ISIFUNDO 2
URebheka Wayefuna Ukujabulisa UJehova
URebheka wayengumama othanda uJehova. Igama lomyeni wakhe kwakungu-Isaka. Naye wayemthanda uJehova. URebheka wambona kanjani u-Isaka? URebheka wabonisa kanjani ukuthi ufuna ukujabulisa uJehova? Masifunde ngaye.
Ubaba ka-Isaka kwakungu-Abrahama, umama wakhe kunguSara. Babehlala ezweni laseKhanani elinabantu ababengamthandi uJehova. Kodwa u-Abrahama wayefuna indodana yakhe ishade nentombi ethanda uJehova. Ngakho wathuma inceku yakhe ukuba iyotholela u-Isaka intombi ezweni laseHarana. Kulelo zwe kwakuhlala ezinye zezihlobo zika-Abrahama. Kungenzeka ukuthi igama lenceku eyathunywa kwakungu-Eliyezeri.
U-Eliyezeri wahamba nezinye izinceku zika-Abrahama. Kwakuwuhambo olude kakhulu. Bahamba namakamela ayishumi ethwele ukudla nezipho. U-Eliyezeri wayezokwazi kanjani ukuthi iyiphi intombi okufanele ayikhethele u-Isaka? Lapho u-Eliyezeri nezinye izinceku befika eHarana, bama emthonjeni. U-Eliyezeri wayazi ukuthi masinyane abantu babezoza bazokukha amanzi emthonjeni. Wathandaza kuJehova wathi: ‘Uma ngicela intombi ukuba ingiphuzise amanzi bese yona iphuzisa mina kanye namakamela ami, ngizokwazi ukuthi iyona intombi oyikhethile.’
Ngemva kwalokho intombi enguRebheka yafika emthonjeni. IBhayibheli lithi wayemuhle
kakhulu. U-Eliyezeri wamcela ukuba amphuzise amanzi, uRebheka wathi: ‘Kulungile. Ngizokuphuzisa amanzi, futhi ngizohamba ngiyokhelela namakamela akho.’ Awucabange nje! Amakamela omile aphuza amanzi amaningi. Ngakho uRebheka kwadingeka aphindele kaningi emthonjeni. Uyambona esithombeni ukuthi usebenza kanzima kanjani?— U-Eliyezeri wamangala ngendlela uJehova aphendula ngayo umthandazo wakhe.U-Eliyezeri wanikeza uRebheka izipho eziningi ezinhle. URebheka wacela u-Eliyezeri nezinye izinceku ukuba baye kubo. U-Eliyezeri wachaza ukuthi kungani u-Abrahama ayemthume kulelo zwe nokuthi uJehova wayewuphendule kanjani umthandazo wakhe. Umndeni wakubo kaRebheka wavuma ukuba ashade no-Isaka.
URebheka wahamba no-Eliyezeri baya eKhanani wafike washada no-Isaka
Kodwa wena ucabanga ukuthi uRebheka wayefuna ukushada no-Isaka?— URebheka wayazi ukuthi u-Eliyezeri wayethunywe uJehova. Ngakho lapho abakubo kaRebheka bembuza ukuthi uyafuna yini ukuya eKhanani ayoshada no-Isaka, wathi: ‘Yebo, ngiyafuna.’ Ngaso leso sikhathi wahamba no-Eliyezeri. Lapho befika eKhanani, washada no-Isaka.
Ngenxa yokuthi uRebheka wenza lokho uJehova ayefuna akwenze, uJehova wamenzela izinto ezinhle. Ngemva kweminyaka eminingi, uJesu wazalwa emndenini wakubo kaRebheka! Uma wenza njengoRebheka futhi ujabulisa uJehova, nawe uyokwenzela izinto ezinhle.