Izwe Ligcwele Iziyaluyalu—Ungazivikela Kanjani?
Ukwanda kwezinkinga ezisemhlabeni kukwenza uthwale kanzima kakhulu yini manje kunangaphambili? Zikhona yini lezi zinto ezilandelayo lapho uhlala khona?
izimpi
izifo eziwumshayabhuqe
izinhlekelele zemvelo
indlala
ubandlululo
ubugebengu obunonya
Lapho kugadla inhlekelele, abantu abaningi bayashaqeka, baphelelwe yithemba, abanye babe ndikindiki. Kodwa ukushaqeka isikhathi eside kungenza isimo sibe sibi nakakhulu.
Lapho usabhekene naleso simo, kumelwe ngokushesha uthathe isinyathelo sokuvikela abantu obathandayo, impilo yakho, imali nezinto onazo nenjabulo yakho.
Yini ongayenza manje ukuze ungadikibaliswa yizinto ezikuthintayo ezenzeka emhlabeni?