ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INGABE IBHAYIBHELI LISASEBENZA NAMUHLA?
Izimiso Ezenzelwe Thina Nezingaphelelwa Isikhathi —Uthando
ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”
IZINZUZO: Uthando okukhulunywa ngalo kakhulu eBhayibhelini akulona olwezithandani noma olobulili. Kunalokho, uthando olusekelwe ezimisweni futhi olunezimfanelo ezinjengozwela, ukuthethelela, ukuthobeka, ubuqotho, umusa, ubumnene nokubekezela. (Mika 6:8; Kolose 3:
UBrenda, oseneminyaka ecishe ibe ngu-30 eshadile, uthi: “Uthando abantu abasanda kushada abasuke benalo ngomunye nomunye, alulutho uma luqhathaniswa nothando eniba nalo njengoba iminyaka ihamba.”
USam, indoda esineminyaka engaphezu kwengu-12 ishadile, waphawula: “Mina nomkami ihlale isithokozisa
“Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako”
UJesu Kristu wathi “ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Kungaleso sizathu iBhayibheli linazo zonke izimpawu zokuhlakanipha kwangempela. Izimfundiso nezimiso zalo ziyasebenza. Aziphelelwa isikhathi. Zidlulela ngalé kwemingcele yobuzwe namasiko. Zibonisa ukuyiqonda ngokujulile indalo engabantu kangangokuthi kuyacaca ukuthi uMthombo wazo uphakeme