Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Gxila Kulokho UJehova Akwenzele Kona

Gxila Kulokho UJehova Akwenzele Kona

Gxila Kulokho UJehova Akwenzele Kona

NGEMVA nje kokuba uJesu evusiwe, abafundi bakhe ababili babeya e-Emawuse besuka eJerusalema. IVangeli likaLuka lithi, “Njengoba [babekhuluma] futhi bexoxa, uJesu ngokwakhe wasondela wahambisana nabo; kodwa amehlo abo avinjwa ukuba babone ukuthi ungubani.” Wathi kubo: “‘Zindaba zini lezi eniphikisana ngazo phakathi kwenu njengoba nihambisana na?’ Bema ubuso babo budabukile.” Kungani babedabukile? Abafundi babenombono wokuthi uJesu wayeyokhulula u-Israyeli ekubusweni abeZizwe ngaleso sikhathi, kodwa akubanga njalo. Kunalokho, uJesu wayebulewe. Yingakho babedabukile.—Luka 24:15-21; IzE. 1:6.

UJesu wabe esebonisana nalaba bafundi. “Eqala kuMose nakubo bonke abaProfethi wabachazela izinto eziphathelene naye kuyo yonke imiBhalo.” Yiqiniso, phakathi nenkonzo kaJesu kwakwenzeke izinto eziningi ezibalulekile neziqinisa ukholo! Njengoba abafundi babelalele uJesu ebachazela, isimo sabo sengqondo sashintsha bayeka ukudabuka bajabula. Kusihlwa ngalolo suku, bathi: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi endleleni, njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?” (Luka 24:27, 32) Isiphi isifundo esingasifunda endleleni laba bafundi bakaJesu abasabela ngayo?

Siphatheka Kanjani Lapho Esikulindele Kungagcwaliseki?

Abafundi ababili ababesendleleni eya e-Emawuse babedabukile ngoba ababekulindele kwakungenzekanga. Kwaba njengoba nje kuchazwe encwadini yezAga 13:12: “Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo.” Ngokufanayo, abanye bethu asebekhonze uJehova ngokwethembeka amashumi eminyaka babecabanga ukuthi ngalesi sikhathi “usizi olukhulu” lwaluyobe selufike lwaze lwadlula. (Math. 24:21; IsAm. 7:14) Okwamanje kuyaqondakala ukuthi ukungagcwaliseki kwalokho obekulindelwe kungabangela ukudabuka.

Nokho, khumbula ukuthi labo bafundi ababili babuye bajabula ngemva kokuba uJesu ebasize ukuba bagxile eziprofethweni ezase zigcwalisekile—ngisho nezazigcwaliseke esikhathini sabo. Singalondoloza injabulo yethu yangaphakathi futhi sikwazi ukubhekana nemizwa yokudumazeka ngendlela efanayo. UMichael, umdala ongumakadebona wathi: “Ungagxili kulokho uJehova angakakwenzi. Kunalokho, gxila kulokho asekwenzile.” Lesi iseluleko esihle ngempela!

Lokho UJehova Asekwenzile

Cabanga ngezinye zezinto eziphawulekayo uJehova asezifezile. UJesu wathi: “Obonisa ukholo kimi, lowo uyokwenza nemisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunale.” (Joh. 14:12) Namuhla, izinceku zikaNkulunkulu zifeza imisebenzi yobuKristu emikhulu kakhulu kuneyake yenziwa. Abantu abangaphezu kwezigidi eziyisikhombisa babheke phambili ekusindeni osizini olukhulu. Cabanga nje, kuyaqala ukuba uJehova abe nezinceku ezithembekile eziningi kangaka ezimatasa emazweni amaningi kangaka emhlabeni jikelele! UJehova uwenze agcwaliseka amazwi kaJesu ayeyisiprofetho mayelana ‘nemisebenzi emikhulu kunale.’

Yini enye uJehova asenzele yona? Wenze abanhliziyo ziqotho bakwazi ukuphuma ngokomfanekiso ezweni elibi, bangene epharadesi elingokomoya alenzile. (2 Kor. 12:1-4) Zinike isikhathi sokuzindla ngezinye zezici esizijabulelayo kulelo pharadesi. Ngokwesibonelo, bheka umtapo wakho wezincwadi noma oseHholo LoMbuso. Phenya amakhasi e-Watch Tower Publications Index, noma ubheke i-Watchtower Library. Lalela idrama yeBhayibheli eqoshiwe. Buyisa ngengqondo imisindo nezinto ezenzeke emhlanganweni wamuva. Ngaphezu kwalokho, cabanga ngobudlelwane obakhayo esibujabulela nabafowethu nodadewethu abangamaKristu. Yeka indlela uJehova abonise ngayo umoya wokupha ngokusinikeza inala yokudla okungokomoya nobuzalwane obunothando—ipharadesi elingokomoya isibili!

Umhubi uDavide wathi: “Ziningi izinto ozenzile, Jehova Nkulunkulu wami, ngisho nemisebenzi yakho emangalisayo nemicabango yakho kithi.” (IHu. 40:5) Yebo, ngokugxila ezintweni ezinhle uJehova asesenzele zona nangokuzindla ngemicabango emihle anayo ngathi, siyovuseleleka, sikhuthazele ngokwethembeka enkonzweni yethu yomphefumulo wonke esiyenzela uBaba wethu osezulwini, uJehova.—Math. 24:13.

[Isithombe ekhasini 31]

UJesu wasiza abafundi bakhe ukuba bagxile kulokho uJehova ayesebenzele kona

[Izithombe ekhasini 32]

Buyisa ngengqondo imisindo nezinto ezenzeke emhlanganweni wamuva