IzEnzo ZabaPhostoli 4:1-37
4 Ngesikhathi laba ababili besakhuluma nabantu, abapristi, induna yethempeli nabaSadusi + beza kubo.
2 Babecasukile ngoba abaphostoli babefundisa abantu futhi bememezela obala ukuvuka kukaJesu kwabafile. +
3 Ngakho bababamba bababopha + kwaze kwaba usuku olulandelayo, ngoba kwase kuhlwile.
4 Nokho, abaningi kulabo ababelalele inkulumo bakholwa, inani lamadoda lalicishe libe ngu-5 000. +
5 Ngosuku olulandelayo, ababusi babo, amadoda amadala kanye nababhali bahlangana ndawonye eJerusalema,
6 no-Anase + umpristi omkhulu, uKayafase, + uJohane, u-Aleksandru nabo bonke ababeyizihlobo zompristi omkhulu.
7 Bamisa uPetru noJohane phakathi kwabo bababuza bathi: “Nikwenze ngamaphi amandla noma ngegama likabani lokhu?”
8 UPetru egcwele umoya ongcwele, + wathi kubo:
“Babusi babantu namadoda amadala,
9 uma namuhla siphenywa ngenxa yesenzo esihle esisenze endodeni ekhubazekile, + futhi nifuna ukwazi ukuthi ubani owenze le ndoda yaphila,
10 makwazeke kini nonke nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli, ukuthi ngegama likaJesu Kristu umNazaretha, + enambethela esigxotsheni + kodwa uNkulunkulu wamvusa kwabafile, + kungenxa yakhe le ndoda imi lapha phambi kwenu iphile saka.
11 Lo ‘uyitshe nina bakhi enaliphatha njengelingento yalutho eseliyitshe legumbi* eliyinhloko.’ +
12 Ngaphezu kwalokho, ayikho insindiso kunoma ubani omunye, ngoba alikho elinye igama + emhlabeni uNkulunkulu alikhethile phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.” +
13 Lapho bebona isibindi* sikaPetru noJohane futhi beqonda ukuthi bangabantu abangafundile* nabavamile, + bamangala. Babona ukuthi babenoJesu. +
14 Njengoba bebuka indoda eyayelashiwe imi nabo, + ababanga nalutho abangaphendula ngalo. +
15 Ngakho babayala ukuba baphumele ngaphandle kwehholo leSanhedrini, babonisana,
16 bethi: “Yini okufanele siyenze ngalaba bantu? + Ngoba ngempela kwenzeke isibonakaliso esiphawulekayo ngabo, esisobala kubo bonke abahlala eJerusalema, + asikwazi ukusiphika.
17 Ukuze lokhu kungaqhubeki kusakazeka phakathi kwabantu, masibasabise, sibatshele ukuthi bangabe besakhuluma namuntu ngaleli gama.” +
18 Ngemva kwalokho bababiza babayala ukuba bangasho lutho nhlobo noma bafundise ngegama likaJesu.
19 Kodwa uPetru noJohane babaphendula bathi: “Ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, yahlulelani nina.
20 Kodwa thina, ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.” +
21 Ngakho, lapho sebephinde babasabisa, babakhulula, njengoba babengatholanga zizathu abangabajezisela zona nangenxa yokuthi babesaba abantu + ngoba bonke babekhazimulisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.
22 Indoda okwenziwa kuyo lesi simangaliso* sokuphulukisa yayineminyaka engaphezu kwengu-40 ubudala.
23 Ngemva kokukhululwa, baya kubantu bakubo bafike babika lokho abapristi abakhulu namadoda amadala ababekushilo kubo.
24 Lapho bezwa lokhu, bathandaza kuNkulunkulu ngobunye bathi:
“Nkosi EnguMbusi, nguWe owenza izulu nomhlaba nolwandle nazo zonke izinto ezikukho, +
25 nowathi ngomoya ongcwele, ngomlomo kakhokho wethu uDavide, + inceku yakho: ‘Kungani izizwe zixokozela nabantu bezindla ngezinto eziyize?
26 Amakhosi omhlaba avukela, nababusi babuthana ngobunye bamelana noJehova* nogcotshiwe* wakhe.’ +
27 Ngempela bobabili uHerode noPontiyu Pilatu + kanye nabantu bezizwe nabantu bakwa-Israyeli babuthana kuleli dolobha bamelana nenceku yakho engcwele uJesu, owayigcoba, +
28 ukuze benze lokho isandla nenjongo yakho okwakukunqume kusengaphambili ukuba kwenzeke. +
29 Manje Jehova,* naka izinsongo zabo, wenze izinceku zakho ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi,
30 kuyilapho welula isandla sakho ukuze uphulukise futhi kwenzeka izibonakaliso nezimangaliso + egameni lenceku yakho engcwele uJesu.” +
31 Lapho sebenxusile,* indawo ababebuthene kuyo yanyakaza, bonke ngothi lwabo bagcwala umoya ongcwele, + bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi. +
32 Ngaphezu kwalokho, kwakunoquqaba lwabafundi, ababenhliziyonye futhi bemphefumulo* munye, akekho ngisho noyedwa owayethi noma iyiphi yezinto ayenazo yayingeyakhe yedwa, kodwa zonke izinto babezihlanganyela ndawonye. +
33 Ngamandla amakhulu abaphostoli baqhubeka benikeza ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu, + uNkulunkulu wababonisa bonke umusa wakhe omkhulu ngesilinganiso esikhulu.
34 Eqinisweni, akekho owayeswele phakathi kwabo, + ngoba bonke ababenamasimu noma izindlu babekuthengisa balethe ababekuzuze ngezinto ezithengisiwe,
35 bakubeke ezinyaweni zabaphostoli. + Kwakube sekwabelwa lowo nalowo ngokwesidingo sakhe. +
36 UJosefa, abaphostoli ababembiza nangokuthi uBarnaba, + (okusho ukuthi uma kuhunyushwa, “iNdodana Yenduduzo”), umLevi, owokuzalwa eKhupro,
37 wayenesiqephu sendawo, wasithengisa, waletha imali wayibeka ezinyaweni zabaphostoli. +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiGreki, “lasekhoneni.”
^ Noma, “ukungagunci.”
^ Okuwukuthi, abangafundanga ezikoleni zorabi; akushiwo abangakwazi ukufunda nokubhala.
^ Noma, “sibonakaliso.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “noKristu.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “sebethandaze ngobuqotho.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.