Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 15

Abadala Balikhonza Kanjani Ibandla?

Abadala Balikhonza Kanjani Ibandla?

EFinland

Ukufundisa

Ukwalusa

Ukushumayela

Asinabo abefundisi abakhokhelwayo enhlanganweni yethu. Kunalokho, njengoba kwakwenziwa lapho kuqalwa ibandla lobuKristu, kumiswa ababonisi abafanelekayo ukuba ‘beluse ibandla likaNkulunkulu.’ (IzEnzo 20:28) Laba badala bangamadoda avuthiwe ngokomoya, ahola futhi eluse ibandla, hhayi ‘ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; hhayi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela.’ (1 Petru 5:1-3) Yini abasenzela yona?

Bayasikhathalela futhi basivikele. Abadala baqondisa futhi bavikele ibandla ngokomoya. Njengoba beqaphela ukuthi lesi sabelo esibalulekile basinikwe uNkulunkulu, abazenzi amakhosi phezu kwabantu bakhe, kunalokho banezela enhlalakahleni nasenjabulweni yethu. (2 Korinte 1:24) Njengoba nje umalusi eyinakekela ngenkuthalo imvu ngayinye, abadala bazama ukwazi ilungu ngalinye lebandla.IzAga 27:23.

Basifundisa ukwenza intando kaNkulunkulu. Masonto onke, abadala baqhuba imihlangano yebandla ukuze basiqinise okholweni. (IzEnzo 15:32) La madoda azinikele aphinde ahole emsebenzini wokushumayela, asebenze nathi futhi asiqeqeshe kuzo zonke izici zenkonzo.

Bayasikhuthaza. Ukuze abadala banakekele izidingo zethu ezingokomoya, bangase basivakashele emizini yethu noma bakhulume nathi eHholo LoMbuso ukuze basisize futhi basikhuthaze ngemiBhalo.Jakobe 5:14, 15.

Ngaphandle kwemisebenzi yebandla, abadala abaningi baphinde babe nemisebenzi yokuziphilisa neyasekhaya edinga isikhathi namandla abo. Laba bazalwane abasebenza kanzima bafanelwe ukuba sibahloniphe.—1 Thesalonika 5:12, 13.

  • Yini efezwa abadala bebandla?

  • Abadala babonisa kanjani ukuthi bayasithanda?