Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhonza Ngomphefumulo Wonke Naphezu Kokulingwa

Ukukhonza Ngomphefumulo Wonke Naphezu Kokulingwa

Indaba Yokuphila

Ukukhonza Ngomphefumulo Wonke Naphezu Kokulingwa

NJENGOBA ILANDISWA NGURODOLFO LOZANO

Ngazalelwa eMexico, edolobheni laseGómez Palacio, eDurango State, ngo-September 17, 1917. Kwakuphakathi noKuvukela KwaseMexico. Nakuba lokhu kuvukela kwaphela ngo-1920, ukuphazamiseka endaweni esasihlala kuyo kwaqhubeka iminyaka, kwenza ukuphila kwaba nzima kakhulu.

NGESINYE isikhathi, lapho umama ezwa ukuthi amavukelambuso ayezolwa namasosha kahulumeni, wasigcina endlini izinsuku eziningi mina nabafowethu abathathu nodadewethu ababili. Sasidla ubala, futhi ngikhumbula ngicashe ngaphansi kombhede nodadewethu omncane. Ngemva kwalokho, umama wanquma ukusiyisa e-United States thina zingane, lapho ubaba ayezosifica khona kamuva.

Safika eCalifornia ngo-1926, ngaphambi nje kokuba uKuwohloka Okukhulu Kwezomnotho kuhlasele i-United States. Sasilokhu sithuthela nomaphi lapho sasithola khona umsebenzi, ezindaweni ezinjengaseSan Joaquin Valley, eSanta Clara, eSalinas naseKing City. Safunda ukusebenza emasimini nokuvuna izithelo nemifino ehlukahlukene. Nakuba ngangisebenza kanzima ebusheni bami, kwakuyisikhathi esimnandi kakhulu ekuphileni kwami.

Ukuthintwa Yiqiniso LeBhayibheli

Ngo-March 1928, savakashelwa umFundi WeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi. Wayengubaba osekhulile okhuluma iSpanishi, okuthiwa u-Esteban Rivera. Isihloko sencwajana ayishiya, esithi “Bakuphi Abafileyo?,” sangihlaba umxhwele, ngokufanayo nalokho okwakungaphakathi kuyo. Yize ngangisemncane, ngatadisha iBhayibheli futhi ngazihlanganisa nabaFundi BeBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, umama nodadewethu u-Aurora nabo baba abadumisi bakaJehova abashisekayo.

Phakathi nawo-1930, kwakhiwa iHholo LoMbuso lebandla labakhuluma isiNgisi eSan Jose. Njengoba abaningi abakhuluma iSpanishi babesebenza emapulazini akule ndawo, saqala ukubashumayeza nokuqhuba iSifundo Se-Nqabayokulinda. Lokhu sakwenza sisizwa oFakazi abakhuluma iSpanishi ababesuka eSan Francisco, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-80. Ngokuhamba kwesikhathi, kwase kunabangaba ngu-60 ababeba khona emihlanganweni yeSpanishi eHholo LoMbuso laseSan Jose.

Ekugcineni, ngo-February 28, 1940, ngabonisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi emhlanganweni owawuseSan Jose. Ngonyaka olandelayo, ngamiswa njengephayona, isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Kwabe sekuthi ngo-April 1943, ngacelwa ukuba ngithuthele eStockton, idolobha eliqhele ngamakhilomitha angaba ngu-130, ngiyokwakha ibandla leSpanishi. Ngaleso sikhathi, ngangikhonza njengombonisi owengamele ebandleni lesiNgisi eSan Jose, nginakekela noFakazi abakhuluma iSpanishi lapho. Ngemva kokuhlela ukuba abanye banakekele le mithwalo, ngathuthela eStockton.

Ukuvivinywa Kobuqotho

Kusukela ngo-1940, ngangibizelwa njalo phambi kwebhodi yokubuthelwa empini, kodwa isikhathi ngasinye ukwenqaba kwami ngenxa kanembeza kwakuhlonishwa. Ngokushesha ngemva kokuba i-United States ingene empini yezwe yesibili ngo-December 1941, ukucindezela kwebhodi yokubuthelwa empini kwaqina. Ekugcineni, ngo-1944, ngavalelwa ejele. Lapho ngisalinde ukugwetshwa, ngavalelwa nezigebengu ngaphansi esakhiweni. Lapho zizwa ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova, eziningi zazingibuza ukuthi amacala ezaziwenzile ayezosithinta kanjani isimo sazo phambi kukaNkulunkulu.

OFakazi baseSan Jose bangikhokhela ibheyili ukuze ngidedelwe ngaphambi kokuqulwa kwecala. Ummeli waseLos Angeles owayemelela abamangalelwa emacaleni ahilela amalungelo omphakathi wavuma ukungimelela ecaleni ngaphandle kokungikhokhisa. Ijaji lanquma ukungidedela uma nje ngangizoyeka ukuphayona, ngithathe umsebenzi wokuziphilisa futhi ngivele kuziphathimandla zikahulumeni inyanga ngayinye. Angisamukelanga leso sinqumo, ngakho ngagwetshwa iminyaka emibili ejele laseMcNeil Island, eWashington State. Lapho, ngasebenzisa isikhathi sami ekutadisheni iBhayibheli ngokujulile. Ngafunda nokuthayipha. Ingakapheli iminyaka emibili, ngadedelwa ngenxa yokuziphatha kahle. Ngokushesha ngenza amalungiselelo okuqhubeka nenkonzo yokuphayona.

Umsebenzi Owengeziwe

Ebusika bango-1947, ngabelwa ukuyosebenza kubantu abakhuluma iSpanishi eColorado City, eTexas nelinye iphayona. Kodwa kwakubanda kangangokuthi saya eSan Antonio ukuze sifudumale. Nokho, lapho, izulu lana kangangokuba inkonzo yethu yendlu ngendlu yaphazamiseka. Saphelelwa yimali ngokushesha. Kwaphela amasonto amaningi siphila ngamasemishi eklabishi eliluhlaza netiye lohlaza i-alfalfa. Engangiphayona naye waphindela ekhaya, kodwa mina ngahlala. Lapho oFakazi abakhuluma isiNgisi beqaphela izidingo zami ezingokwenyama, baqala ukungisiza.

Entwasahlobo elandelayo, ngaphindela esabelweni sami eColorado City, futhi ekugcineni kwakhiwa ibandla elincane leSpanishi. Ngabe sengithuthela eSweetwater, eTexas, lapho ngasiza khona ekwakheni elinye ibandla leSpanishi. Lapho ngiseseSweetwater, ngathola incwadi engimemela ekilasini le-15 le-Watchtower Bible School of Gilead, ngiyoqeqeshelwa ukuba yisithunywa sevangeli kusukela ngo-February 22, 1950. Ngemva kokwethweswa iziqu kulelo hlobo emhlanganweni wezizwe eYankee Stadium yaseNew York City, ngahlala izinyanga ezintathu endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn. Lapho, ngaqeqeshelwa isabelo sami sasehhovisi legatsha laseMexico.

Ukusebenza EMexico

Ngafika eMexico City ngo-October 20, 1950. Ngemva kwamasonto angaba mabili, ngamiswa njengombonisi wegatsha, okuyisabelo engakhonza kuso iminyaka emine nengxenye. Okuhlangenwe nakho engangikuzuze enkonzweni yokuphayona, ejele, eGileyadi naseBrooklyn kwaba usizo olukhulu. Lapho ngifika eMexico, ngokushesha ngabona isidingo sokwakha ingokomoya labafowethu nodadewethu baseMexico. Kwakunesidingo esikhethekile sokubasiza ukuba banamathele ezindinganisweni zokuziphatha eziphakeme zeZwi likaNkulunkulu.

Emazweni aseLatin America, kuhlanganise neMexico, kwakuyinto evamile ukuba imibhangqwana ihlalisane ingashadile ngokomthetho. Izinkolo zeLobukholwa, ikakhulukazi iSonto LamaRoma Katolika, laliwuvumele ukuba uqhubeke lo mkhuba ongqubuzana nemiBhalo. (Heberu 13:4) Ngakho, abanye babebe ngamalungu amabandla oFakazi BakaJehova, yize bengashadile ngokomthetho. Manje kwabe sekwenziwa ilungiselelo lokuba abanjalo banikwe izinyanga eziyisithupha zokulungisa izinto. Ngale kwalokho, babengeke besabhekwa njengoFakazi BakaJehova.

Kwabaningi, ukulungisa ukuphila kwabo kwaba lula. Kwakudingeka nje babhalise umshado wabo ngokomthetho. Abanye babenezimo ezithanda ukuba yinkimbinkimbi. Ngokwesibonelo, abanye babeshade kabili, noma kathathu imbala, bengakaze bathole isehlukaniso esingokomthetho. Lapho ekugcineni izimo zomshado zabantu bakaJehova zivumelana nezimfundiso zeZwi likaNkulunkulu, amabandla ajabulela izibusiso ezinhle ezingokomoya.—1 Korinte 6:9-11.

Ngalezo zinsuku, izinga lemfundo yezwe eMexico laliphansi. Ngisho nangaphambi kokuba ngifike ngo-1950, ihhovisi legatsha laliqale ukuhlela amakilasi okufundisa ukufunda nokubhala emabandleni. Manje la makilasi abe esehlelwa kabusha, kwenziwa namalungiselelo okuwabhalisa kuhulumeni. Kusukela ngo-1946, lapho kuqalwa ukugcinwa kwamarekhodi, kuye kwafundiswa abantu abangaphezu kuka-143 000 ukufunda nokubhala eMexico emakilasini aqhutshwa oFakazi!

Imithetho yayiqine kakhulu eMexico ngokuqondene nenkolo. Nokho, eminyakeni yamuva kuye kwaba nezinguquko ezibalulekile kulokhu. Ngo-1992 kwashaywa umthetho omusha wezindaba zenkolo, ngakho ngo-1993, oFakazi BakaJehova babhaliswa ngokomthetho njengenhlangano engokwenkolo.

Lezi zinguquko ziye zaba umthombo wenjabulo enkulu kimi, into engangingase ngicabange ukuthi ayinakwenzeka esikhathini esidlule. Kwaba yiminyaka eminingi ngiya ngiphindelela emahhovisi kahulumeni, ngifike ngiphathwe ngendlela ebonisa ukungangethembi kahle. Nokho, kuhle ukubona indlela lezi zindaba eziye zasingathwa ngayo ngoMnyango Wezomthetho ehhovisi lethu legatsha, kangangokuthi manje asisaphazanyiswa kangako emsebenzini wokushumayela.

Ukukhonza Nomngane Oyisithunywa Sevangeli

Lapho ngifika eMexico, kwase kunabaningi kakade kuleli zwe ababethweswe iziqu emakilasini angaphambili aseGileyadi. Omunye wabo kwakungu-Esther Vartanian, uFakazi waseMelika owayeqale ukuphayona eVallejo, eCalifornia, ngo-1942. Sashada ngo-July 30, 1955, futhi ngemva kwalokho saqhubeka esabelweni sethu eMexico. U-Esther waqhubeka esemsebenzini wezithunywa zevangeli eMexico City, futhi sasihlala egatsheni, lapho ngangiqhubeka ngikhonza khona.

U-Esther wayefike esabelweni sakhe sokuqala sezithunywa zevangeli ngo-1947 eMonterrey, eNuevo León, eMexico. EMonterrey kwakunebandla elilodwa vó loFakazi abangu-40, kodwa wathi eqambe eshintshelwa eMexico City ngo-1950, kwabe sekunamabandla amane. Egatsheni lethu elingaseMexico City, njengamanje kunezihlobo ezimbili ezisencane zemikhaya eyafundelwa ngu-Esther iBhayibheli lapho ekhonza eMonterrey.

Emuva ngo-1950 insimu ezazishumayela kuyo izithunywa zevangeli zaseMexico City yayihlanganisa ingxenye enkulu yedolobha. Zazihamba ngezinyawo noma ngamabhasi amadala ayegcwele phamá esabelweni sazo. Lapho ngifika ngasekupheleni kuka-1950, kwakunamabandla ayisikhombisa kuleli dolobha. Manje asandile aba cishe ngu-1 600, nabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-90 000 eMexico City, futhi ngonyaka odlule kwaba nabantu abangaphezu kuka-250 000 ababeze eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu kuleyo ndawo! Phakathi neminyaka edlule, mina no-Esther siye saba nelungelo lokukhonza kwamaningi ala mabandla.

Lapho mina no-Esther siqala isifundo seBhayibheli, njalo sizama ukuvusa isithakazelo sikababa wekhaya ukuze kuhileleke wonke umkhaya. Kanjalo, siye sabona imikhaya eminingi emikhulu iqala ukukhonza uJehova. Ngikholwa ukuthi esinye sezizathu zokwanda okusheshayo ekukhulekeleni kweqiniso eMexico siwukuthi ngokuvamile kungena umkhaya wonke ekukhulekeleni kweqiniso.

UJehova Uye Wawubusisa Umsebenzi

Kusukela ngo-1950 intuthuko yomsebenzi eMexico iye yaphawuleka, kokubili ngokuqondene namanani okwanda kanye nezinguquko enhlanganweni. Kuyinjabulo yangempela ukuba nesandla ngezinga elingatheni ekwandeni, usebenze nabantu abazithandayo izihambi nabajabulayo njengalaba.

UKarl Klein, okhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, nomkakhe, uMargaret, basivakashela lapho beseholidini eminyakeni ethile edlule. Umfoweth’ uKlein wayefuna ukuzibonela mathupha umsebenzi ensimini yethu yaseMexico, ngakho beza noMargaret eBandleni LaseSan Juan Tezontla, ngaseMexico City, lapho sasihlanganyela khona ngaleso sikhathi. Ihholo lethu lalilincane, lingamamitha angaba ngu-4,5 ububanzi no-5,5 ubude. Lapho sifika, kwase kufike abangaba ngu-70 kakade, futhi kwakungasenandawo ngisho neyokuma. Asebekhulile babehlezi ezihlalweni, abasebasha emabhentshini, izingane ezincane zona zihlezi ezitinini noma phansi.

UMfoweth’ uKlein kwamhlaba umxhwele kakhulu ukuthi zonke izingane zaziphethe amaBhayibheli azo, zibheka imiBhalo kanye nesikhulumi. Ngemva kwenkulumo yeningi, uMfoweth’ uKlein wakhuluma ngoMathewu 13:19-23 wathi eMexico iningi ‘inhlabathi ekahle’ uJesu akhuluma ngayo. Njengamanje, izingane eziyisikhombisa kwezazikhona ngalolo suku zisebenza esakhiweni esikhulu sokwandisa izakhiwo zethu zegatsha ngaseMexico City. Enye yazo ikhonza eBethel, futhi ezinye eziningana zingamaphayona!

Lapho ngifika eMexico City, kwakunamalungu angu-11 kuphela egatsheni lethu. Manje sinabangaba ngu-1 350 abasebenza egatsheni, abangaba ngu-250 babo abenza umsebenzi wokwakha izakhiwo ezintsha zegatsha. Lapho wonke lo msebenzi usuphothuliwe, cishe ngo-2002, siyokwazi ukuhlalisa abantu abangaba ngu-1 300 abengeziwe ezakhiweni zethu ezenezelwe. Cabanga nje, ngo-1950 sasinabamemezeli boMbuso abangaphansi kuka-7 000 eMexico iyonke, kodwa manje sinabangaphezu kuka-500 000! Inhliziyo yami ichichima injabulo lapho ngibona indlela uJehova aye wayibusisa ngayo imizamo yabafowethu abathobekile baseMexico abazikhandlayo ekumdumiseni.

Ukubhekana Nenselele Enkulu

Enye yezinselele zami ezinkulu muva nje kuye kwaba ukugula. Bengilokhu ngiwumuntu onempilo enhle. Kodwa ngo-November 1988, ngahlaselwa unhlangothi oye wangikhinyabeza kakhulu ngokomzimba. Ngosizo lukaJehova, ukuvivinya umzimba nokunye ukwelashwa kuye kwangisiza ngalulama ngezinga elithile, kodwa ezinye izitho zomzimba wami azisebenzi kahle. Ngiyaqhubeka ngithola ukwelashwa nokunakekelwa ukuze kugwenywe ubuhlungu obukhulu bekhanda neminye imiphumela esekhona.

Nakuba ngingasenakukwazi ukwenza okuningi ngokuthanda kwami, ngithola ukwaneliseka ngokwazi ukuthi ngiye ngakwazi ukusiza abaningi ukuba bafunde izinjongo zikaJehova futhi babe yizinceku zakhe ezizinikezele. Ngiyakujabulela nokuxoxa nabafowethu nodadewethu abangamaKristu abaningi ngangokunokwenzeka lapho bevakashele igatsha lethu; ngiba nomuzwa wokuthi siyakhuthazana.

Kuye kwangiqinisa kakhulu ukwazi ukuthi uJehova uyayazisa inkonzo esimenzela yona nokuthi lokho esiye sakwenza akulona ize. (1 Korinte 15:58) Naphezu kokulinganiselwa kwami nokugula, ngiye ngawalalela amazwi eyabaseKolose 3:23, 24 athi: “Noma ngabe yini eniyenzayo, yisebenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu, ngoba niyazi ukuthi umvuzo ofanele wefa niyowuthola kuJehova.” Ngokuvumelana nalesi siyalo, ngiye ngafunda ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke naphezu kokulingwa.

[Isithombe ekhasini 24]

Ngo-1942 ngiseyiphayona

[Isithombe ekhasini 24]

Umkami waqala isabelo sakhe sezithunywa zevangeli eMexico ngo-1947

[Isithombe ekhasini 24]

Ngino-Esther namuhla

[Izithombe ekhasini 26]

Phezulu kwesobunxele: Umkhaya wethu waseBethel yaseMexico ngo-1952, mina ngingaphambili

Ngenhla: Kwakubuthene abangaphezu kuka-109 000 kule nkundla yaseMexico City emhlanganweni wesigodi wango-1999

Ngezansi kwesobunxele: Izakhiwo zethu zegatsha ezintsha esezizophela