Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
1 Kor. 15:58) Umbiko olandelayo ubonisa indlela oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke abakulwela ngayo “ukuthembela kuJehova benze okuhle . . . , benze ngokwethembeka.”—IHu. 37:3.
NJENGOBA kugadla izinhlekelele zilandelana ezweni likaSathane, izikhonzi zikaJehova ziyaqhubeka ‘zinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (Ukuthutha Kwendlunkulu Yomhlaba Wonke Nehhovisi Legatsha
Ukunwetshwa kwezakhiwo eWallkill, eNew York, kwaqedwa ngo-February 1, 2016, kwenza ukuba iKomiti Yegatsha yase-United States, uMnyango Wenkonzo neminye iminyango yasegatsheni lase-United States kuthuthele khona. Njengoba umsebenzi owawenziwa endlunkulu yomhlaba wonke entsha eWarwick usuzophela, izikhonzi ezihlala eBethel yaseBrooklyn seziqale umsebenzi omkhulu wokuthutha eNew York City ziya eWarwick.
NgoMsombuluko, April 3, 2017, indlunkulu yomhlaba wonke eWarwick izobe ikulungele ukwamukela
izivakashi, kuzobe kunemibukiso emithathu umuntu angazibukela yona kube nanethuba lokubukiswa indawo ngumuntu owamukela izivakashi.-
“IBhayibheli Negama LikaNkulunkulu.” Lo mbukiso unamaBhayibheli angasatholakali kalula futhi uqokomisa iqiniso lokuthi igama likaNkulunkulu kufanele libe semiBhalweni.
-
“Abantu Begama LikaJehova.” Lo mbukiso unezithombe nezinto ezinomlando wefa elingokomoya loFakazi BakaJehova, obonisa indlela uJehova abelokhu eqondisa, efundisa futhi ehlela ngayo abantu bakhe ukuba benze intando yakhe.
-
“INdlunkulu Yomhlaba Wonke—Izenzo Ezibonisa Ukholo.” Lo mbukiso uchaza lokho okwenziwa amaKomiti eNdikimba Ebusayo ukuze asize abantu bakaJehova bahlangane ndawonye, benze abafundi, bafunde ngokomoya futhi babonisane uthando.
Abantu bangakwazi ukuzibukela indawo ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu, kusukela ekuseni ngo-8:00 kuze kube ntambama ngo-4:00. Izivakashi ziyokwazi nokubuka izingxenye ezithile zeSakhiwo esinamahhovisi futhi okwenzelwa kuso imisebenzi ehlukahlukene negceke laseBethel isikhathi esingaba yimizuzu engu-20, zisizwa othile. Lokhu kuzoba ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusukela ngo-8:00 kuze kube ngu-11:00 ekuseni nango-1:00 ntambama kuze kube ngu-4:00 ntambama.
Ngaphambi kokuhlela ukuba uyovakasha, sicela ungene engosini ethi jw.org/zu bese ubheka ngaphansi kwesithi MAYELANA NATHI > AMAHHOVISI NOKUBUKA INDAWO > E-United States.
KULE NGXENYE
Ukugxila Emsebenzini Wokushumayela Emhlabeni Wonke
Abebengamalungu aseBethel bajwayelane kanjani nezimo ezintsha ensimini?
“Bekumnandi Ukuhlala Nani”
Ngo-May 7 no-8, 2016, kwaba nombukiso wamaBhayibheli owanikeza ubufakazi obuhle komakhelwane beBethel yase Brooklyn.
UMhlangano Omusha Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu
Ngo-January 2016 yashintshwa indlela imihlangano yamasonto onke ehlelwe ngayo emhlabeni wonke.
ISiteshi Sokusakaza Se-JW ‘Sisinika Amandla Futhi Siyasivuselela!’
ISiteshi Sokusakaza Se-JW saqala ngo-2014 futhi sesitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-90. Bathini ababukeli ngaso?
Ukunikezelwa Kwamagatsha
Ukunikezelwa kwezakhiwo ezintsha zegatsha laseKyrgyzstan nelase-Armenia kwaba izenzakalo ezabajabulisa OFakazi bakulezo zindawo.
Umbiko Wezomthetho Ka-2016
Yiziphi izinkinga zomthetho oFakazi ababhekana nazo ngo-2016?
Amanqampunqampu —Avela Emhlabeni Wonke
Ukwaziswa okusha ngomsebenzi woFakazi BakaJehova e-Argentina, eBelize, eBurundi, eCongo (Kinshasa), eJalimane, e-Italy, eNepal, Peapua New Guinea nase-Uganda.