Ubani Ngempela Olawula Izwe?
Ucabanga ukuthi . . .
-
uNkulunkulu?
-
isintu?
-
omunye umuntu?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“Lonke izwe lilawulwa Omubi.”—1 Johane 5:19.
“INdodana kaNkulunkulu yezela . . . ukuzobhubhisa imisebenzi kadeveli.”—1 Johane 3:8, New Century Version.
LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE
SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?
Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezintathu:
-
Ukubusa kukaSathane kuhlulekile. UJehova uzimisele ukuqeda ukulawula kukaSathane isintu. Uthembisa ‘ukumenza ize uDeveli’ nokulungisa wonke umonakalo obangelwe nguSathane.—Hebheru 2:14, IBhayibheli-ImiBhalo Engcwele.
-
UNkulunkulu ukhethe uJesu Kristu ukuba abuse izwe. UJesu uhluke ngokuphelele kumbusi waleli zwe wamanje ononya nobugovu. Ngokuphathelene nokubusa kukaJesu, uNkulunkulu uthembisa ukuthi: ‘Uyohawukela ophansi noswele. Uyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.’—IHubo 72:13, 14.
-
UNkulunkulu akawaqambi amanga. IBhayibheli lisho ngokucacile: ‘Akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Hebheru 6:18) Lapho uJehova ethembisa ukwenza okuthile, kuvele kufane nje nokuthi sekwenzekile! (Isaya 55:10, 11) “Umbusi waleli zwe uzophonswa ngaphandle.”—Johane 12:31.
CABANGA NGALOKHU
Liyobanjani izwe ngemva kokuba umbusi walo esesusiwe?
IBhayibheli liyawuphendula lowo mbuzo encwadini yeHUBO 37:10, 11 neyeSAMBULO 21:3, 4.