Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungazikhohlisi Ngokucabanga Okungamanga

Ungazikhohlisi Ngokucabanga Okungamanga

Ungazikhohlisi Ngokucabanga Okungamanga

NGEMVA kokuba u-Eva edle emthini owenqatshelwe, uNkulunkulu wambuza: “Yini le oyenzile?” U-Eva waphendula: “Inyoka—ingikhohlisile, ngadla.” (Gen. 3:13) USathane, inyoka enobuqili eyenza u-Eva wangamlalela uNkulunkulu, kamuva wabizwa ngokuthi “inyoka yokuqala, . . . [edukisa] umhlaba wonke owakhiwe.”—IsAm. 12:9.

Lokhu kulandisa okukuGenesise kuveza uSathane njengoyiqili, osebenzisa amanga ukuze akhohlise abangaqaphile. U-Eva wakhohliseka ngempela. Noma kunjalo, akufanele sicabange ukuthi nguSathane kuphela ongasidukisa. IBhayibheli lisixwayisa nangengozi ‘yokuzikhohlisa ngokucabanga okungamanga.’—Jak. 1:22.

Umcabango wokuzikhohlisa thina ungabonakala uyinto engenakwenzeka. Nokho, kunesizathu esenza uNkulunkulu asixwayise. Siyobe senza kahle ngokucabanga ngezindlela thina esingazikhohlisa ngazo nangohlobo lokucabanga okungamanga olungasidukisa. Isibonelo esingokomBhalo singasisiza.

Isibonelo Sabantu Abazikhohlisa

Cishe ngonyaka ka-537 B.C.E., uKoresi Omkhulu wasePheresiya wakhipha isinqumo esivumela amaJuda ayethunjelwe eBhabhiloni ukuba aphindele eJerusalema ayokwakha kabusha ithempeli. (Ezra 1:1, 2) Ngonyaka olandelayo, ngokuvumelana nenjongo kaJehova, abantu babeka isisekelo sethempeli elisha. Ababebuyile bajabula futhi badumisa uJehova ngokubusisa isiqalo salo msebenzi obalulekile. (Ezra 3:8, 10, 11) Kodwa ngokushesha, kwaba nabaphikisana nomsebenzi wabo okwabenza baphela amandla. (Ezra 4:4) Ngemva kweminyaka engaba ngu-15 bebuyile, iziphathimandla zasePheresiya zawumisa ngokuphelele umsebenzi wokwakha eJerusalema. Ukuze ziqiniseke ukuthi umile, izikhulu zezifunda zafika eJerusalema ‘zamisa amaJuda ngamandla ezikhali.’—Ezra 4:21-24.

Ebhekene nale nkiyankiya, amaJuda azikhohlisa ngokucabanga okungamanga. Azitshela: “Isikhathi asikafiki, isikhathi sendlu kaJehova, ukuba yakhiwe.” (Hag. 1:2) Aphetha ngokuthi kwakungeyona intando kaNkulunkulu ukuba ithempeli lakhiwe masinyane. Kunokuba afune indlela yokufeza intando yakhe, ashiya isabelo sawo esingcwele agxila ekuthuthukiseni imizi yawo. Umprofethi kaNkulunkulu uHagayi wawabuza ngokungagwegwesi: “Ingabe yisikhathi sokuba nina nihlale ezindlini zenu ezihlotshiswe ngamapulangwe, kuyilapho le ndlu [ithempeli likaJehova] iyincithakalo?”—Hag. 1:4.

Kukhona yini okufundayo kulesi sibonelo? Ukuba nombono ongafanele ngesikhathi sokufeza injongo kaNkulunkulu kungasenza singakuboni ukubaluleka kwemisebenzi yethu engokomoya bese siphazamiseka siphishekele izinto zethu siqu. Ngokwesibonelo, ake uzicabange ulindele izivakashi. Njengoba usalindile, ungase ube matasa ngemisebenzi yasekhaya ulungiselela zona. Nokho, ube usuthola umyalezo wokuthi zibambezelekile ngandlela-thile. Ingabe uzoyeka ukuzilungiselela?

Khumbula ukuthi uHagayi noZakariya basiza amaJuda ukuba aqonde ukuthi uJehova wayesafuna ithempeli lakhiwe ngaphandle kokulibala. UHagayi wawakhuthaza: “Yibani namandla, nonke nina bantu bezwe, . . . nisebenze.” (Hag. 2:4) Kwakudingeka aqhubeke nomsebenzi ayewuphathisiwe, eqiniseka ngokuthi umoya kaNkulunkulu wawuzowasekela. (Zak. 4:6, 7) Ingabe lesi sibonelo singasisiza ukuba sigweme ukufinyelela iziphetho ezingafanele ngosuku lukaJehova?—1 Kor. 10:11.

Ukukhipha Imicabango Engamanga Sifake Ehluzekile

Encwadini yakhe yesibili, umphostoli uPetru wakhuluma ngesikhathi sikaJehova sokuletha “amazulu amasha nomhlaba omusha.” (2 Pet. 3:13) Wakhuluma ngabanye abahleki bosulu abenza kungabazeke ukuthi uNkulunkulu uyoke angenele ezindabeni zesintu. Babezikhohlisa ngokuthi ngeke kwenzeke lutho, bethi “zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashí nasekuqaleni kwendalo.” (2 Pet. 3:4) UPetru wayefuna ukulungisa lokho kucabanga okuyiphutha. Wabhala: ‘Ngivusa amandla enu okucabanga ngokucacile, ngendlela yokunikhumbuza.’ Wakhumbuza amaKristu ayekanye nawo ukuthi labo bahleki bosulu babenza iphutha. UNkulunkulu wayeke wangenela ezindabeni zesintu ngokuletha uzamcolo owabhubhisa umhlaba wonke.—2 Pet. 3:1, 5-7.

Ngo-520 B.C.E. uHagayi wawakhuthaza ngendlela efanayo amaJuda ayesedikibele, ayeka umsebenzi. Waweluleka: “Bekani inhliziyo yenu ezindleleni zenu.” (Hag. 1:5) Ukuze avuse ikhono labo lokucabanga, wakhumbuza abakhulekeli ayekanye nabo ngezinjongo nangezithembiso zikaNkulunkulu ngokuphathelene nabantu baKhe. (Hag. 1:8; 2:4, 5) Ngokushesha ngemva kwaleso sikhuthazo, umsebenzi wokwakha waphinde waqalwa—nakuba kwakunomyalo ongokomthetho owuvimbelayo. Abaphikisi baphinde bazama ukumisa umsebenzi wokwakha, kodwa abazange baphumelele. Umyalo ovimbelayo owawukhishiwe wahoxiswa futhi ithempeli laqedwa ngeminyaka emihlanu.—Ezra 6:14, 15; Hag. 1:14, 15.

Ukubeka Izinhliziyo Zethu Ezindleleni Zethu

Ingabe ucabanga ukuthi lapho sibhekana nobunzima nathi singaphela amandla, njengamaJuda osuku lukaHagayi? Uma kungenzeka lokho, singakuthola kunzima ukulondoloza intshiseko yethu yokushumayela izindaba ezinhle. Kodwa yini engasiqeda amandla? Singase siphatheke kabi lapho sibona ukungabi nabulungisa kwalesi simiso sezinto. Cabanga ngoHabakuki, owabuza: “Kumelwe ngikhalele usizo isikhathi esingakanani ukuze uzwe, ukuze usisindise ebudloveni?” (Hab. 1:2, Today’s English Version) Ngenxa yalokho abanye abangase bakubheke njengokwephuza, umKristu angase aphelelwe umuzwa wokuphuthuma aphishekele ukuphila kokunethezeka. Ucabanga ukuthi kungenzeka kuwe lokho? Uma sicabanga ngaleyo ndlela, siyobe siyazikhohlisa. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba silalele iseluleko esingokomBhalo sokuba ‘sibeke izinhliziyo zethu ezindleleni zethu’ futhi ‘sivuse amandla ethu okucabanga ngokucacile’! Singazibuza, ‘Kufanele yini kungimangaze ukuthi lesi simiso sezinto esibi sesidonse isikhathi eside kunebengisicabanga?’

Inkathi Eyabikezelwa IBhayibheli

Yima ucabange ngamazwi kaJesu ngesiphelo sesimiso sezinto. Ukulandisa kukaMarku okuphathelene nesiprofetho sikaJesu sezinsuku zokugcina kwembula ukuthi uJesu wasiyala ngokuphindaphindiwe ukuba sihlale silindile. (Marku 13:33-37) Sithola isixwayiso esifanayo esiprofethweni esichaza usuku olukhulu lukaJehova e-Armagedoni. (IsAm. 16:14-16) Kungani sixwayiswa kaningi kangaka? Izikhumbuzo ezinjengalezi ziyadingeka lapho abantu besengozini yokulahlekelwa umuzwa wokuphuthuma ngenxa yokuthi sebelinde isikhathi esibonakala siside kakhulu.

UJesu wafanekisa isidingo sokuhlala siphapheme njengoba silinde ukuphela kwalesi simiso sezinto. Wakhuluma ngomninindlu ogqekezelwe. Wayengakuvimbela kanjani lokho? Ngokuhlala ephapheme ubusuku bonke. UJesu waphetha lo mfanekiso ngokuseluleka: “Yibani abakulungele, ngoba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.”Math. 24:43, 44.

Lowo mfanekiso ubonisa ukuthi kudingeka sikulungele ukulinda, ukulinda ngisho isikhathi eside. Akufanele sikhathazeke ngokweqile ngokuthi lesi simiso esibi sesiqhubeke isikhathi eside kunebesisicabanga. Akufanele sizikhohlise ngokucabanga okungamanga kokuthi ‘isikhathi sikaJehova asikafiki.’ Ukucabanga okunjalo kuyofiphaza isifiso sethu sokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso.—Roma 12:11.

Ukukhipha Konke Ukucabanga Okungamanga

Mayelana nokucabanga okungamanga isimiso esikweyabaseGalathiya 6:7 siyasebenza: “Ningadukiswa . . . Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” Uma kungatshalwe lutho ensimini, kulula ukuba igcwale ukhula. Ngokufanayo uma singawavusi amandla ethu okucabanga ngokucacile, ukucabanga okungamanga kungakhela ezingqondweni zethu. Ngokwesibonelo, singase sithi, ‘Nakanjani usuku lukaJehova luzofika—kodwa hhayi manje.’ Ukuluhlehlisa kanjalo kungasenza siyekethise emisebenzini yethu engokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi, singase siqale ukudebeselela isimiso sethu sezinto ezingokomoya. Usuku lukaJehova lungabe selusizuma.—2 Pet. 3:10.

Nokho, ukucabanga okungamanga ngeke kwakhele ezingqondweni zethu uma siqhubeka sizitholela ngokwethu “okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Ukufunda iZwi likaNkulunkulu njalo kungenye yezindlela ezingcono kakhulu zokusisiza kulokhu. ImiBhalo ingasenza siqiniseke ngokuthi ngaso sonke isikhathi uJehova wenza izinto ngesikhathi esimisiwe.—Hab. 2:3.

Ukutadisha, ukuthandaza, ukuba khona njalo emihlanganweni nokushumayela kanye nezenzo zomusa ezibonisa uthando kuzosisiza ‘sikukhumbule njalo ukufika kosuku lukaJehova.’ (2 Pet. 3:11, 12) UJehova uyokuqaphela ukuqinisela kwethu. Umphostoli uPawulu uyasikhumbuza: “Masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—Gal. 6:9.

Ngokuqinisekile, manje akusona isikhathi sokuvumela ukucabanga okungamanga kusenze sicabange ukuthi usuku lukaJehova luhlehlisiwe. Kunalokho, lesi isikhathi sokuba siqinise izinhliziyo zethu ngoba usuku lukaJehova selusondele.

[Isithombe ekhasini 4]

UHagayi noZakariya bakhuthaza amaJuda ukuba akhe

[Isithombe ekhasini 5]

Ubezokwenzenjani umninindlu ukube ubazi ukuthi kuzofika isela?