Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingayilawula Kanjani Imizwelo Yami?

Ngingayilawula Kanjani Imizwelo Yami?

Isahluko 26

Ngingayilawula Kanjani Imizwelo Yami?

UCABANGANI—ingabe umlilo uwusizo noma uyingozi? Cishe uzothi impendulo ixhomeke ezimweni. Ngobusuku obubandayo, imbawula evuthayo ingafudumeza indlu kamnandi. Kuhle lokho. Kodwa uma amalangabi engagadiwe, angabhebhetheka masinyane athungele indlu ishe ingqongqe. Kubi lokho.

Kuyefana nangemizwelo yakho. Uma ilawulwa, iwusizo, ikwenza ukwazi ukwakha ubungane obuhle. Uma ingalawulwa, ingadala umonakalo, hhayi kuwe kuphela kodwa nakwabanye.

Njengoba usakhula, ngezinye izikhathi ungazithola ugajwe intukuthelo noma ukudabuka. Ungayilawula kanjani le mizwelo? Asixoxe ngowodwa ngesikhathi.

Ukwehlisa Igwebu

Akulula ukubhekana ngokuphumelelayo nokulimala nobuhlungu obuba khona lapho uphathwa kabi. Abanye abakulesi simo bayehluleka ukuzibamba. Empeleni, iBhayibheli likhuluma ngabantu ‘abathambekele entukuthelweni’ ‘nabathambekele ekufuthekeni.’ (IzAga 22:24; 29:22) Akuyona indaba encane lena. Intukuthelo engalawuliwe ingakwenza wenze isenzo oyozisola ngaso kamuva. Pho, ungayilawula kanjani imizwelo yakho lapho uphathwe kabi?

Okokuqala, hlaziya isimo ngokwethembeka, ubone ukuthi ungayidlulisa yini indaba enhliziyweni yakho. * (IHubo 4:4) Khumbula, ukubuyisela “ukulinyazwa ngokulimaza” kuyomane kwenze izinto zibe zimbi nakakhulu. (1 Thesalonika 5:15) Ngemva kokucabangisisa ngenkinga nokuthandaza ngayo, ungathola ukuthi ayibe isakuthukuthelisa. Lapho usukwenzile lokho, liyehla igwebu.—IHubo 37:8.

Kepha kuthiwani uma ubuhlungu bungapheli? IBhayibheli lithi ‘kunesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.’ (UmShumayeli 3:7) Ungakwazi yini ukuyokhuluma nomuntu okuphathe kabi? Uma kungekona ukuhlakanipha ukwenzenjalo, kungakusiza ukuxoxa ngendlela ozizwa ngayo nabazali bakho noma umngane wakho ovuthiwe. Uma kunomuntu ohlalele ukukuhlupha, yenza umzamo okhethekile wokumbonisa umusa.  Ishadi elisekhasini 221 lingakusiza ucabange ezinye izindlela ongasabela ngazo ezimweni okungenzeka ukuthi bezilokhu zikwenza usabele mawala.

Unganqikazi ukuthandaza kuJehova, umcele akusize ungamcasukeli umuntu okuphathe kabi. Khumbula lokhu: Nakuba ungenakukushintsha osekwenzekile, ungakwazi ukushintsha indlela osabela ngayo kulokho osekwenzekile. Uma uyivumela intukuthelo ibile ngaphakathi kuwe, awubi namandla okwenza noma yini, ufana nenhlanzi ebanjwe udobo. Uvumela omunye umuntu alawule ukucabanga nemizwelo yakho. Ngeke yini uthande ukuba kube nguwe oyilawulayo?—Roma 12:19.

Ukubhekana Ngokuphumelelayo Nokudabuka

“Muva nje bengineconsi futhi ngizigxeka ngokweqile,” kusho uLaura oneminyaka engu-16. “Angitholi njabulo ekuphileni. Ngikhala ngize ngizumeke.” NjengoLaura, intsha eningi inezingcindezi ezingaphezu kwamandla ayo. Kuthiwani ngawe? Izimfuno zabazali bakho, abangane nothisha; ushintsho olwenzeka emzimbeni nolungokomzwelo ngesikhathi sokuthomba; noma umuzwa wokuthi uyisehluleki ngenxa yokushiyeka okungatheni—lezi zinto zingakushiya ungajabulile neze.

Enye intsha ize ikhethe nokuzilimaza ukuze idambise ubuhlungu. * Uma uwenza lo mkhuba, zama ukuthola imbangela. Ngokwesibonelo, ngokuvamile ukuzilimaza kuyindlela yokukhuthazelela uhlobo oluthile lokucindezeleka. Sikhona yini isimo esikucindezelayo—mhlawumbe isimo esiqondene nomkhaya wakini noma abangane bakho?

Enye yezindlela ezingcono kakhulu zokwenza ngcono isimo esikuzwisa ubuhlungu ukuxoxa nomzali noma ilungu elivuthiwe lebandla lobuKristu elingaba umuntu “ozalelwe isikhathi sosizi.” (IzAga 17:17) ULiliana oneminyaka engu-16, wathulula isifuba kodade asebekhulile abangamaKristu. Uthi: “Njengoba bebadala kunami, iseluleko sabo sihlakaniphile. Sebengabangane bami.” * UDana oneminyaka engu-15, uthi usizwe ukwandisa isikhathi asichitha enkonzweni yobuKristu. Uthi: “Kwakuyinto engcono kakhulu engangingayenza. Empeleni, kwakuyisikhathi esijabulisa kunazo zonke ekuphileni kwami!”

Ngaphezu kwakho konke, uma udabukile noma ucindezelekile, ungawushayi indiva umthandazo. Umhubi uDavide, owayelwazi usizi, wabhala: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHubo 55:22) UJehova uyakwazi ukuhlupheka kwakho. Ngaphezu kwalokho, ‘uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Uma inhliziyo yakho ikulahla, khumbula ukuthi ‘uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yakho futhi wazi zonke izinto.’ (1 Johane 3:20) Uqonda kangcono kunawe ukuthi kungani ukhathazekile futhi angakuqeda ukukhathazeka kwakho.

Uma usaqhubeka udabukile, kungenzeka ukuthi unenkinga yempilo, njengokucindezeleka. * Uma kunjalo, kungaba kuhle ukuba uhlolwe udokotela. Ukungasinaki lesi simo kungafana nokuvulela phezulu umsakazo wemoto ukuze ungawuzwa umsindo osenjinini yemoto. Kungcono kakhulu ukulungisa inkinga. Asikho ngempela isidingo sokuba namahloni ngesimo okuso. Intsha eningi ehlushwa ukucindezeleka nezinkinga ezifana nako isizwa ukwelashwa.

Khumbula, imizwelo yakho ifana nomlilo. Uma uyilawula, iwusizo; uma ungayilawuli, ingadala inhlekelele. Yenza konke ongakwenza ukuze uthibe imizwelo yakho. Yiqiniso, ngezikhathi ezithile cishe uyosho noma wenze izinto oyozisola ngazo kamuva. Kodwa bekezela. Ngokuhamba kwesikhathi, uzofunda ukulawula imizwelo yakho ukuze kungabi iyona elawula wena.

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ingabe ungumuntu ongawamukeli amaphutha? Uma kunjalo, ungafunda kanjani ukuphila namaphutha akho?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 Uma impatho embi ihilela ukuxhashazwa, bheka iSahluko 14 sale ncwadi ukuze uthole ukusikisela kokubhekana nesimo. Ngakolunye uhlangothi, uma umngane wakho ekucasulile, amaphuzu aseSahlukweni 10 angakusiza.

^ par. 13 Abantu abazilimazayo bazilimaza ngamabomu ngezindlela ezihlukahlukene, njengokuzisika, ukuzishisa, ukuziklwebha noma ukuzixebula isikhumba.

^ par. 14 Uma ungenaso isibindi sokukhuluma nomuntu ubuso nobuso, zama ukumbhalela incwadi noma umshayele ucingo. Ngokuvamile, ukuthulula isifuba kothile kuyisinyathelo sokuqala sokululama ngokomzwelo.

^ par. 16 Ukuze uthole amaphuzu engeziwe ngokucindezeleka, bheka uMqulu 1, isahluko 13.

UMBHALO OYINHLOKO

“Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.”—Roma 12:21.

ICEBISO

Usuku ngalunye xoxela umzali wakho (abazali) into eyodwa enhle eyenzeke kuwe—ngisho noma kuyinto encane nje. Kuyothi lapho kuvela inkinga engathí sina, ukuthole kulula ukukhuluma nabo. Nabo bayofuna ukukulalela.

UBUWAZI . . . ?

Lapho uncisha umzimba wakho ukuphumula nokudla okwanele, ngeke ukwazi ukulawula imizwa yakho.

ENGIZOKWENZA!

Umuzwa ongajabulisi engikuthola kunzima kakhulu ukuwulawula yilo ․․․․․

Ngizowusingatha ngoku- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani intukuthelo engalawuliwe ingamjabulisi uNkulunkulu?

● Kungakulimaza ngaziphi izindlela ukuhlale ucasukile?

● Yiziphi ezinye zezindlela ezingakusiza ukuba ubhekane nokudabuka?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 223]

“Into ebaluleke kunazo zonke kwakuwukwazi ukuthi kunomuntu ongikhathalela ngempela, engingakhuluma naye lapho izinto zingahambi kahle.’’—UJennifer

[Ishadi/Izithombe ekhasini 221]

 Ishadi Lemibuzo

lawula Intukuthelo Yakho Gcwalisa leli shadi

Okwenzekile Ukusabela Ukusabela

ngamawala okungcono

Ingane engifunda Ngizoyithuka Ngizoyiziba futhi

nayo iyangigcona ngiyibonise

ukuthi ngeke

ingithukuthelise

Udadewethu “utsheleke” Ngizophindisela ․․․․․

izicathulo zami “ngokutsheleka”

engizithandayo into yakhe 

engangicelanga ngingayicelanga

Abazali bami ․․․․․ ․․․․․

bayangenqabela

ukwenza into ethile

[Isithombe ekhasini 220]

Umuntu ofukamela intukuthelo ufana nenhlanzi ebanjwe udobo—kokubili kulawulwa omunye umuntu