Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lithini IBhayibheli?

Lithini IBhayibheli?

Kwenzekani lapho sifa?

ABANYE ABANTU BAKHOLELWA ukuthi siyaqhubeka siphila sikwesinye isimo, kanti abanye bakholelwa ukuthi lapho sifa konke kuyaphela. Yini oyikholelwayo?

LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Lapho sifa, asibe sisaba khona.

OKUNYE ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI

  • Indoda yokuqala u-Adamu, yabuyela othulini lapho ifa. (Genesise 2:7; 3:19) Ngokufanayo, bonke abafayo babuyela othulini.​—UmShumayeli 3:​19, 20.

  • Abantu abafayo bathethelelwa zonke izono zabo. (Roma 6:7) Lapho umuntu efa akashushiswa kwenye indawo ngenxa yezono zakhe.

Ingabe abafileyo bangaphinde baphile?

UBUNGATHINI?

  • Yebo

  • Cha

  • Mhlawumbe

LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Kuyoba khona uvuko.” ​—IzEnzo 24:15.

YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?