KwabaseRoma 12:1-21
12 Ngakho ngiyanincenga bazalwane, ngozwela lukaNkulunkulu, ukuba ninikele imizimba yenu + ibe umhlatshelo ophilayo, ongcwele, + owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga. +
2 Yekani ukulolongwa* nifane nabantu baleli zwe,* kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, + ukuze nizitholele ngokwenu + okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nephelele.
3 Ngoba ngomusa omkhulu enginikwe wona, ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeka akucabange, + kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile, yilowo nalowo njengoba uNkulunkulu emnike* isilinganiso esithile sokholo. +
4 Ngoba njengoba nje sinamalunga amaningi emzimbeni owodwa, + kodwa wonke la malunga engenawo umsebenzi ofanayo,
5 kanjalo nathi, nakuba sibaningi, singumzimba owodwa, simunye noKristu, kodwa ngabanye singamalungu elinye nelinye. +
6 Sinezipho ezihlukahlukene ngokomusa omkhulu esiwunikiwe, + uma kuwukuprofetha, masiprofethe ngesilinganiso sokholo lwethu;
7 noma uma kuyinkonzo, masibe kule nkonzo; lowo ofundisayo, makabe sekufundiseni kwakhe; +
8 lowo okhuthazayo,* makakhuthaze; *+ owabayo,* makakwenze ngesandla esivulekile; + oholayo,* makakwenze ngenkuthalo; *+ obonisa isihe, makakwenze ngenjabulo. +
9 Uthando lwenu malungabi nabuzenzisi. + Zondani okubi; + bambelelani kokuhle.
10 Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole. *+
11 Khuthalani,* ningavilaphi. *+ Vuthani emoyeni. + Yibani izigqila zikaJehova. *+
12 Jabulani ethembeni. Khuthazelani osizini. + Phikelelani emthandazweni. +
13 Hlanganyelani izinto nabangcwele ngokwezidingo zabo. + Funani amathuba okwamukela abanye ngomusa. *+
14 Qhubekani nibusisa labo abashushisayo; + busisani ningaqalekisi. +
15 Jabulani nabajabulayo; khalani nabakhalayo.
16 Bhekani abanye ngendlela nani enizibheka ngayo; ninganaki izinto eziphakeme, kodwa landelani izinto eziphansi. + Ningabi abahlakaniphile emehlweni enu. +
17 Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. + Cabangani ngokuthi yini enhle emehlweni abo bonke abantu.
18 Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabo bonke abantu. +
19 Ningaziphindiseleli bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; *+ ngoba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina,’ kusho uJehova.” *+
20 Kodwa “uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza kanjalo uyonqwabelanisa amalahle avuthayo ekhanda laso.” *+
21 Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ukubunjwa.”
^ Noma, “bale nkathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “emabele.”
^ Noma, “ngobuqotho.”
^ Noma, “owengamelayo.”
^ Noma, “onikelayo.”
^ Noma, “makayale.”
^ Noma, “oyalayo.”
^ Noma, “nithathe isinyathelo kuqala.”
^ Noma, “Shisekani.”
^ Noma, “Ningavilaphi emsebenzini wenu.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma, “okungenisa izihambi.”
^ Okuwukuthi, ulaka lukaNkulunkulu.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Okuwukuthi, ukuze uthambise umuntu, udambise ukuba lukhuni kwakhe.