Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 2

URebheka Wayefuna Ukujabulisa UJehova

URebheka Wayefuna Ukujabulisa UJehova

URebheka wayengumama othanda uJehova. Igama lomyeni wakhe kwakungu-Isaka. Naye wayemthanda uJehova. URebheka wambona kanjani u-Isaka? URebheka wabonisa kanjani ukuthi ufuna ukujabulisa uJehova? Masifunde ngaye.

Ubaba ka-Isaka kwakungu-Abrahama, umama wakhe kunguSara. Babehlala ezweni laseKhanani elinabantu ababengamthandi uJehova. Kodwa u-Abrahama wayefuna indodana yakhe ishade nentombi ethanda uJehova. Ngakho wathuma inceku yakhe ukuba iyotholela u-Isaka intombi ezweni laseHarana. Kulelo zwe kwakuhlala ezinye zezihlobo zika-Abrahama. Kungenzeka ukuthi igama lenceku eyathunywa kwakungu-Eliyezeri.

URebheka wayezimisele ukusebenza kakhulu ekhelela amakamela amanzi

U-Eliyezeri wahamba nezinye izinceku zika-Abrahama. Kwakuwuhambo olude kakhulu. Bahamba namakamela ayishumi ethwele ukudla nezipho. U-Eliyezeri wayezokwazi kanjani ukuthi iyiphi intombi okufanele ayikhethele u-Isaka? Lapho u-Eliyezeri nezinye izinceku befika eHarana, bama emthonjeni. U-Eliyezeri wayazi ukuthi masinyane abantu babezoza bazokukha amanzi emthonjeni. Wathandaza kuJehova wathi: ‘Uma ngicela intombi ukuba ingiphuzise amanzi bese yona iphuzisa mina kanye namakamela ami, ngizokwazi ukuthi iyona intombi oyikhethile.’

Ngemva kwalokho intombi enguRebheka yafika emthonjeni. IBhayibheli lithi wayemuhle kakhulu. U-Eliyezeri wamcela ukuba amphuzise amanzi, uRebheka wathi: ‘Kulungile. Ngizokuphuzisa amanzi, futhi ngizohamba ngiyokhelela namakamela akho.’ Awucabange nje! Amakamela omile aphuza amanzi amaningi. Ngakho uRebheka kwadingeka aphindele kaningi emthonjeni. Uyambona esithombeni ukuthi usebenza kanzima kanjani?— U-Eliyezeri wamangala ngendlela uJehova aphendula ngayo umthandazo wakhe.

U-Eliyezeri wanikeza uRebheka izipho eziningi ezinhle. URebheka wacela u-Eliyezeri nezinye izinceku ukuba baye kubo. U-Eliyezeri wachaza ukuthi kungani u-Abrahama ayemthume kulelo zwe nokuthi uJehova wayewuphendule kanjani umthandazo wakhe. Umndeni wakubo kaRebheka wavuma ukuba ashade no-Isaka.

URebheka wahamba no-Eliyezeri baya eKhanani wafike washada no-Isaka

Kodwa wena ucabanga ukuthi uRebheka wayefuna ukushada no-Isaka?— URebheka wayazi ukuthi u-Eliyezeri wayethunywe uJehova. Ngakho lapho abakubo kaRebheka bembuza ukuthi uyafuna yini ukuya eKhanani ayoshada no-Isaka, wathi: ‘Yebo, ngiyafuna.’ Ngaso leso sikhathi wahamba no-Eliyezeri. Lapho befika eKhanani, washada no-Isaka.

Ngenxa yokuthi uRebheka wenza lokho uJehova ayefuna akwenze, uJehova wamenzela izinto ezinhle. Ngemva kweminyaka eminingi, uJesu wazalwa emndenini wakubo kaRebheka! Uma wenza njengoRebheka futhi ujabulisa uJehova, nawe uyokwenzela izinto ezinhle.

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO