‘Uyakukhathalela’
Ngisho noma abantu bengakudumaza, ukhona uMuntu ongasoze akushiya. Ubani lowo?
INkosi uDavide yathi: “Ngisho noma ubaba nomama bengangishiya, uJehova ngokwakhe uyongamukela.”—IHubo 27:10.
UJehova ‘unguYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza kuzo zonke izilingo zethu.’—2 Korinte 1:3, 4.
‘Phonsani zonke izinkathazo zenu kuye, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.
Ukuze uthole ukuthi yiziphi izindlela uNkulunkulu afuna ukukusiza ngazo, bheka isifundo 08 sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ekhiqizwa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala naku-www.ps8318.com/zu