Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 AMAZWE NABANTU | I-ITALY

Ukuvakashela E-Italy

Ukuvakashela E-Italy

I-ITALY iyizwe elinezinto ezingefani nhlobo—ifike ibe nodedangendlale bamabhishi ibuye ibe nezintaba ezimangelengele; ibe nehlobo eligangathayo eningizimu bese iba nobusika obushubisa umnkantsha enyakatho. Kanti futhi iyizwe eligcwele izintaba-mlilo, kodwa zimbalwa kuphela ezisaqhuma—njengentaba iStromboli ne-Etna.

Leli zwe lingelinye lamazwe anabantu abaningi kakhulu emazweni aseYurophu. Baningi abantu abaye bavashela kuleli zwe, kuhlanganise ama-Arabhu, amaByzantine, amaGreki, amaNorman namaFenike.

Izivakashi zigibela isikebhe esihamba emiseleni emikhulukazi yaseVenice

Leli zwe licebe ngomlando nangamagugu obuciko. Amanxiwa amaGreki nawamaRoma noma izakhiwo zasendulo kusatholakala emadolobheni amaningi ase-Italy. Imidwebo, imifanekiso eqoshwe ngemabula neziphethu zokuhlobisa kunikeza ubufakazi bamakhono obuciko abantu abanjengoBernini, uMichelangelo noRaphael.

Bayazithandela ukudla abantu base-Italy futhi imiphakathi eminingi ithanda ukudla okuphekwe ngendlela yomdabu. Ngokuvamile kuqale kudliwe i-pasta bese kulandela inyama noma inhlanzi ehambisana nemifino. Amafutha omnqumo bawasebenzisa ngendlela abathanda ngayo ngoba akhiqizwa ngobuningi kuleli zwe. I-pizza ne-risotto izinhlobo zokudla okudumile e-Italy.

I-pasta iyingxenye eyinhloko yokudla kwase-Italy

 AmaNtaliyane aziwa ngokuba nomusa, ukuphatha kahle izihambi nangokuba nobungane. Ukuxoxa kuyinto ethandwayo, ngakho kuvamile ukubona abantu bezixoxela ezigcawini noma bexoxa ngomdlandla njengoba behamba endleleni.

Iningi labantu base-Italy lithi lingamaRoma Katolika, kodwa bambalwa abaya njalo esontweni. Kuthiwa ithonya lesonto liye laphelelwa amandla kula mashumi eminyaka amuva, njengoba umbono womphakathi usuyishaya indiva imithetho ephathelene nokukhipha isisu nesehlukaniso.

OFakazi BakaJehova bayanda ezweni lase-Italy. Baziwa kakhulu ngokufundisa kwabo ngeBhayibheli njengengxenye yenkonzo yabo yasobala kuhlanganise nokuphila ngezimiso zalo. Kunamabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-3 000 kulo lonke elase-Italy, futhi amaningi kula mabandla anikeza usizo kubantu abakhuluma ezinye izilimi ezingesona isiNtaliyane. Isidingo sokufundisa abantu iBhayibheli ngezilimi zakwamanye amazwe sibonakala ngokuthi kule minyaka eyishumi edlule, inani labantu abavela kwamanye amazwe liye laphindeka kathathu e-Italy.

INGABE BEWAZI?

Nakuba i-Vatican iphakathi eRome, ibilokhu iyizwe elizimele kusukela ngo-1929 futhi ngenxa yalokho izakhamuzi zase-Italy ziyibheka njengelinye izwe.

Intaba iDolomite emangelengele, ukhahlamba olusenyakatho-mpumalanga ye-Italy