Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ikhambi Eliyohlala Phakade

Ikhambi Eliyohlala Phakade

Izigidi zabantu ziye zasebenzisa izeluleko zeBhayibheli ezikulezi zihloko ezidlule, futhi zenze intuthuko enkulu ukuze zisiphule ubandlululo ezinhliziyweni zazo. Nokho, uma sikhuluma iqiniso, asinakukwazi ukuluqeda lonke ubandlululo ngaphandle kosizo. Manje ingabe alikho ithemba?

Uhulumeni Ongcono Kakhulu

Ohulumeni babantu abakaze bakwazi ukuqeda ubandlululo. Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi awukho uhulumeni oyoke ukwazi ukuqeda ubandlululo?

Uhulumeni ozokwazi ukuqeda ubandlululo kuzodingeka

  1. 1. Ukhuthaze abantu ukuba bafune ukushintsha umbono wabo nendlela abazizwa ngayo ngabanye abantu.

  2. 2. Welaphe amanxeba akwenza kube nzima kwabanye ukuphatha abanye ngobulungisa.

  3. 3. Ube nabaholi abaqotho abaphatha wonke umuntu ngokulinganayo.

  4. 4. Wenze abantu bazo zonke izizwe babe nobunye.

IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu usewumisile lowo hulumeni. Ubizwa ngokuthi “uMbuso kaNkulunkulu.” —Luka 4:43.

Cabanga ngalokho okuzolethwa yilowo hulumeni.

1. Imfundiso Ephakeme Yokuziphatha

“Abakhileyo ezweni elikhiqizayo ngokuqinisekile bayofunda ukulunga.”—ISAYA 26:9.

“Umsebenzi wokulunga kweqiniso uyoba ngukuthula; nenkonzo yokulunga kweqiniso ibe ngukuzola nokulondeka kuze kube nini nanini.”—ISAYA 32:17.

Kusho ukuthini lokhu? UMbuso kaNkulunkulu uyofundisa abantu ukuthi yini elungile. Lapho abantu befunda ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile—okuwubulungisa nokungekhona ubulungisa—indlela abababheka ngayo abanye abantu iyashintsha. Bonke bayoqaphela ukuthi into okulungile ukuthi bayenze ukuthanda zonke izinhlobo zabantu.

2. UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ukungabi nabulungisa

UNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—ISAMBULO 21:4.

Kusho ukuthini lokhu? UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda bonke ubuhlungu obubangelwe ukungabi nabulungisa. Abantu abake baphathwa kabi ngeke besaba nesizathu sokuba nenzondo.

3. Ubuholi Obuhle

“Ngeke ahlulele ngokwanoma yikuphi okubonakala emehlweni akhe, noma amane asole ngokwento ayizwe ngezindlebe. Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga, futhi uyosola ngobuqotho ngenxa yabantu abamnene basemhlabeni.”—ISAYA 11:3, 4.

Kusho ukuthini lokhu? UJesu Kristu, iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, uyobusa ngobulungisa nangokungakhethi emhlabeni. Asikho isizwe uJesu asibona singcono kunesinye, futhi uyoqiniseka ukuthi abantu emhlabeni wonke bayayigcina imithetho yakhe.

4. Ubunye

UMbuso kaNkulunkulu ufundisa abantu ukuba ‘babe nomqondo ofanayo nothando olufanayo, njengoba behlanganiswé ndawonye emphefumulweni, benomcabango munye engqondweni.’—FILIPI 2:2.

Kusho ukuthini lokhu? Izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu ngeke zimane nje zibonakale sengathi zinobunye. Ziyoba nobunye obugcwele ngoba ziyobe zithandana ngempela.