Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Lapho Ingane Yakho Esithombile Izilimaza

Lapho Ingane Yakho Esithombile Izilimaza

INSELELE

Uthola ukuthi ingane yakho ibilokhu izilimaza ngamabomu. Uyazibuza: ‘Ingabe kwenzenjani? Ingabe indodakazi yami izama ukuzibulala?’

Cishe impendulo ngu-cha. Noma kunjalo, uma ingane yakho esithombile izilimaza, * idinga usizo. Ungayisiza kanjani? Okokuqala, cabangela lokho okungaba izimbangela zokuzilimaza kwayo. *

IZIMBANGELA

Ingabe ukuzilimaza kumane nje kuyimfashini? Kuyavunywa, enye intsha iqala ukuzilimaza ngoba izwe ukuthi nabanye bayakwenza. Ngisho noma kungaba njalo, abaningi abakwenzi ngaleso sizathu. Uyini umehluko? Ngokuvamile umuntu ozilimazayo ukwenza ngasese lokhu futhi uba namahloni kakhulu ngakho. UCelia * oneminyaka engu-20 ubudala uthi: “Akekho engangifuna azi ngalokho engangikwenza. Ngangiqiniseka ukuthi ngiyazifihla izibazi zami.”

Ingabe ukuzilimaza kumane kuyindlela yokufuna ukunakwa? Abanye bangase bakwenze ngaleyo nhloso. Kodwa abazilimazayo esikhuluma ngabo kulesi sihloko bayawufihla umkhuba wabo futhi abasebenzisi amanxeba noma izibazi zabo ukuze bahlabe othile umxhwele. Noma kunjalo, omunye owayezilimaza uthi wayefisa sengathi othile angazibona izibazi zakhe ukuze le nkinga yaziwe abese ethola usizo ngokushesha.

Pho, kungani abantu bezilimaza? Kunzima ukusho ukuthi ziyini izimbangela zokuzilimaza, kodwa umsuka wale nkinga ukuthi ngokuvamile omusha usuke ezwa ubuhlungu obungokomzwelo okunzima ukubuchaza ngamazwi. Encwadini yaso ethi Cutting, isazi sezifo zengqondo uSteven Levenkron sichaza umuntu ozilimazayo ngokuthi “umuntu oye wathola ukuthi ubuhlungu obusemzimbeni bungaqeda ubuhlungu obungokomzwelo.”

Umuntu ozilimazayo ngokuvamile usuke ezwa ubuhlungu obungokomzwelo okunzima ukubuchaza ngamazwi

Kuthiwani uma uzibeka icala? Kunokuba ulokhu ucabanga ukuthi kungenzeka ingane yakho izilimaza ngenxa yokwehluleka kwakho njengomzali, gxila kulokho ongakwenza ukuze ube umzali okahle, uyisize ilulame.

 ONGAKWENZA

Khuthaza ingane yakho ukuba ikutshele ngezinto eziyikhathazayo. La macebiso alandelayo angaba usizo.

Duduza. Uma ingane yakho ikutshela ukuthi iyazilimaza, zama ukungabonisi ukushaqeka noma utatazele. Kunalokho, khuluma nayo ngendlela ezolile neduduzayo.—Isimiso seBhayibheli: 1 Thesalonika 5:14.

Buza imibuzo engayethusi. Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Ngiyazi ukuthi kuyenzeka uzizwe ungaphathekile kahle ngezinye izikhathi. Yini ekukhathaza kakhulu?” noma “Yini engingayenza ukuze ngikusize lapho ukhathazekile noma ucindezelekile?” noma, “Yini obona ukuthi kudingeka ngiyenze ukuze sisondelane kakhudlwana?” Yilalele lapho iphendula, ungayiphazamisi.—Isimiso seBhayibheli: Jakobe 1:19.

Siza ingane yakho ibe nombono ofanele ngayo. Njengoba abazilimazayo bevame ukugxila emaphutheni abo, mhlawumbe ungayikhuthaza ingane yakho ukuba ibone izici ezinhle kuyo. Ungasikisela ngisho nokuba ibhale phansi okungenani izinto ezintathu ezithandayo ngayo. “Ukubhala phansi izinto engiphumelela kuzo kuye kwangisiza ngabona izinto ezinhle kimi,” kusho uBriana, owesifazane osemusha. *

Khuthaza ingane yakho ukuba ithandaze kuJehova uNkulunkulu. IBhayibheli lithi: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Petru 5:7) ULorena oneminyaka engu-17 uthi, “Ngangenza umzamo wokuthululela isifuba sami kuJehova uNkulunkulu, ikakhulukazi lapho ngifikelwa isilingo sokuzilimaza. Kwangisiza ngazama ngokuzikhandla ukuze nginqobe lo mkhuba.”—Isimiso seBhayibheli: 1 Thesalonika 5:17

^ isig. 5 Ukuzilimaza kuwumkhuba wokuzizwisa ubuhlungu ngokungazicabangeli, kungaba ngokuzisika, ngokuzishaya, noma ngenye indlela.

^ isig. 5 Nakuba kulesi sihloko sikhuluma ngokuzilimaza kwabesifazane kodwa izimiso okuxoxwa ngazo ziyasebenza nakwabesilisa.

^ isig. 7 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 15 Ngokuvamile, ukuzilimaza kuwuphawu lokucindezeleka noma lokunye ukuphazamiseka. Ezimweni ezinjalo, kungase kudingeke usizo lwezokwelapha. Ayikho indlela ethile yokwelapha i-Phaphama! eyitusayo. Nokho, amaKristu kufanele aqiniseke ukuthi ukwelashwa akusebenzisayo akungqubuzani nezimiso zeBhayibheli.