Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

THOLA IMPUMUZO EKUCINDEZELEKENI

Kuyini Ukucindezeleka?

Kuyini Ukucindezeleka?

Ukucindezeleka kusuke kuyilapho umzimba wakho usabela ezimweni ezikhandlayo. Ubuchopho bakho buthumela ama-hormone amaningi kuwo wonke umzimba. Lokhu kwenza inhliziyo yakho ishaye ngamandla, kukhuphule umfutho wegazi, kukhulise noma kunciphise amaphaphu futhi kuqinise izicubu zakho. Ngaphambi kokuba uqaphele lokho okwenzekayo, umzimba wakho usuke usukulungele ukulwa. Uma inkathi yokucindezeleka isiphelile, umzimba wakho uyasuka esimweni sokukhathazeka bese ubuyela esimweni esivamile.

UKUCINDEZELEKA KUNGAKUZUZISA NOMA KUNGAKULIMAZA

Ukucindezeleka kuwukusabela komzimba okungokwemvelo okukwenza ukwazi ukulungela izimo ezinzima noma eziyingozi. Ukucindezeleka kuqala ebuchosheni. Ukucindezeleka okuzuzisayo kukwenza ukwazi ukwenza okuthile noma usabele ngokushesha. Isilinganiso esithile sokucindezeleka singaphinde sikusize ukuba ufinyelele imigomo yakho noma wenze kangcono, mhlawumbe phakathi nezivivinyo, lapho uhlolelwa umsebenzi noma lapho udlala umdlalo othile.

Nokho, ukucindezeleka okuthatha isikhathi eside, okubi kakhulu noma okungapheli kungakulimaza. Lapho umzimba wakho uhlale ucindezelekile ungase uqale ukugula ngokomzimba, ngokomzwelo nasengqondweni. Indlela oziphatha ngayo kuhlanganise nendlela ophatha ngayo abanye ingashintsha. Abantu abanokucindezeleka okungapheli bavame ukuqala ukuphuza utshwala kakhulu, basebenzise izidakamizwa ezingekho emthethweni, badle kakhulu, babheme futhi benze neminye imikhuba engemihle. Kungaze kwenze umuntu abe nesifo sokucindezeleka, akhandleke noma acabange ukuzibulala.

Nakuba ukucindezeleka kungase kungabaphathi bonke abantu ngendlela efanayo, kungaba nomthelela ezifweni eziningi. Kungathinta cishe umzimba wonke.