Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

  ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ungayethemba Yini Imithombo Yezindaba?

Ungayethemba Yini Imithombo Yezindaba?

ABANTU abaningi abakwethembi lokho abakufunda nabakuzwa ezindabeni. Ngokwesibonelo, e-United States, kuyinhlolo-vo yango-2012 kwabuzwa abantu ukuthi “babethemba futhi beqiniseka kangakanani” ngokuthi izindaba zamaphephandaba, eze-TV nezomsakazo zinembile, azenzeleli futhi zibeka amaqiniso njengoba enjalo. Abayisithupha kwabayishumi baphendula ngokuthi “abazethembi kangako” noma “abazethembi nhlobo.” Ingabe sikhona isizathu esizwakalayo salokhu kungethembi?

Izintatheli eziningi nezinhlangano ezizisebenzelayo ziye zazwakalisa ukuzimisela kwazo ukukhipha imibiko enembile nefundisayo. Noma kunjalo, kunezizathu zokukhathazeka. Cabangela lezi zici ezilandelayo:

  • IZIKHULU ZEZINKAMPANI Kunezinkampani ezimbalwa kodwa ezinamandla eziphethe imithombo emikhulu yezindaba. Leyo mithombo yezindaba inegalelo elinamandla ekutheni yiziphi izindaba ezibikwayo, ukuthi zethulwa kanjani nokuthi ziqokonyiswa kangakanani. Ngenxa yokuthi izinkampani eziningi zenzelwe ukwenza inzuzo, izinqumo ezenziwa imithombo yezindaba zingase zilawulwe isifiso sokwenza imali. Izindaba ezingase zenze abanikazi benkampani balahlekelwe imali zingase zingabikwa.

  • OHULUMENI. Okuningi kwalokho esikuzwa ezindabeni kuphathelene nabantu bezombusazwe nezindaba zikahulumeni. Ohulumeni bafuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi kuyafaneleka ukusekela izinhlelo zabo neziphathimandla zabo. Manje ngenxa yokuthi abezindaba bazithola kuhulumeni izindaba abazobhala ngazo, ngezinye izikhathi izintatheli nohulumeni kudingeka babambisane.

  •  UKUKHANGISA. Emazweni amaningi, imithombo yezindaba kufanele yenze imali ukuze ibhizinisi lingawi, futhi eningi yale mali itholakala ngokukhangisa. E-United States, omagazini bathola inzuzo engamaphesenti angu-50 kuya kwangu-60 ngezikhangiso, amaphephandaba athola amaphesenti angu-80 kanti ithelevishini nomsakazo kusekelwa izikhangiso ngokuphelele. Kunengqondo-ke ukuthi abakhangisi ngeke basekele imithombo yezindaba esakaza isithombe esingesihle ngemikhiqizo yabo noma ngendlela yabo yokwenza izinto. Uma bengakuthandi okuvezwa umthombo wezindaba, bangazifaka kwenye indawo izikhangiso zabo. Njengoba bekwazi lokhu, abahleli bezindaba bangase bazishalazele izindaba eziveza isithombe esibi ngabezokukhangisa ababasekelayo.

  • UKUNGATHEMBEKI. Akuzona zonke izintatheli ezineqiniso. Ezinye ziqamba amanga. Ngokwesibonelo, eminyakeni embalwa edlule, intatheli yaseJapane yayifuna ukubika ngendlela abatshuzi basolwandle abalimaza ngayo amakhorali endaweni yase-Okinawa. Ngemva kokwehluleka ukuthola amakhorali alimele, yawalimaza yona ngokwayo ngemva kwalokho yathwebula izithombe zawo. Kanti futhi izithombe zingashintshwa ukuze kukhohliswe umphakathi. Ubuchwepheshe obusetshenziselwa ukushintsha izithombe sebusezingeni eliphakeme kakhulu futhi ngeke ubone ukuthi ezinye izithombe ziguquliwe.

  • UKUNONGA INDABA. Ngisho noma amaqiniso esobala, ukuthi ethulwa kanjani kuyindaba yentatheli. Yiyo enqumayo ukuthi yimaphi amaqiniso okufanele avele nokuthi yimaphi okufanele angaveli. Ngokwesibonelo, iqembu lebhola lingase lehlulwe ngamagoli amabili eqandeni. Lelo yiqiniso. Nokho, ukuthi kungani lelo qembu lehluliwe, kuyindaba intatheli engayibeka ngezindlela ezihlukahlukene.

  • UKUSHIYWA KWEMINININGWANE. Lapho zihlela amaqiniso ukuze zakhe indaba ekhangayo, izintatheli zivame ukuyishiya imininingwane ezobangela ukudideka noma ezoshiya imibuzo engaphenduliwe. Lokhu kwenza ezinye izindaba zenziwe ihaba kuthi ezinye zithalaliswe. Ngenxa yokuthi ngezinye izikhathi abethuli bezindaba kanye nezintatheli kungadingeka babike udaba oluyinkimbinkimbi ngomzuzu owodwa noma ngesikhathi esifushane kakhulu, eminye imininingwane ebalulekile ingase yeqiwe.

  •  UKUNCINTISANA. Kule minyaka yamuva, njengoba inani leziteshi zethelevishini landa, isikhathi ababukeli abasichitha bebukele isiteshi esisodwa siye sancipha kakhulu. Ukuze zikhange ababukeli, iziteshi zezindaba ziye zaphoqeleka ukuba zize nokuthile okungavamile noma okujabulisayo. Ikhuluma ngalesi simo, incwadi ethi Media Bias ithi: “Izindaba [zethelevishini] seziwumbukiso wezithombe, ziqukethe izithombe ezishaqisayo noma ezikhangayo, nezindaba ezifushanisiwe ukuze zidonse amehlo ababukeli abangakwazi ukugxila endabeni eyodwa isikhathi eside.”

  • AMAPHUTHA. Ngenxa yokuthi izintatheli zingabantu abavamile, ziyawenza amaphutha zingahlosile. Igama elibhalwe kabi, ukhefana ofakwe endaweni engafanele umusho ongabhalwanga ngokuvumelana nomthetho wolimi—konke lokhu kungayishintsha incazelo yomusho. Kungenzeka namaqiniso angahlolisiswa ngokucophelela. Kanti nezinombolo zingayiphunyuka intatheli, okuthi njengoba ijahe ukuqeda umsebenzi ngesikhathi, esikhundleni sokubhala u-100 000 ivele ibhale u-10 000.

  • IZIPHETHO EZIYIPHUTHA. Ukunikeza umbiko onembile akulula njengoba abanye bengase bacabange. Lokho okubonakala kuyiqiniso namuhla, kungathokala kungamanga kusasa. Ngokwesibonelo, kwake kwacatshangwa ukuthi ilanga yilo elizungeza umhlaba wethu. Kodwa namuhla siyazi ukuthi umhlaba yiwo ozungeza ilanga.

 Isidingo Sokulinganisela

Nakuba kuwukuhlakanipha ukungakholwa yikho konke esikuthola emithonjeni yezindaba, akusho ukuthi akukho nhlobo okufanele sikukholelwe. Okungcono kungaba ukuqapha kodwa sigcine imiqondo yethu ivulekile.

IBhayibheli lithi: “Indlebe ayiwavivinyi yini amazwi njengoba ulwanga lunambitha ukudla?” (Jobe 12:11) Khona-ke, nanka amacebiso angasisiza sivivinye amazwi esiwezwayo nesiwafundayo:

  • ABALUNGISELELI: Ingabe umbiko uvela kumuntu noma inhlangano ethembekile nenegunya lokuwusakaza? Ingabe lolo hlelo noma okunyathelisiwe kunedumela lokugxila ezintweni ezibalulekile noma lokuveza izinto ezishaqisayo? Ubani osekela lowo mthombo wezindaba ngokwezimali?

  • IMITHOMBO: Bukhona yini ubufakazi bokuthi kwenziwe ucwaningo olunzulu? Ingabe lolo daba lutholakale emthonjeni owodwa kuphela? Ingabe leyo mithombo ithembekile, inobulungisa futhi inamathela eqinisweni? Ingabe ayithathi hlangothi noma ikhethwe ngenjongo yokuveza uhlangothi olulodwa lwendaba?

  • INHLOSO: Zibuze: ‘Ingabe le ndaba ebikwayo ihloselwe ukunikeza ulwazi ngokuthile noma ukujabulisa abantu? Ingabe ihloselwe ukwenza imali noma ukusekela okuthile?’

  • INDLELA EZWAKALA NGAYO: Uma amazwi ombiko wezindaba ebonisa intukuthelo, ehlasela othile noma egxeka ngokweqile, abonisa ukuthi kukhona okulwiwa naye futhi akukho maphuzu anengqondo avezwayo.

  • UKUNGAGUQUGUQUKI: Ingabe lokho okushiwoyo kuyavumelana nokukweminye imibiko? Uma okubikwayo kungqubuzana, kukhona okushaya amanzi!

  • ISIKHATHI SOKUKHISHWA KWAWO: Ingabe leyo mininingwane eyamuva ngokwanele ukuba isengamukeleka? Into okucatshangwa ukuthi yayinembile eminyakeni engamashumi amabili edlule ingase inganembi namuhla. Ngakolunye uhlangothi, udaba olubikwa lusashisa, lungase lungabi nayo imininingwane ephelele neqondakalayo.

Manje ake siphinde sibuze, ungayethemba yini imithombo yezindaba? Iseluleko esinengqondo sitholakala emazwini ahlakaniphile kaSolomoni, owabhala: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.