Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI KUMELWE UTHEMBEKE?

Ingabe Ukwethembeka Kuyisidala?

Ingabe Ukwethembeka Kuyisidala?

UHitoshi wayesebenza ehhovisi lezimali enkampanini efunela abantu umsebenzi eJapane. Lapho ehlola amabhuku enkampani nomqashi wakhe, umqashi wamtshela ukuthi wayelindele ukuba abhale umbiko onganembile. UHitoshi wamchazela ukuthi unembeza wakhe ngeke umvumele ukuba abhale amanga. Ngenxa yalokho, umqashi kaHitoshi wathi uzomxosha emsebenzini futhi ekugcineni umsebenzi wamphelela.

Ezinyangeni ezalandela, uHitoshi wadangala ngenxa yokungawutholi umsebenzi. Ngokwesibonelo, kwenye ingxoxo yokuhlolelwa umsebenzi, uHitoshi wachaza ukuthi ngeke akwazi ukungathembeki emsebenzini. Umuntu owayemhlolela umsebenzi wathi kuye, “Indlela ocabanga ngayo iyamangaza!” Umndeni nabangane bakaHitoshi bamkhuthaza ukuba aqhubeke ezimisele ukuphila ngokwethembeka; nokho yena waqala ukungabaza. Ngokwesibonelo, wathi, “Ngazibuza ukuthi kazi kwakuwumqondo omuhle yini ukunamathela ngokwethembeka okholweni lwami.”

Ngokudabukisayo lokho okwenzeka kuHitoshi kusikhumbuza ukuthi akuwona wonke umuntu okwazisayo ukwethembeka. Empeleni, abanye bangaze babheke ukwethembeka njengesiphazamiso, ikakhulukazi kwezamabhizinisi. Owesifazane osebenzayo eNingizimu Afrika wathi, “Ngizungezwe abantu abangathembekile futhi ngezinye izikhathi isilingo sokuphila njengabo siba namandla kakhulu.”

Olunye uhlobo lokungathembeki oluthé chithi saka namuhla, ukuqamba amanga. Ucwaningo olwenziwa eminyakeni edlule udokotela wengqondo, uRobert S. Feldman, e-University of Massachusetts Amherst, lwabonisa ukuthi amaphesenti angu-60 abantu abadala, aqamba amanga okungenani kanye ngemva kwemizuzu eyishumi. UFeldman uthi, “Lokho kwasimangaza kakhulu. Besingalindele ukuthola ukuthi ukuqamba amanga kuvame kangaka ekuphileni kwansuku zonke.” Kuyamangaza ukuthi abantu bayacasuka lapho bekhohliswa kuyilapho bona bewaqamba amanga.

Kungani ukuqamba amanga, ukweba nezinye izinhlobo zokungathembeki kuvame kangaka namuhla? Ukungathembeki kuwuthinta kanjani umphakathi wabantu uwonke? Okubaluleke nakakhulu, singayigwema kanjani le mikhuba yokungathembeki?