Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngingazijabulisa Kanjani?

Ngingazijabulisa Kanjani?

Isahluko 32

Ngingazijabulisa Kanjani?

Phawula le misho elandelayo ngokuthi iqiniso noma amanga

NgokweBhayibheli . . .

Akulungile ukudlala imidlalo.

□ Iqiniso □ Amanga

Wonke amabhayisikobho nezinhlelo ze-TV kunethonya elibi.

□ Iqiniso □ Amanga

Alukho uhlobo lomdanso olwamukelekayo.

□ Iqiniso □ Amanga

USEBENZE kanzima isonto lonke. Manje sekuyimpelasonto. Usuyiqedile nemisebenzi yakho yasekhaya. Futhi usenamandla, okungesinye sezibusiso zokuba musha. (IzAga 20:29) Manje usufuna ukuzijabulisa.

Ontanga yakho bangase babe nomuzwa wokuthi iBhayibheli limelene nokuzijabulisa, bathi likuvimbela ukuba uzijabulise. Kodwa kuyiqiniso yini lokho? Ake sicabangele izimpendulo zemibuzo esekhasini elandulele, sibone ukuthi iBhayibheli lithini ngempela ngokuzijabulisa.

Akulungile nje kwaphela ukudlala imidlalo.

Amanga. IBhayibheli lithi, ‘ukuqeqesha umzimba kuyazuzisa.’ (1 Thimothewu 4:8) Igama lesiGreki sokuqala elisho “ukuziqeqesha” uPawulu alisebenzisa lapha lisho ‘ukuziqeqesha njengomvocavoci womzimba’ futhi lidlulisela umqondo wokuzivivinya. Namuhla kunemidlalo eminingi engaba indlela enhle nejabulisayo yokuzivivinya—imidlalo efana nokushwibeka (njengaseqhweni), ukudlala amabhayisikili, ukugijima, ibhola lomphebezo, i-baseball, ibhola likanobhutshuzwayo ne-volleyball, uma sibala embalwa nje.

Ingabe lokhu kusho ukuthi asikho isidingo sokuqapha? Cabangela umongo wevesi elicashunwe ngenhla. Lapho ebhalela insizwa enguThimothewu, umphostoli uPawulu wathi: “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kuzuzisa ezintweni zonke, ngoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” Amazwi kaPawulu asikhumbuza ukuthi okufanele kuze kuqala njalo ekuphileni kwethu ukujabulisa uNkulunkulu. Ungaqikelela ukuthi ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kuza kuqala ekuphileni kwakho—ngisho nalapho ukhetha umdlalo—ngokuzibuza le mibuzo emithathu elandelayo:

1. Lo mdlalo uyingozi kangakanani? Ungathembeli enzwabethini noma kulokho enye intsha ekutshela kona. Zitholele amaqiniso. Ngokwesibonelo, thola lokhu okulandelayo: Bangaki abalimalayo kulo mdlalo? Yiziphi izinyathelo zokuphepha ezikhona? Yikuphi ukuqeqeshwa nezinto zokudlala ezidingekile ukuze lo mdlalo ungabi yingozi? Nakuba zikhona izingozi kuyo yonke imidlalo, ingabe umgomo oyinhloko walo mdlalo uwukuzifaka engozini yokulimala noma yokufa?

Ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, futhi uMthetho kaNkulunkulu owanikezwa ama-Israyeli wawunezijeziso eziqatha uma ukuphila kulahleke ngengozi. (Eksodusi 21:29; Numeri 35:22-25) Ngaleyo ndlela abantu bakaNkulunkulu babekhuthazwa ukuba baphaphamele ukuphepha. (Duteronomi 22:8) AmaKristu namuhla nawo anesibopho sokubonisa inhlonipho ngokuphila.

2. Ingabe lo mdlalo uzongihlanganisa nabangane abahle? Uma unekhono elithile kwezemidlalo, ontanga nothisha bangase bakucindezele ukuba ujoyine iqembu lesikole. Ungase ube nesifiso esinamandla sokuba uvume. UmKristu osemusha okuthiwa uMark uthi, “Ngibona sengathi abazali bami abangicabangeli njengoba benginqabela ukuba ngijoyine iqembu lesikole.” Kodwa kunokuba uncenge abazali bakho ukuba bamukele umbono wakho, cabanga ngala maqiniso alandelayo: Ngokuvamile, isikhathi sokuziqeqesha nesokudlala siba lapho isikole sesiphumile. Uma udlala kahle, ungase ukhuthazwe ukuba uchithe isikhathi esengeziwe udlala. Uma ungenzi kahle, uyozizwa uphoqelekile ukuba uchithe isikhathi esengeziwe uziqeqesha. Ngaphezu kwalokho, kuvamile ukuba abantu abaseqenjini elilodwa babe abangane abakhulu njengoba bejabula ndawonye uma benqobile futhi bekhala ndawonye uma behluliwe.

Manje zibuze: ‘Ingabe ukuchitha isikhathi sami kokuthile okungase kungenze ngisondelane kakhulu nentsha engaphili ngezindinganiso ezifana nezami kuyoba nethonya elihle kimi?’ (1 Korinte 15:33) ‘Yini engizimisele ukuyidela ukuze nje ngidlale eqenjini elithile?’

3. Lo mdlalo uzodla isikhathi nemali engakanani? IBhayibheli lisiyala ‘ukuba siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:10) Ukuze usebenzise lesi seluleko, zibuze: ‘Ingabe ukudlala lo mdlalo kuzodla isikhathi engisibekele ukwenza umsebenzi wesikole noma izinto ezingokomoya? Kubiza malini ukudlala lo mdlalo? Ingabe nginemali eyanele yokuhlangabezana nalezo zindleko?’ Ukuphendula le mibuzo kuyokusiza ukuba uhlele izinto eziza kuqala.

Wonke amabhayisikobho nezinhlelo ze-TV kunethonya elibi.

Amanga. IBhayibheli liyala amaKristu ukuba ‘abambelele aqinise kokuhle’ futhi ‘adede kuzo zonke izinhlobo zobubi.’ (1 Thesalonika 5:21, 22) Akuwona wonke amabhayisikobho nezinhlelo ze-TV ezingqubuzana naleyo ndinganiso. *

Ngokuqinisekile, ukuyobukela ibhayisikobho kungaba indlela ejabulisayo yokuzilibazisa nabangane. Intombazane yaseNingizimu Afrika okuthiwa uLeigh ithi, “Uma ngifuna ukubona ibhayisikobho ethile, ngishayela omunye wabangane bami ucingo, bese sitshela nabanye abangane bethu.” Ngokuvamile abayi ebhayisikobho edlala ebusuku. Ngemva kwalokho, abazali babo bayabalanda bese beyodla ndawonye endaweni ethile.

Amabhayisikobho ne-TV angase abe yizinto zesimanje, kodwa eqinisweni amane awukuvuselelwa kwesiko lakudala—lokulandisa izindaba. UJesu wayeyingcweti yokufinyelela izinhliziyo zabantu ngokubaxoxela izindaba. Ngokwesibonelo, umfanekiso wakhe womSamariya ongumakhelwane omuhle ukhuthaza uzwela ufundise nezifundo ezinamandla zokuziphatha.—Luka 10:29-37.

Abenzi bamabhayisikobho namuhla nabo bafundisa izifundo ezilolonga imibono yabantu ngokuziphatha. Bazama ukwenza izibukeli zizihlobanise nabadlali—ngisho nalapho umdlali oyiqhawe eyisigebengu noma engumuntu ononya, ohahela izikhundla. Uma ungaqaphile, ungazithola usuchema nesigebengu, engqondweni yakho uthethelele izenzo zaso zokuziphatha okubi noma ezinonya! Ungalugwema kanjani lolu gibe?

Lapho ukhetha ibhayisikobho noma uhlelo lwe-TV, zibuze: ‘Ingabe lolu hlelo luzongikhuthaza ukuba ngibe nobubele besisa?’ (Efesu 4:32) ‘Noma ingabe luzongenza ngijabule ngenhlekelele eyehlele omunye?’ (IzAga 17:5) ‘Luzokwenza kube nzima yini ukuba ‘ngizonde okubi’?’ (IHubo 97:10) ‘Ingabe empeleni ngizobe ngizihlanganisa ‘nabenzi bokubi’?’—IHubo 26:4, 5.

Imibiko ehlaziya amabhayisikobho kanye nezikhangiso ingakunikeza umqondo wokuthi ibhayisikobho ikhuluma ngani. Kodwa ungabi “nokholo kuwo wonke amazwi.” (IzAga 14:15) Ngani? Umbiko ohlaziya ibhayisikobho uveza umbono womunye umuntu. Futhi isikhangiso singase silifihle ngamabomu iqiniso lokuthi ibhayisikobho inezigcawu ezingathandeki. UConnie osemusha uthi, “Ngiye ngathola ukuthi ukwazi ukuthi obani abadlali abaphambili kuyibhayisikobho ethile kuye kukunike umqondo walokho ongase ukubone kuleyo bhayisikobho.”

Ontanga yakho abangamaKristu abaphila ngezimiso zeBhayibheli ezifana nezakho bangase bazi uma ibhayisikobho ethile yamukeleka. Kodwa khumbula, abantu bavame ukukutshela lokho bona abakuthande ngempela ngebhayisikobho. Kungani ungababuzi ukuthi yini embi ngayo? Ungagwegwesi. Ngokwesibonelo, buza ukuthi zikhona yini izigcawu ezinobudlova, ubulili noma izenzo zobudemoni. Abazali bakho nabo bangakunikeza iseluleko esihle. UVanessa osemusha uthi: “Ngibuza abazali bami. Uma becabanga ukuthi kulungile ukuba ngiyibukele, ngiyahamba ngiyoyibukela.”

Ungayithathi kalula indaba yokukhetha ibhayisikobho noma uhlelo lwe-TV. Ngani? Ngoba ukuzijabulisa okukhethayo kubonisa lokho okusenhliziyweni yakho, kwembule izinto eziyigugu kuwe. (Luka 6:45) Ukukhetha kwakho kusho okukhulu ngohlobo lwabangane obathandayo, uhlobo lwenkulumo oyamukelayo, nezindinganiso zokuziphatha kobulili ozivumelayo. Ngakho yiba ngokhethayo!

Alukho uhlobo lomdanso olwamukelekayo.

Amanga. Lapho ama-Israyeli esewele uLwandle Olubomvu futhi esephunyukile ebuthweni laseGibhithe, uMiriyamu wahola abesifazane emdansweni wokuhalalisa. (Eksodusi 15:20) Ngokufanayo, emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko, ukuthokoza okwaba khona ngenxa yokubuya kwayo kwakuhlanganisa “umculo nokudansa.”—Luka 15:25.

Kungokufanayo nanamuhla. Emiphakathini eminingi, abancane nabadala bayadansa lapho umkhaya nabangane behlangene ndawonye. Nokho, kunesidingo sokuqapha. Nakuba iBhayibheli lingayigxeki imibuthano yokuzijabulisa enesizotha, liyaxwayisa ‘ngemibuthano exokozelayo’ noma “imibuthano engalawuleki.” (Galathiya 5:19-21, Byington) Umprofethi u-Isaya wabhala: “Maye kulabo abavuka ekuseni ukuze bafune uphuzo oludakayo nje kuphela, abalibala kuze kwephuze kakhulu ebumnyameni bokuhlwa lize libashise iwayini! Kuyoba khona ihabhu nensimbi yomculo enezintambo, ithamborini nomtshingo, newayini emadilini abo; kodwa umsebenzi kaJehova abawubheki.”—Isaya 5:11, 12.

Kule mibuthano kwakuba ‘nophuzo oludakayo’ nomculo oklabalasayo. Yayiqala ekuseni iqhubeke kuze kube sebusuku impela. Phawula nesimo sengqondo sabaxokozeli—babeziphatha njengokungathi uNkulunkulu akekho! Shono nje uNkulunkulu ayilahla imibuthano enjalo.

Uma umenywe emcimbini ozobe unomdanso, zibuze imibuzo enjengokuthi: ‘Obani abazobe bekhona? Banedumela elinjani? Ubani ozobe eqondisa umcimbi? Uyobe uqondiswa kanjani? Ingabe abazali bami bangivumele ukuba ngiye kulowo mcimbi? Hlobo luni lomdanso oluzobe lukhona?’ Izinhlobo eziningi zemidanso ezokuvusa inkanuko. Ingabe ukudansa imidanso enjalo noma-ke ukuyibukela kuyokusiza ukuba ‘ubalekele ubufebe’?—1 Korinte 6:18.

Kuthiwani uma umenyelwe emdansweni ozoba se-nightclub? Cabanga ngalokho okwashiwo uShawn, owayevame ukuya ezindaweni zokudansa ngaphambi kokuba abe ngumKristu. Uyakhumbula: “Ngokuvamile kudlalwa umculo ongcolile, ukudansa kuvame ukuvusa inkanuko yobulili, futhi iningi labantu abaya lapho basuke benomgomo othile.” UShawn uthi umgomo wabo uwukuhamba nothile abazohlanganyela naye ubulili. Ngemva kokutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, umbono wakhe washintsha. Usuyini umbono wakhe? “Lezi zindawo aziwafanele amaKristu.”

Kungani Kufanele Uhlale Uqaphile?

Ucabanga ukuthi kunini lapho isosha lingahlaseleka khona kalula—yilapho lisempini noma yilapho liziphumulele nabangane balo? Yilapho liziphumulele lingaqaphe lutho lapho lingahlaselwa khona kalula. Ngokufanayo, lapho usesikoleni noma emsebenzini, usuke uqaphile ngokomoya. Usuke uziphaphamele izingozi ezingase zikuvelele. Kukamuva lapho uziphumulele nabangane bakho lapho izindinganiso zakho zokuziphatha zingahlaseleka kalula khona.

Abanye ontanga bangase bakugcone ngenxa yokunamathela kwakho ezindinganisweni zokuziphatha eziphakeme zeBhayibheli uma kuziwa endabeni yokuzijabulisa. Ukucindezela kungase kuvele ngisho nasentsheni ekhuliswe abazali abangamaKristu. Kodwa intsha enjalo inonembeza ababuthuntu. (1 Thimothewu 4:2) Ingase ithi uyeqisa noma uzenza ngcono. Kepha kunokuba unqotshwe ukucindezela kontanga, ‘yiba nonembeza omuhle.’—1 Petru 3:16.

Okubaluleke ngempela akukona lokho ontanga yakho abakucabangayo ngawe, kodwa yilokho uJehova akucabangayo ngawe! Futhi uma abangane bakho bekuhlupha ngoba ulalela unembeza wakho, kusuke sekuyisikhathi sokuba uthole abangane abasha. (IzAga 13:20) Khumbula, nguwe ophethe izindinganiso zakho zokuziphatha—ngisho nalapho uzijabulisa.—IzAga 4:23.

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 37

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Izithombe zobulili ezingcolile zigcwele yonk ’indawo futhi zitholakala kalula kunanini ngaphambili. Ungalugwema kanjani lolu gibe?

[Umbhalo waphansi]

^ par. 22 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka uMqulu 1, isahluko 36.

UMBHALO OYINHLOKO

“Jabula, nsizwa, ebusheni bakho, . . . futhi uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nasezintweni ezibonwa amehlo akho. Kodwa yazi ukuthi ngenxa yazo zonke lezi zinto uNkulunkulu weqiniso uyokuletha ekwahlulelweni.”—UmShumayeli 11:9.

ICEBISO

Buza abazali bakho ukuthi bangathanda yini ukuhlela isikhathi esithile njalo ngenyanga, nicishe i-TV bese nijabula ndawonye njengomkhaya.

UBUWAZI . . . ?

Umdanso nomculo wawuyingxenye ebalulekile ekukhulekeleni kweqiniso kwama-Israyeli.—IHubo 150:4.

ENGIZOKWENZA!

Uma ngicelwa ukuba ngijoyine iqembu lesikole elidlala uma sekuphume isikole, ngizothi ․․․․․

Uma ibhayisikobho engiyibukela nabangane bami isolisa, ngizo- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

Kungani amaKristu kufanele ayigweme imidlalo eyingozi?

Ungabona kanjani ukuthi ibhayisikobho iyafaneleka?

Ungaluchaza kanjani uhlobo lomdanso ofanelekayo?

[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 269]

“Ngiyakuthanda ukudansa, kodwa ngiye ngafunda ukubaluleka kokulalela iseluleko sabazali bami. Angikuvumeli ukudansa kube yinto eza kuqala ekuphileni kwami.’’—UTina

[Isithombe ekhasini 268]

Isosha lingahlaseleka kalula lapho lingaqaphile—izindinganiso zakho zokuziphatha nazo zingahlaseleka kalula lapho uziphumulele