Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lapho Ukuphila Kungabekezeleleki

Lapho Ukuphila Kungabekezeleleki

UKUPHILA kungajabulisa kakhulu uma zonke izinto zihamba kahle. Kodwa ngezinye izikhathi izinkinga zingenza ukuphila kungabekezeleleki.

USally a wase-United States, owalahlekelwa yizinto zakhe eziningi lapho kuhlasela isiphepho, uchaza indlela azizwa ngayo: “Ngangizibuza ukuthi ngizokwazi yini ukubhekana nalesi simo. Ezikhathini eziningi ngangibona sengathi kwakungaphezu kwamandla.”

Kuthiwani uma kushona umuntu omthandayo? UJanice wase-Australia uthi: “Lapho kushona amadodana ami amabili, kwaba nzima kakhulu ukuphila. Ngancenga uNkulunkulu ngathi: ‘Ngiyahluleka ukuthwala lobu buhlungu! Ngicela ungiyeke ngilale, ngingabe ngisavuka.’”

UDaniel wadumazeka kakhulu lapho ethola ukuthi umkakhe uphingile. Uyachaza: “Lapho umkami engitshela ukuthi ulale nomunye umuntu, kwaba sengathi ungigwaze enhliziyweni. Lobo buhlungu baqhubeka izinyanga eziningana.”

Le Nqabayokulinda izobonisa ukuthi kungani kufanele uqhubeke nokuphila ngisho nalapho

Okokuqala, asihlole ukuthi yini engasiza lapho kwenzeka inhlekelele.

a Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.