Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zuza Ngokugcwele Ekufundeni IBhayibheli

Zuza Ngokugcwele Ekufundeni IBhayibheli

“Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu.”—ROMA 7:22.

1-3. Iziphi izinzuzo ezitholakala ngokufunda iBhayibheli nangokusebenzisa izimfundiso zalo?

“NGIMBONGA njalo uJehova lapho ngivuka ngokungisiza ukuba ngiqonde iBhayibheli.” La mazwi ashiwo udade osekhulile oselifunde lonke iBhayibheli izikhathi ezingaphezu kuka-40, futhi ongakayeki namanje. Udade othile osemusha wabhala ukuthi ukufunda iBhayibheli kuye kwamsiza ukuba abone ukuthi uJehova ungokoqobo. Ngenxa yalokho, uye wasondelana ngokwengeziwe noYise osezulwini. Wathi, “Angikaze ngijabule ngale ndlela kukho konke ukuphila kwami!”

2 Umphostoli uPetru wasikhuthaza sonke ukuba ‘sakhe ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi.’ (1 Pet. 2:2) Labo abanelisa lokho kulangazelela ngokutadisha iBhayibheli futhi basebenzise izimfundiso zalo banonembeza ohlanzekile futhi ukuphila kwabo kunenjongo. Baba nobuhlobo obuhlala njalo nalabo abathanda uNkulunkulu weqiniso futhi abamkhonzayo. Zonke lezi izizathu ezenza kufaneleke ‘ukuthanda umthetho kaNkulunkulu.’ (Roma 7:22) Kodwa kunezinye izinzuzo ezengeziwe kunalezi. Iziphi ezinye zazo?

3 Lapho uqhubeka ufunda ngoJehova neNdodana yakhe, nothando lwakho ngabo nangomakhelwane luyokhula. Ukuba nolwazi olunembile lwemiBhalo kukusiza ukuba ubone indlela uNkulunkulu maduze azosindisa ngayo isintu kulesi simiso esifayo. Uphathiswe isigijimi esikhuthazayo sezindaba ezinhle okufanele usihlanganyele nabantu enkonzweni yakho. UJehova uyokubusisa njengoba ufundisa abanye izinto oye wazazi ngokufunda iZwi lakhe.

FUNDA FUTHI UZINDLE

4. Kusho ukuthini ukufunda iBhayibheli “ngezwi eliphansi”?

4 UJehova akafuni ukuba izinceku zakhe zisheshe lapho zifunda iZwi lakhe. Watshela uJoshuwa wasendulo: “Le ncwadi yomthetho akufanele isuke emlonyeni wakho, futhi kumelwe uyifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini.” (Josh. 1:8; IHu. 1:2) Ingabe lo myalo  usho ukuthi kufanele uwaphimisele ngokoqobo ngezwi eliphansi wonke amazwi owafundayo kusukela kuGenesise kuze kube sencwadini yesAmbulo? Cha. Kusho ukuthi kufanele ufunde ngejubane elikuvumela ukuba uzindle. Lapho ufunda iBhayibheli “ngezwi eliphansi,” kuyokusiza ukuba unake izingxenye eziwusizo neziyisikhuthazo ngokukhethekile kuwe ngaleso sikhathi. Lapho uthola amazwi, amavesi noma ukulandisa okunjalo, wafunde ngokunensa, mhlawumbe uze unyakazise izindebe ube ungaphimiseli. Lapho ulithola lonke iphuzu lalowo mBhalo, ungase uthinteke ngendlela ejulile. Kungani kubalulekile lokhu? Kungenxa yokuthi lapho uwuthola umqondo weseluleko sikaNkulunkulu ushukumiseleka ngendlela enamandla ukuba usisebenzise.

5-7. Bonisa indlela ukufunda iZwi likaNkulunkulu ngezwi eliphansi okungase kukusize ngayo ukuba (a) uhlale uhlanzekile ngokokuziphatha; (b) ube nesineke nomusa kwabanye; (c) uhlakulele ukuthembela kuJehova ngisho nasezikhathini ezinzima.

5 Ukufunda ngezwi eliphansi kuwusizo lapho ufunda izincwadi zeBhayibheli ongazijwayele. Ngokwesibonelo, ake ucabangele lezi zimo ezintathu. Esokuqala, cabanga ngomzalwane osemusha osefinyelele encwadini yesiprofetho sikaHoseya ekufundeni kwakhe iBhayibheli. Esahlukweni 4, uyama ngemva kokufunda amavesi 11-13 ngezwi eliphansi. (Funda uHoseya 4:11-13.) Kungani? Uyawanaka la mavesi ngoba ubelokhu ekuthola kunzima ukumelana nengcindezi yokuziphatha kabi esikoleni. Uzindla ngala mavesi abese ecabanga: ‘UJehova uyazibona izinto ezimbi abantu abazenza ngisho besekusithekeni. Angifuni ukumzwisa ubuhlungu.’ Lo mzalwane uzimisela ukuhlale ehlanzekile phambi kukaNkulunkulu.

6 Kwesesibili, udade ufunda isiprofetho sikaJoweli futhi ufika esahlukweni 2, ivesi 13. (Funda uJoweli 2:13.) Njengoba efunda lelo vesi ngezwi eliphansi, uzindla ngendlela okufanele alingise ngayo uJehova, ‘onomusa nesihe, owephuza ukuthukuthela futhi ochichima umusa wothando.’ Unquma ukuzama ukuyeka ukubhuqa noma ukuba nolaka ngezinye izikhathi lapho ekhuluma nomyeni wakhe noma nabanye abantu.

7 Esesithathu, cabanga ngobaba ongumKristu ophelelwe umsebenzi futhi okhathazeke ngenhlalakahle yomkakhe nezingane zakhe. KuNahume 1:7, ufunda ngezwi eliphansi ukuthi uJehova “uyabazi labo abafuna isiphephelo kuye” futhi uyabavikela abe ‘njengesiphephelo ngosuku lokucindezeleka.’ Lowo mcabango uyamduduza. Uzwa ukunakekela kukaJehova kothando abese eyeka ukukhathazeka ngokweqile. Ube esefunda ivesi 15 ngezwi eliphansi. (Funda uNahume 1:15.) Umfowethu uyabona ukuthi ngokushumayela izindaba ezinhle ezikhathini ezinzima, ubonisa ukuthi ngempela ubheka uJehova njengesiphephelo sakhe. Nakuba eqhubeka efuna umsebenzi wokuziphilisa, manje useshukumiseleka nokuba asekele inkonzo yasensimini yaphakathi nesonto.

8. Xoxa kafushane ngegugu elingokomoya owalithola ekufundeni kwakho iBhayibheli.

8 Amaphuzu azuzisayo esisanda kukhuluma ngawo athathwe ezincwadini zeBhayibheli abanye abangase bazibheke njengezilukhuni. Njengoba ufunda incwadi kaHoseya, uJoweli noNahume unesifiso sokuthola lokho ezisifundisa khona, ungase uthande ukufunda namanye amavesi akuzo ngezwi eliphansi. Cabanga ngokuhlakanipha nenduduzo oyokuthola ngokufunda izincwadi zalaba baprofethi! Kuthiwani ngalo lonke iBhayibheli? IZwi likaNkulunkulu linjengemayini yedayimane ekhiqizayo. Yimbisise leyo mayini! Yebo, funda lonke iBhayibheli unomgomo wokuthola amagugu ayisiqondiso sikaNkulunkulu nesiqinisekiso sakhe.

LWELA UKUQONDA

9. Singakuthuthukisa kanjani ukuqonda kwethu intando kaNkulunkulu?

9 Nakuba kubalulekile ukuba ufunde ingxenye ethile eBhayibhelini nsuku zonke, kudingeka ukuqonde okufundayo. Ngakho-ke,  zisebenzise kahle izincwadi zenhlangano kaJehova ekucwaningeni ngabantu, izindawo nangezenzakalo ofunda ngazo. Noma uma uzibuza ukuthi imfundiso ethile yeBhayibheli ingakuthinta kanjani ukuphila kwakho, ungase ucele umdala ebandleni noma omunye umKristu ovuthiwe ukuba akusize. Ukuze sibone ukubaluleka kokuthuthukisa ukuqonda kwethu, ake sicabangele isibonelo somKristu othile wekhulu lokuqala owalwela ukwenza lokho kanye. Igama lakhe kwakungu-Apholo.

10, 11. (a) U-Apholo wasizwa kanjani ukuba athuthuke njengesikhonzi sezindaba ezinhle? (b) Singafundani endabeni ka-Apholo? (Bheka ibhokisi elithi “Ingabe Okufundisayo Kuhambisana Nokuqonda Kwamuva?”)

10 U-Apholo wayengumKristu ongumJuda ‘owayenolwazi oluhle lwemiBhalo’ futhi “evutha emoyeni.” Incwadi yezEnzo ilandisa lokhu ngaye: “Wakhuluma futhi wafundisa ngokuqondile ngezinto eziphathelene noJesu, kodwa ejwayelene nobhapathizo lukaJohane kuphela.” Engazi, u-Apholo wayefundisa abantu incazelo eyayingasahambisani nokuqonda kwangaleso sikhathi ngokuphathelene nobhapathizo. Ngemva kokumuzwa efundisa e-Efesu, umbhangqwana othile, uPrisila no-Akhwila, ‘wamchazela indlela kaNkulunkulu ngokuqonde ngokwengeziwe.’ (IzE. 18:24-26) Kwamzuzisa kanjani lokhu u-Apholo?

11 Ngemva kokushumayela e-Efesu, u-Apholo waya e-Akhaya. “Lapho efika khona, wabasiza kakhulu labo ababekholwe ngenxa yomusa ongafanelwe kaNkulunkulu; ngoba wabonisa ngokuphelele ukuthi amaJuda ayenephutha, kuyilapho ebonisa ngemiBhalo ukuthi uJesu unguKristu.” (IzE. 18:27, 28) Ngaleso sikhathi, u-Apholo wakwazi ukuchaza ngokunembile okushiwo ubhapathizo lobuKristu. Ngalokho kuqonda okwengeziwe ayesenakho, “wabasiza kakhulu” abantu abasanda kukholwa ukuba bathuthuke ekukhulekeleni kweqiniso. Singafundani kule ndaba? Njengo-Apholo, silwela ukukuqonda lokho esikufunda eBhayibhelini. Nokho, lapho  umKristu onokuhlangenwe nakho esikisela indlela yokufundisa ephumelela ngokwengeziwe, sifuna ukulwamukela lolo sizo ngokuthobeka futhi sibonge. Uma senza kanjalo, izinga lenkonzo yethu engcwele liyothuthuka.

SEBENZISA OKUFUNDAYO UKUZE USIZE ABANYE

12, 13. Bonisa indlela ukusebenzisa imiBhalo ngokuhlakanipha okungasiza ngayo abantu abafundelwayo ukuba bathuthuke.

12 NjengoPrisila, u-Akhwila no-Apholo, nathi singaba isibusiso kwabanye. Uzizwa kanjani lapho isikhuthazo sakho sisiza umuntu othakazelayo ukuba anqobe into ethile ebiyisithiyo entuthukweni yakhe engokomoya? Noma, uma ungumdala, uzizwa kanjani lapho umkhulekeli okanye naye ekubonga ngeseluleko esingokomBhalo esamsiza ebunzimeni obuthile? Akungabazeki ukuthi ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze usize abanye ukuba bathuthukise ukuphila kwabo kuwumthombo wokwaneliseka nenjabulo. * Phawula indlela ongawufinyelela ngayo lowo mgomo.

13 Osukwini luka-Eliya, ama-Israyeli amaningi ayegxamalazile phakathi kokukhulekela kweqiniso nokwamanga. Iseluleko u-Eliya awanika sona singasiza umuntu ofundelwayo omanqikanqika ozindelayo ukuthuthuka ngokomoya. (Funda eyoku-1 AmaKhosi 18:21.) Cabanga ngesinye isimo: Uma umuntu othakazelayo esaba indlela abangane noma abomndeni abayosabela ngayo, ungase umqinise ukuba aqhubeke nokuzimisela kwakhe ukukhulekela uJehova ngokuxoxa naye ngo-Isaya 51:12, 13.Funda.

14. Yini eyokusiza ukuba ukhumbule amavesi eBhayibheli lapho uwadinga ukuze usize abanye?

14 Kusobala ukuthi iBhayibheli linamazwi amaningi angakhuthaza, alungise noma aqinise labo abalifundayo. Kodwa ungase uzibuze, ‘Ngingayikhumbula kanjani imiBhalo lapho ngiyidinga?’ Funda iBhayibheli futhi uzindle ngemicabango kaNkulunkulu nsuku zonke. Ngaleyo ndlela, uyokwakha inqolobane yamazwi kaNkulunkulu, umoya kaJehova ongakusiza ukuba uwakhumbule lapho uwadinga.—Marku 13:11; funda uJohane 14:26. *

15. Yini eyokusiza ukuba uliqonde ngokwengeziwe iZwi likaNkulunkulu?

15 NjengeNkosi uSolomoni, thandaza kuJehova ucele ukuhlakanipha kokwenza izabelo zakho ezingokwasezulwini. (2 IziKr. 1:7-10) Njengabaprofethi bakudala, “phenya ngenkuthalo” futhi ‘uhlole ngokucophelela’ eZwini likaNkulunkulu ukuze uthole ulwazi olunembile ngaye nangentando yakhe. (1 Pet. 1:10-12) Umphostoli uPawulu wakhuthaza uThimothewu ukuba azondle “ngamazwi okholo nawemfundiso enhle.” (1 Thim. 4:6) Ngokwenza kanjalo, uyoba sesimweni esihle kakhulu sokusiza abanye ngokomoya. Ngesikhathi esifanayo, uyokwakha nolwakho ukholo.

ISIVIKELO ESIQINISEKILE ESISEKELWE EZWINI LIKANKULUNKULU

16. (a) ‘Ukuhlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke’ kwabazuzisa kanjani abaseBhereya? (b) Kungani ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kubaluleke kakhulu kithi namuhla?

16 AmaJuda aseBhereya eMakedoniya ayenomkhuba omuhle ‘wokuhlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke.’ Lapho uPawulu eshumayela izindaba ezinhle kulawo maJuda, ayeqhathanisa amazwi akhe nolwazi ayenalo ngemiBhalo. Waba yini umphumela? Amaningi aqiniseka ngokuthi wayewafundisa iqiniso, futhi “aba ngamakholwa.” (IzE. 17:10-12) Lokhu kubonisa ukuthi ukufunda iBhayibheli nsuku zonke  kusiza umuntu ukuba abe nokholo oluqinile kuJehova. Uma sifuna ukusinda singene ezweni elisha likaNkulunkulu, kubaluleke kakhulu ukuba sibe nalolo kholo, ‘oluwukulindelwa okuqinisekisiwe kwezinto ezithenjwayo.’—Heb. 11:1.

17, 18. (a) Uthando nokholo oluqinile kungayivikela kanjani inhliziyo yomKristu engokomfanekiso? (b) Ithemba lisivikela kanjani engozini?

17 UPawulu wayenesizathu esihle sokubhala: “Kepha thina esingabemini, masihlale sisangulukile futhi sigqoke isivikelo sesifuba sokholo nothando, sifake nethemba lensindiso njengesigqoko sokuzivikela.” (1 Thes. 5:8) Inhliziyo yesosha kudingeka ivikelwe ezitheni. Ngokufanayo, inhliziyo engokomfanekiso yomKristu kudingeka ivikelwe emandleni esono. Yini eyenzekayo lapho inceku kaJehova inokholo oluqinile ezithembisweni zaKhe futhi inothando ngaYe nangabanye abantu? Leyo nceku ifaka isivikelo sesifuba esingokomoya sezinga eliphezulu kakhulu. Cishe ngeke yenze izinto ezizoyilahlekisela ngomusa kaNkulunkulu.

18 UPawulu wakhuluma nangesigqoko, ‘ithemba lensindiso.’ Uma isosha langezikhathi zeBhayibheli lingalivikele ikhanda, lalingabulawa kalula empini. Kodwa uma ligqoke isigqoko esiqinile, lalingasinda lapho lishayeka ekhanda lingalimali kakhulu. Ukholo ezenzweni zikaJehova zokusindisa silwakha ngokutadisha iZwi lakhe. Ithemba eliqinile lisenza sikwazi ukumelana nezihlubuki ‘nezinkulumo zazo ezingenangqondo’ ezinjengesilonda esibhibhayo. (2 Thim. 2:16-19) Ithemba lethu liyosiqinisa lisenze sikwazi ukwenqaba lapho abanye besiholela ekuziphatheni uJehova akulahlayo.

ISIHLUTHULELO SOKUSINDA

19, 20. Kungani silazisa kakhulu iZwi likaNkulunkulu, futhi sibonisa kanjani ukuthi siyalazisa? (Bheka ibhokisi elithi “UJehova Unginika Lokho Kanye Engikudingayo.”)

19 Njengoba singena shi esikhathini sokuphela, kudingeka sincike ngokwengeziwe eZwini likaJehova. Iseluleko esisithola kulo sisisiza ukuba silungise imikhuba emibi futhi silawule ukuthambekela kwethu esonweni. Ngesikhuthazo nangenduduzo yalo, siyophumelela ovivinyweni olubangelwa uSathane nezwe lakhe. Ngesiqondiso uJehova asinikeza eZwini lakhe, siyohlale sisendleleni eya ekuphileni.

20 Khumbula ukuthi intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe.” Izinceku zikaJehova ziphakathi kwazo “zonke izinhlobo zabantu.” Kunjalo nangalabo esingase sibasize ngomsebenzi wethu wokushumayela nokufundisa. Kodwa bonke abafuna ukuthola insindiso kumelwe babe ‘nolwazi olunembile lweqiniso.’ (1 Thim. 2:4) Ngakho ukusinda ezinsukwini zokugcina kuhambisana kakhulu nokufunda iBhayibheli nokusebenzisa iziqondiso zalo eziphefumulelwe. Yebo, ukufunda kwethu iBhayibheli nsuku zonke kubonisa ukuthi silazisa kakhulu kangakanani iZwi likaJehova eliyigugu leqiniso.—Joh. 17:17.

^ isig. 12 Yebo, asisebenzisi iseluleko seBhayibheli ukuze sicindezele noma sahlulele abanye. Kufanele sibe nesineke futhi sibe nomusa kumuntu ofundelwayo njengoba nje noJehova enesineke kithi.—IHu. 103:8.

^ isig. 14 Ungenzenjani uma ukhumbula amagama ayisihluthulelo omBhalo, kodwa ungakhumbuli ukuthi akuyiphi incwadi, isahluko noma ivesi? Cishe uyowuthola lowo mBhalo ngokubheka lawo magama ohlwini lwezikhombo olungasekugcineni eBhayibhelini, kuyi-Watchtower Library, noma kuyikhonkodensi ye-Nguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi.