Ucabangani?
Ingabe iBhayibheli lingakusiza ukwazi ukuba umngane kaNkulunkulu?
ABANYE ABANTU BAKHOLELWA . . .
ukuthi abasoze bakwazi ukuba abangane bakaNkulunkulu, bacabanga ukuthi bangcolile futhi banezono eziningi. Abanye bakholelwa ukuthi uNkulunkulu akanandaba nathi. Wena ucabangani?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
UNkulunkulu “usondelana nabaqotho.” (IzAga 3:32) Uma simlalela, singaba abangane bakhe.
YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?
UNkulunkulu uyafuna ukuba uMngane wethu.—Jakobe 4:8.
NjengoMngane wethu, uNkulunkulu uhlale ekulungele ukusisiza nokusixolela.—IHubo 86:5.
Abangane bakaNkulunkulu bathanda izinto azithandayo, bazonde lezo azizondayo.—Roma 12:9.