NgokukaMarku 13:1-37
13 Njengoba ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi la matshe mahle kanjani nokuthi lezi zakhiwo zinkulu kangakanani!” +
2 Nokho, uJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu? Akusoze kwashiywa lapha itshe phezu kwetshe lingadilizelwa phansi.” +
3 Njengoba ayehlezi eNtabeni Yeminqumo ithempeli libonakala, uPetru, uJakobe, uJohane no-Andreya bambuza lo mbuzo ngasese:
4 “Sitshele, ziyokwenzeka nini lezi zinto, futhi yiluphi uphawu* esiyobona ngalo lapho sekusondela isiphelo sazo zonke lezi zinto?” +
5 Ngakho uJesu wathi kubo: “Xwayani ukuba ningadukiswa muntu. +
6 Baningi abayoza ngegama lami, bethi, ‘Nginguye,’ badukise abaningi.
7 Ngaphezu kwalokho, lapho nizwa ngezimpi nemibiko yezimpi, ningethuki; lezi zinto kumelwe zenzeke, kodwa ukuphela kuyobe kungakafiki. +
8 “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso; + kuyoba khona ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo; kuyoba khona nokusweleka kokudla. + Lokhu kuwukuqala kwemihelo yokucindezeleka. +
9 “Kodwa nina, kumelwe nivule amehlo. Abantu bayoninikela ezinkantolo zendawo, + niyoshaywa emasinagogeni, + nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, ngale ndlela ninganikeza ubufakazi kubo. +
10 Futhi izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala. +
11 Lapho benithatha ukuze baninikele kubantu abayiziphathimandla, ningakhathazeki kusengaphambili ngalokho enizokusho; kodwa noma yini umoya ongcwele othi yikhulumeni ngalelo hora aniboyikhuluma, ngoba akunina enikhulumayo, kodwa umoya ongcwele. +
12 Ngaphezu kwalokho, umuntu uyonikela ngomfowabo ekufeni, uyise anikele ngomntwana, nabantwana bayovukela abazali, benze ukuba babulawe. +
13 Niyozondwa abantu bonke ngenxa yegama lami. + Kodwa lowo okhuthazele* kwaze kwaba sekupheleni + uyosindiswa. +
14 “Nokho, lapho nibona into enyanyekayo ebangela incithakalo + imi lapho kungafanele ibe khona (ofundayo makasebenzise ukuqonda), labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni. +
15 Umuntu ophezu kwendlu makangehli noma angene ngaphakathi ayokhipha noma yini esendlini yakhe;
16 umuntu osensimini makangabuyeli ezintweni ezisemuva ayothatha ingubo yakhe yangaphandle.
17 Maye kwabesifazane abakhulelwe nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! +
18 Thandazelani ukuba kungenzeki ngesikhathi sasebusika;
19 ngoba lezo zinsuku ziyoba izinsuku zosizi + olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo eyadalwa uNkulunkulu kuze kube manje, nolungeke luphinde lube khona. +
20 Empeleni, ukube uJehova* akazifinyezanga lezo zinsuku, akukho muntu obeyosinda. Kodwa ngenxa yabakhethiwe, abakhethwe nguye, uzifinyezile lezo zinsuku. +
21 “Okunye futhi, uma noma ubani ethi kini, ‘Bhekani! Nangu uKristu,’ noma ethi, ‘Bhekani! Nanguya,’ ningamkholwa. +
22 Ngoba kuyovela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga + benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiwe uma kungenzeka.
23 Nina qaphelani. + Nginitshele zonke izinto kusengaphambili.
24 “Kodwa ngalezo zinsuku, ngemva kwalolo sizi, ilanga liyoba mnyama, nenyanga ngeke ikhanye, +
25 nezinkanyezi ziyowa ezulwini, namandla amazulu ayonyakaziswa.
26 Bayobona iNdodana yomuntu + iza isemafwini inamandla amakhulu nenkazimulo. +
27 Iyobe isithuma izingelosi ziqoqele ndawonye abakhethiwe bakhe bevela kuzo zonke izinhlangothi,* kusukela emkhawulweni womhlaba kuye emkhawulweni wezulu. +
28 “Manje fundani lo mfanekiso esihlahleni somkhiwane: Lapho nje igatsha laso elisha lithamba futhi liveza amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. +
29 Ngokufanayo nani, lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi iNdodana yomuntu iseduze, emnyango. +
30 Ngiqinisile ngithi kini, lesi sizukulwane asisoze sadlula* zingakenzeki zonke lezi zinto. +
31 Izulu nomhlaba kuyodlula, + kodwa amazwi ami awasoze adlula. +
32 “Ngokuphathelene nalolo suku noma lelo hora, akekho owaziyo, nazingelosi ezulwini naNdodana, ngaphandle kukaBaba. +
33 Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, + ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe. +
34 Kunjengomuntu owashiya indlu yakhe waya kude, wanika izinceku zakhe igunya lokwengamela indlu, + ngayinye wayinika umsebenzi ezowenza, wayala umlindisango ukuba ahlale elindile. +
35 Ngakho hlalani nilindile, ngoba anazi ukuthi inkosi yendlu iyobuya nini, + ukuthi iyobuya ilanga selishonile noma phakathi kwamabili noma ezintathakusa* noma ekuseni kakhulu, +
36 ukuze kuthi lapho ifika kungazelelwe, inganitholi nilele. +
37 Kodwa lokho engikusho kini ngikusho kubo bonke: Hlalani nilindile.” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “isibonakaliso.”
^ Noma, “okhuthazela.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ NgesiGreki, “emimoyeni yomine.”
^ Noma, “safa.”
^ NgesiGreki, “ngaphambi kokukhala kweqhude.”