INGOMA 94
Ukubonga NgeZwi LikaNkulunkulu
-
1. Nkulunkulu wethu, siyakubonga
Ngokuba neZwi lakho eliNgcwele!
Waliphefumulela; ngomoya ongcwele.
Linika ulwazi; lisikhulule.
-
2. Lisifinyelela izinhliziyo.
Lisenza sishintshe uk’phila kwethu.
Ilungil’ icacile, imithetho yakho.
S’yabonga Jehova ngal’ izwi lakho.
-
3. Ababhali balo babenjengathi.
Babenemizwa efana neyethu.
Sisize sakh’ ukholo ngesikufundile.
Izimiso zakho z’yasiza njalo.
(Bheka neHu. 19:9; 119:16, 162; 2 Thim. 3:16; Jak. 5:17; 2 Pet. 1:21.)