INGXENYE 5
Buyelani “Kumalusi Nombonisi Wemiphefumulo Yenu”
Ikhona yini inselele oke wabhekana nayo kulezi esesixoxe ngazo kule ncwajana? Uma kunjalo, qiniseka ngokuthi uzoluthola usizo. Izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezithembekile
UJehova uyokusekela njengoba ubuyela kuye
Ukubuyela kuJehova kuyinto engcono kakhulu ongayenza. Kungani? Uyokwenza inhliziyo kaJehova ijabule. (IzAga 27:11) Njengoba wazi, uJehova unemizwa ngakho izinto esizenzayo ziyamthinta. Kuyiqiniso ukuthi uJehova akasiphoqi ukuba simthande nokuba simkhonze. (Duteronomi 30:
Ngaphezu kwalokho, lapho uphinde ukhonza uNkulunkulu, isidingo sakho esingokomoya siyokwaneliseka. (Mathewu 5:3) Ngayiphi indlela? Abantu emhlabeni bayazibuza, ‘Kungani silapha?’ Bafuna ukuthola izimpendulo zemibuzo ephathelene nenjongo yokuphila. Abantu banaleso sidingo ngenxa yokuthi uJehova wabadala benaso. Wasidala sinesidingo sokuthola ukwaneliseka ekumkhonzeni. Akukho ukwaneliseka okudlula lokho okubangelwa ukwazi ukuthi sikhonza uJehova ngothando.
Sicela wazi ukuthi uJehova ufuna ubuyele kuye. Ungaqiniseka kanjani ngalokho? Cabanga ngalokhu: Le ncwajana iye yabhalwa ngokucophelela ngosizo lwemithandazo ejulile. Kungenzeka ukuthi uyinikwe umdala ongumKristu noma omunye okholwa naye. Lapho usuyitholile uye washukumiseleka ukuba uyifunde futhi wenze lokho ekushoyo. Konke lokhu kuwubufakazi bokuthi uJehova akakukhohliwe. Kunalokho, ngesineke ukudonsela kuye.
Ukwazi ukuthi uJehova akazikhohlwa izinceku zakhe ezidukile kungasiduduza. Yilokho udade ogama lakhe linguDonna akuqaphela. Wathi: “Njengoba isikhathi siqhubeka ngayeka ukukhonza uNkulunkulu, kodwa ngangivame ukucabanga ngeHubo 139:
“Ngaqala ukubona ukuthi uJehova akakaze angilahle; kwakudingeka ngibuyele kuye”
Sithandaza ngobuqotho ukuba nawe uphinde uyithole “injabulo kaJehova.” (Nehemiya 8:10) Ngeke uzisole ngokubuyela kuJehova.