnandi.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Umphefumulo.”
^ NgesiHebheru, “umlomo.”
^ Noma, “oceba amacebo.”
^ Noma, “wenkazimulo.”
^ NgesiHebheru, “umoya.”