Ukubuka Okwezwe
E-Italy
Ngo-2011 e-Italy, kwakudayiswa amabhayisikili amaningi kunezimoto. Phakathi kwezizathu okungenzeka zaziyimbangela yalokhu, izinkinga zezomnotho, izindleko zikaphethiloli nezokugcina imoto isesimweni esihle. Ngakolunye uhlangothi, akubizi kangako ukugcina amabhayisikili esesimweni esihle, kulula nokuwasebenzisa futhi enza ukuphila kube lula.
E-Armenia
INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ikhiphe isinqumo sokuthi uhulumeni wase-Armenia akawahloniphanga amalungelo ezinsizwa ezingu-17 ezingoFakazi BakaJehova, ezaboshwa ngemva kokwenqaba ukwenza inkonzo yomphakathi ngaphansi kokuqondisa kweziphathimandla zezempi. Uhulumeni kwadingeka ukuba akhokhele wonke umonakalo kanye nezindleko zomthetho zalezi zinsizwa ezingu-17.
EJapane
Ezinganeni ezaba yizisulu zobugebengu obenziwa ezingosini zokuxhumana, ezingamaphesenti angu-63 zazingakaze zithole isixwayiso esivela kubazali bazo ngezingozi ezingadalwa yilokhu. Emacaleni angu-599 aqulwa, abangamaphesenti angu-74 kulabo abasolwa ngokubandakanyeka kulo mkhuba, bavuma ukuthi injongo yabo yokungena kulezi zingosi kwakuwukuhlanganyela ubulili nezingane.
EChina
Emizamweni yawo yokunciphisa isiminyaminya sezimoto, amadolobha amakhulu anciphisa inani lezimoto ezintsha ezibhaliswayo. Ngokwesibonelo, eBeijing izimoto ezizobhaliswa ngeke zeqe ku-240 000 ngonyaka. Ngo-August 2012, abantu abangaba ngu-1 050-000 bangenela i-lotto eyabanikeza izitifiketi zokubhalisa izimoto ezingu-19 926, okusho ukuthi umuntu oyedwa kuphela kwabangu-53 owaphumelela.