Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 3

URahabi Wayenokholo KuJehova

URahabi Wayenokholo KuJehova

Ake senze sengathi sisendaweni yaseJeriko. Le ndawo isezweni laseKhanani. Abantu abahlala lapha abamthandi uJehova. Kule ndawo kuhlala umama obizwa ngokuthi uRahabi.

Lapho uRahabi eseyintombazane encane, waxoxelwa ukuthi uMose wahlukanisa uLwandle Olubomvu, wakhipha ama-Israyeli eGibhithe. Wezwa nokuthi uJehova wawasiza kanjani ama-Israyeli ukuba anqobe izimpi ayezilwa nezitha zawo. Manje usezwa ukuthi ama-Israyeli ahleli ematendeni eduze kwaseJeriko!

URahabi wacashisa izinhloli ngoba wayenokholo kuJehova

Ngelinye ilanga kusihlwa, ama-Israyeli amabili aya eJeriko eyohlola izwe. Abizwa ngokuthi yizinhloli. Aya endlini kaRahabi. Uyawangenisa athi awahlale. Ebusuku, inkosi yaseJeriko iyezwa ukuthi kukhona izinhloli kule ndawo nokuthi zifikele endlini kaRahabi. Ngakho inkosi ithumela amadoda ukuba ayozilanda. URahabi ucashisa lezi zinhloli ezimbili ophahleni oluyisicaba lwendlu yakhe, bese etshela la madoda athunywe inkosi: ‘Izinhloli bezikhona, kodwa sezihambile. Uma nihamba manje, nizozithola!’ Uyazi ukuthi kungani uRahabi evikela izinhloli?— Kungenxa yokuthi unokholo kuJehova futhi uyazi ukuthi uJehova uzoyinika ama-Israyeli le ndawo yaseKhanani.

Ngaphambi kokuba izinhloli zihambe emzini kaRahabi, zimthembisa ukuthi yena nomndeni wakhe bazosinda lapho kubhujiswa iJeriko. Uyazi ukuthi zimtshela ukuba enzeni?— Zithi: ‘Thatha le ntambo ebomvu, uyilengise ngaphandle efasiteleni lakho. Uma wenza kanjalo, wonke umuntu osendlini yakho uyosinda.’ URahabi wenza njengoba nje izinhloli zimtshela. Uyazi ukuthi kwenzekani ngemva kwalokho?—

UJehova wasindisa uRahabi nomndeni wakhe

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ama-Israyeli azungeza le ndawo ethule. Ayizungeza izinsuku eziyisithupha, kanye ngosuku. Kodwa ngosuku lwesikhombisa, ayizungeza izikhathi eziyisikhombisa. Bese wonke eyamemeza kakhulu. UJehova wenza ukuba izindonga ezizungeze le ndawo zidilike. Kodwa umuzi olenga intambo ebomvu efasiteleni awudiliki! Uyawubona lapha esithombeni?— URahabi nomndeni wakhe bayasinda!

Yini oyifundayo kuRahabi?— URahabi wayenokholo kuJehova ngenxa yazo zonke izinto ezinhle ayezizwile ngaye. Nawe ufunda izinto eziningi ezinhle ngoJehova. Ingabe unokholo kuye njengoRahabi?— Siyazi ukuthi unalo!