Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe igama elithi “mhlawumbe” kuZefaniya 2:3 lisho ukuthi izinceku zikaNkulunkulu azinasiqiniseko sokuthi ziyothola ukuphila okuphakade?

Lo mBhalo ufundeka kanje: “Funani uJehova, nonke nina abamnene bomhlaba, enisigcinile isinqumo saKhe sokwahlulela. Funani ukulunga, funani ubumnene. Mhlawumbe ningase nisitshekelwe ngosuku lwentukuthelo kaJehova.” Kungani leli vesi lithi “mhlawumbe”?

Ukuze siqonde indlela uJehova ayosebenzelana ngayo nabathembekile e-Armagedoni, kuyasiza ukukhumbula lokho iBhayibheli elikufundisayo ngalokho uNkulunkulu ayokwenzela labo abafa ngaphambi kwaleso sikhathi sokwahlulela. Abanye bayovuselwa ekuphileni kokungafi njengezidalwa zomoya emazulwini, kanti abanye bayovuselwa emhlabeni benethemba lokuphila phakade ePharadesi. (Johane 5:28, 29; 1 Korinte 15:53, 54) Uma uJehova eyokhumbula futhi eyobavuza abaqotho bakhe abafa ngaphambi kwe-Armagedoni, ngokuqinisekile, uyokwenza okufanayo nasezincekwini zakhe eziyobe ziphila ngosuku lwentukuthelo yakhe.

Amazwi aphefumulelwe omphostoli uPetru nawo ayakhuthaza. Wabhala: “[UNkulunkulu wagcina] uNowa, umshumayeli wokulunga, ephephile nabanye abayisikhombisa lapho eletha uzamcolo phezu kwezwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu; futhi [w]alahla imizi yaseSodoma naseGomora ngokuyenza ibe umlotha, . . . futhi [w]akhulula uLoti . . . UJehova uyayazi indlela yokukhulula ekulingweni abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, kodwa agcinele abantu abangalungile usuku lokwahlulelwa ukuze banqunywe.” (2 Petru 2:5-9) Nakuba uJehova ababhubhisa abantu ababi besikhathi esidlule, wabasindisa oNowa noLoti, ababemkhonza ngokwethembeka. UJehova uyobasindisa nabantu abazinikele kuye lapho ebhubhisa ababi e-Armagedoni. “Isixuku esikhulu” sabantu abalungile siyosinda.—IsAmbulo 7:9, 14.

Ngakho, kubonakala sengathi elithi “mhlawumbe” kuZefaniya 2:3 alisetshenziswa ngenxa yokuthi kungatshazwa ukuthi uNkulunkulu angabasindisa labo abavunyelwa nguye. Kunalokho, okushiwoyo ukuthi umuntu uqala ukuba namathuba okusinda ngosuku lwentukuthelo kaJehova lapho eqala ukufuna ukulunga nobumnene. Ukuthi uyosinda noma cha kuyoxhomeka ekuqhubekeni kwakhe efuna ubumnene nokulunga.—Zefaniya 2:3.

[Isithombe ekhasini 31]

“UJehova uyayazi indlela yokukhulula ekulingweni abantu abanokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu”